U-Isaya 27:1-13
27 Ngalolo suku uJehova, ngenkemba yakhe ebukhali nenkulu neqinile, +Uyomjezisa uLeviyathani,* inyoka esheshayo,ULeviyathani, inyoka ethandelayo,Uyosibulala lesi silwane sasolwandle.
2 Ngalolo suku mculeleni lona wesifazane,* nithi:
“Insimu yamagilebhisi yewayini elinengwebu! +
3 Mina, Jehova, ngiyamqapha, +
Ngimnisela umzuzu nomzuzu. +
Ngimqapha ubusuku nemini,Ukuze kungabi namuntu omlimazayo. +
4 Angithukuthele neze. +
Ubani ozoza azolwa nami ephethe izihlahla zameva nokhula?
Ngizobanyathela ngibashise ngomlilo bonke.
5 Kunalokho makafune isivikelo esiphephelweni sami.
Makenze ukuthula nami;Enze ukuthula nami.”
6 Ezinsukwini ezizayo uJakobe uyomila izimpande,U-Israyeli uyoqhakaza ahlume, +Uyogcwalisa izwe ngomkhiqizo. +
7 Ingabe kufanele ashaywe ngomvimbo womuntu omshayayo?
Noma ingabe kufanele abulawe ngokucekwa kwabantu bakhe ababulewe?
8 Uyophikisana naye ngokumemeza okwethusayo lapho emxosha.
Uyomxosha ngokuqhuma kolaka lwakhe, ngosuku lomoya wasempumalanga. +
9 Ngakho-ke isiphambeko sikaJakobe siyohlawulelwa ngale ndlela, +Lesi kuyoba isithelo esiphelele lapho kususwa isono sakhe:
Uyokwenza wonke amatshe e-altareAbe njengamatshe kashoki agayiwe,Akukho zigxobo ezingcwele* noma izinti zezitsha zempepho eziyosala. +
10 Ngoba idolobha elinezivikelo eziqinile liyoshiywa dengwane;Amadlelo ashiywe dengwane njengehlane. +
Ithole liyoklaba khona, lilale khonaLidle amagatsha akhona. +
11 Lapho amahlumela alo esomile,Abesifazane bayoza bawaphule,Babase ngawo.
Ngoba lesi sizwe asiqondi. +
Yingakho uMenzi waso engeke asibonise isihe,NoMbumbi waso engeke asibonise umusa. +
12 Ngalolo suku uJehova uyovuthula izithelo, kusukela emfudlaneni ogelezayo woMfula* kuya eMhosheni* WaseGibhithe, + niyobuthwa omunye ngemva komunye, sizwe sakwa-Israyeli. +
13 Ngalolo suku kuyoshaywa uphondo olukhulu, + labo abashabalalayo ezweni lase-Asiriya + nalabo abahlakazekile ezweni laseGibhithe, + bayoza bafike bakhothame kuJehova entabeni engcwele eJerusalema. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Ngokusobala kushiwo u-Israyeli, lapha ubizwa ngowesifazane futhi ufaniswa nensimu yamagilebhisi.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Okuwukuthi, i-Ewufrathe.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.