U-Isaya 24:1-23
24 Bheka! UJehova uyaligeqa izwe,* ulenza incithakalo. +
Ulibhekisa phansi *+ ahlakaze abahlala kulo. +
2 Kuyokwenzeka okufanayo kuwo wonke umuntu:
Abantu kanye nabapristi,Inceku nenkosi yayo,Incekukazi nendlovukazi yayo,Umthengi nomthengisi,Umbolekisi nobolekayo,Okweletisayo nokweletayo. +
3 Izwe liyogeqwa ngokuphelele;Liyophangwa ngokuphelele, +Ngoba uJehova ulikhulumile leli zwi.
4 Izwe liyalila; *+ liyaphela.
Umhlaba uyabuna; uyashabalala.
Izikhulu zezwe ziphela amandla.
5 Izwe lingcoliswe abakhe kulo, +Ngoba bayishaye indiva imithetho, +Bashintsha isiqondiso, +Baphula isivumelwano esimi kuze kube phakade. *+
6 Yingakho izwe liba yincithakalo ngenxa yesiqalekiso, +Nalabo abahlala kulo babekwa icala.
Yingakho linciphile inani lezakhamuzi zezwe,Bambalwa kakhulu abantu abasele. +
7 Iwayini elisha liyalila,* izihlahla zamagilebhisi ziyabuna, +Bonke abathokozayo enhliziyweni bayabubula. +
8 Ukujabula ngamathamborini kuphelile;Umsindo wabajabulayo unqamukile;Umsindo omnandi wehabhu uphelile. +
9 Baphuza iwayini ngaphandle kwengoma.Utshwala buyababa kulabo ababuphuzayo.
10 Idolobhana elishiyiwe libhidlikile; +Zonke izindlu zivaliwe ukuze kungangeni muntu.
11 Bayamemeza befuna iwayini emigwaqweni.
Konke ukujabula kuphelile;Injabulo ayisekho ezweni. +
12 Idolobha selingamanxiwa;Isango licekelwe phansi laba yimvithi. +
13 Ngoba yile ndlela okuyoba ngayo ezweni, phakathi kwezizwe:
Njengalapho kuvuthuzwa isihlahla somnqumo, +Njengokukhothoza lapho ukuvunwa kwamagilebhisi sekuphelile. +
14 Bayomemeza,Bayomemeza ngenjabulo.
Bayomemezela ngobuhle bukaJehova + kusukela olwandle.*
15 Yingakho beyokhazimulisa uJehova esifundeni sokukhanya; +Eziqhingini zolwandle bayokhazimulisa igama likaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli. +
16 Sizwa izingoma zivela emkhawulweni womhlaba:
“Inkazimulo* KoLungile!” +
Kodwa ngithi: “Ngiphelelwa amandla, ngiphelelwa amandla!
Maye kimi! Abakhohlisayo bakhohlisile;Ngenkohliso abakhohlisayo bakhohlisile.” +
17 Ukwesaba nomgodi nezicupho kukulindile, wena owakhe ezweni. +
18 Noma ubani obaleka ngenxa yomsindo owesabisayo uyowela emgodini,Nanoma ubani ophuma emgodini uyobanjwa yisicupho. +
Ngoba amasango ezikhukhula aphezulu ayovuleka,Nezisekelo zezwe ziyozamazama.
19 Izwe liqhekekile;Izwe linyakazisiwe;Izwe lizamazama ngamandla. +
20 Izwe liyadiyazela njengomuntu odakiwe,Liya ngapha nangapha njengendlwana inyakaziswa umoya.
Lisindwa yiseqo salo, +Liyowa lingaphinde livuke.
21 Ngalolo suku uJehova uyolahlulela ibutho elisendaweni ephakemeNamakhosi omhlaba aphezu komhlaba.
22 Bayobuthelwa ndawonyeNjengeziboshwa zibuthelwa emgodini,Bayovalelwa ejele eliwumgodi;Ngemva kwezinsuku eziningi bayokwahlulelwa.*
23 Inyanga egcwele iyojabha,Nelanga elikhanyayo liyoba namahloni, +Ngoba uJehova wamabutho usebe yiNkosi + eNtabeni iZiyoni + naseJerusalema,Uyakhazimula phambi kwamadoda amadala esizwe sakhe. *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Uphendukezela ubuso balo.”
^ Noma, “umhlaba.”
^ Noma kungaba, “liyoma.”
^ Noma, “isivumelwano sasendulo.”
^ Noma kungaba, “liyaphela.”
^ Noma, “entshonalanga.”
^ Noma, “Umhlobiso.”
^ NgesiHebheru, “bayonakwa.”
^ NgesiHebheru, “kwamadoda akhe amadala.”