U-Isaya 17:1-14

  • Isimemezelo ngokumelene neDamaseku (1-11)

  • UJehova uzokhuza izizwe (12-14)

17  Isimemezelo ngokumelene neDamaseku: + “Bheka! IDamaseku ngeke lisaba yidolobha,Liyoba yizindunduma zamanxiwa. +   Amadolobha ase-Aroweri + ayoshiywa dengwane;Ayoba yizindawo okulala kuzo imihlambiKungekho muntu oyenza yesabe.   Amadolobha anezivikelo eziqinile ayoshabalala kwa-Efrayimi, +Nombuso uphele eDamaseku; +Inkazimulo yabasele baseSiriyaIyoshabalala njengenkazimulo yama-Israyeli,”* kusho uJehova wamabutho.   “Ngalolo suku inkazimulo kaJakobe iyoncipha,Nomzimba wakhe okhuluphele uyozaca.*   Kuyoba njengalapho umvuni ebutha ukudla okusanhlamvu okusamileNengalo yakhe ivuna izikhwebu zokusanhlamvu,Njengalapho umuntu ekhothoza okusanhlamvu eSigodini* SamaRefa. +   Kuyosala umkhothozo kuphela,Njengalapho kubhulwa isihlahla somnqumo: Kuyosala izithelo ezimbili noma ezintathu zomnqumo ezivuthiwe egatsheni eliphezulu,Kusale ezine noma ezinhlanu emagatsheni aso athelayo,” + kusho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.  Ngalolo suku, umuntu uyobheka phezulu kuMenzi wakhe, amehlo akhe ayogqolozela oNgcwele ka-Israyeli.  Ngeke abheke ama-altare, + umsebenzi wezandla zakhe; + ngeke agqolozele lokho iminwe yakhe ekwenzile, izigxobo ezingcwele* noma izinti zezitsha zempepho.   Ngalolo suku amadolobha akhe anezivikelo eziqinile ayoba njengendawo eshiywe dengwane ehlathini, +Njengegatsha elashiywa phambi kwama-Israyeli;Ayoba yihlane eliyincithakalo. 10  Ngoba umkhohliwe uNkulunkulu + wensindiso yakho;Awulikhumbulanga iDwala, + inqaba yakho. Yingakho utshala izitshalo ezinhle*Uzimise ngehlumela longaziwa.* 11  Emini uzibiyela ngobunono izitshalo zakho,Ekuseni wenza ukuba imbewu yakho ihlume,Kodwa isivuno siyonyamalala lapho uhlaselwa yisifo nobuhlungu obungelapheki. + 12  Lalela! Kunesiyaluyalu sezizwe eziningi,Ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle! Kunomsindo wezizwe,Umsindo wazo ufana nenhlokomo yamanzi anamandla! 13  Izizwe ziyokwenza umsindo onjengomsindo wamanzi amaningi. Uyozikhuza zibalekele kude,Zixoshwe njengamakhoba ezintaba epheshulwa umoya,Njengekhakhasi lipheshulwa yisivunguvungu. 14  Kusihlwa, kukhona ukwesaba. Ngaphambi kokuba kuse azisekho. Lesi yisabelo salabo abasiphangayoNenkatho yalabo abasintshontshelayo.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “yamadodana ka-Israyeli.”
NgesiHebheru, “Nenyama yakhe ekhuluphele iyozaca.”
Noma, “eThafeni Eliphansi.”
Noma, “ezimnandi.”
Noma, “likankulunkulu wezinye izizwe.”