U-Isaya 16:1-14

  • Umyalezo ngoMowabi uyaqhubeka (1-14)

16  Thumelani inqama kumbusi wezwe,Isuke eSela inqamule ehlaneIye entabeni yendodakazi yaseZiyoni.   Njengenyoni exoshwe esidlekeni sayo, +Kanjalo amadodakazi akwaMowabi ayoba semazibukweni ase-Arinoni. +   “Nikezani iseluleko, nikhiphe isinqumo. Nikezani isivikelo emini bebade ngesithunzi esimnyama njengobusuku. Bacashiseni abahlakazekile, ningabakhapheli labo ababalekayo.   Kwangathi abantu bami abahlakazekile bangahlala kuwe Mowabi. Yiba yindawo yabo yokucasha ngenxa yomuntu ocekela phansi. + Kuyophela ngomcindezeli,Ukucekela phansi kuyophela,Labo abanyathela abanye bayoshabalala emhlabeni.   Khona-ke isihlalo sobukhosi siyomiswa siqine ngothando oluqotho. Lowo ohlala kuso etendeni likaDavide uyothembeka; +Uyokwahlulela ngobulungisa, asheshe ukwenza ukulunga.” +   Sizwile ngokuziqhenya kukaMowabi—uziphakamisa kakhulu +Ukuqhosha kwakhe nokuziqhenya kwakhe nolaka lwakhe; +Kodwa izinkulumo zakhe ezingathi shu ziyoba yize.   UMowabi uyokhala ngenxa yenhlekelele emehlele;Bonke abakwaMowabi bayokhala kakhulu. + Abashayiwe bayokhalela amakhekhe amagilebhisi omisiwe aseKhiri-haresethi. +   Ngoba amasimu aseHeshibhoni + abunile,Insimu yamagilebhisi yaseSibhima, +Ababusi bezizwe bawanyathelile amagatsha ayo abomvu;*Ayesefinyelela eJazeri; +Ayesefinyelela ehlane. Amahlumela awo akhula aze afinyelela olwandle.   Yingakho ngizoyikhalela insimu yamagilebhisi yaseSibhima njengoba nje ngikhalela iJazeri. Ngizokumanzisa ngezinyembezi zami, Heshibhoni nawe Eliyale, +Ngoba ukumemeza ngenxa yezithelo zakho zasehlobo nangesivuno sakho sekuphelile.* 10  Ukuthokoza nokujabula kususiwe engadini yezithelo,Azikho izingoma zokujabula noma ukumemeza emasimini amagilebhisi. + Akukho wayini ezikhamweni zewayini umnyatheli alinyathelayo,Ngoba ngibangele ukuba ukumemeza kuphele. + 11  Yingakho inhliziyo yami ikhala ngoMowabi, +Njengokukhala kwehabhu,Nengaphakathi lami liyakhala ngeKhiri-haresethi. + 12  Ngisho noma uMowabi engazikhathaza endaweni ephakeme, aye kothandaza endlini yakhe engcwele, ngeke afeze lutho. + 13  Leli yizwi uJehova ayelikhulumile ngokuphathelene noMowabi. 14  Manje uJehova uthi: “Phakathi neminyaka emithathu, njengeminyaka yesisebenzi esiqashiwe,* inkazimulo kaMowabi iyohlazeka ngesiyaluyalu esikhulu salo lonke uhlobo, labo abasalayo bayoba mbalwa kakhulu, bangabi namandla.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “agcwele amagilebhisi abomvu.”
Noma kungaba, “Ngenxa yokuthi isililo sempi sehlele ezithelweni zakho zasehlobo nasesivunweni sakho.”
Noma, “emithathu ebalwa ngokucophelela njengoba isisebenzi esiqashiwe siyibala”; okuwukuthi, phakathi neminyaka emithathu ngokuqondile.