U-Isaya 15:1-9
-
Isimemezelo ngokumelene noMowabi (1-9)
15 Isimemezelo ngokumelene noMowabi: +
Ngenxa yokuthi linqotshwe ngobusuku obubodwa,I-Ari + lakwaMowabi lithulisiwe.
Ngenxa yokuthi linqontshwe ngobusuku obubodwa,IKhiri + lakwaMowabi lithulisiwe.
2 Abantu bakhuphukele eThempelini* naseDiboni, +Ezindaweni eziphakeme ukuze bayokhala.
UMowabi ulilela iNebo + neMedeba. +
Wonke amakhanda aphuciwe, + zonke izintshebe zigundiwe. +
3 Emigwaqweni yalo bagqoke indwangu yesaka.
Phezu kophahla lwezindlu zabo nasezigcawini zabo bonke bayalila;Bayehla bekhala. +
4 IHeshibhoni ne-Eliyale + kuyakhala;Izwi lawo lizwakala ngisho naseJahazi. +
Yingakho amadoda ahlomile akwaMowabi elokhu ememeza.
Abantu bethukile.
5 Inhliziyo yami iyamkhalela uMowabi.
Ababaleki bakhe babaleke baze bayofika eZowari + nase-Egilathi-shelishiya. +
Bayakhala njengoba bekhuphuka emqanseni waseLuhithe;Endleleni eya eHoronayimi bayakhala ngenxa yale nhlekelele. +
6 Ngoba amanzi aseNimrimi ashile;Utshani obuluhlaza bomile,Utshani buphelile, akusekho okuluhlaza.
7 Yingakho behamba nokusele kulokho ababekugcinile nomcebo wabo;Bawela isigodi* sobhabhulini.
8 Ngoba ukukhala kuzwakala kuyo yonke indawo yakwaMowabi. +
Isililo sizwakala e-Egilayimu;Isililo sizwakala eBheri-elimi.
9 Ngoba amanzi aseDimoni agcwele igazi,Kuningi engikugcinele iDimoni:
Abaphunyukile bakwaMowabi ngibabekele ibhubesiKanye nalabo abasele ezweni. +