U-Isaya 12:1-6

  • Ingoma yokubonga (1-6)

    • “UJah, uJehova uyizikhwepha zami” (2)

12  Ngalolo suku ngokuqinisekile uyothi: “O Jehova, ngiyakubonga,Ngoba nakuba wawungithukuthelele,Kancane kancane intukuthelo yakho yabohla wabe usungiduduza. +   Bheka! UNkulunkulu uyinsindiso yami. + Ngizothembela kuye futhi ngeke ngesabe; +Ngoba uJah,* uJehova uyizikhwepha zami namandla ami,Usebe yinsindiso yami.” +   Niyokha amanzi ngenjabuloEmithonjeni yensindiso. +   Ngalolo suku niyothi: “Mbongeni uJehova, nibize igama lakhe,Yenzani izenzo zakhe zaziwe phakathi kwezizwe! + Yishoni ukuthi igama lakhe liphakanyisiwe. +   Hubelani* uJehova, + ngoba uye wenza izinto ezimangalisayo. + Lokhu makumenyezelwe kuwo wonke umhlaba.   Memeza ngenjabulo wena ohlala* eZiyoni,Ngoba oNgcwele ka-Israyeli mkhulu phakathi kwakho.”

Imibhalo yaphansi

Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
Noma, “Mdlaleleni izinsimbi zomculo.”
NgesiHebheru, “wesifazane ohlala,” kubhekiselwa kubo bonke abantu abahlala khona ngokuthi owesifazane.