U-Isaya 10:1-34
10 Maye kulabo abamisa iziqondiso ezilimazayo, +Labo abahlale bebhala imithetho ecindezelayo,
2 Ukuze bangamenzeli ubulungisa ompofu,Ukuze bavimbele abaphansi phakathi kwabantu bami ukuba bangabutholi ubulungisa, +Bathathe impahla yabafelokazi,Baphange nempahla yezintandane! +
3 Niyokwenzenjani ngosuku lokujeziswa, +Lapho imbubhiso ifika ivela kude? +
Niyobalekela kubani ukuze nithole usizo, +Niyoyishiyaphi ingcebo* yenu?
4 Akukho lutho olusele ngaphandle kokuba umuntu akhothame phakathi kweziboshwaNoma abulawe kanye nababulewe.
Ngenxa yakho konke lokhu, akayekanga* ukuthukuthela,Kodwa isandla sakhe sisalokhu seluliwe ukuze abashaye. +
5 “Bheka, umAsiriya! +Uyinduku engibonisa ngayo intukuthelo yami, +Ngisebenzisa induku esesandleni sakhe ukuze ngijezise!
6 Ngizomthuma amelane nesizwe esihlubukayo, +Amelane nesizwe esingicasulile;Ngizomyala ukuba athathe impango eningi, ayiqhwageNokuba asinyathele njengodaka emigwaqweni. +
7 Kodwa ngeke kufike kuye ukwenza kanjaloInhliziyo yakhe ngeke icabange ngale ndlela;Ngoba ukuqothula kusenhliziyweni yakhe,Nokuqeda izizwe eziningi, hhayi nje ezimbalwa.
8 Ngoba uthi,‘Zonke izikhulu zami aziwona yini amakhosi? +
9 IKhalino + alifani yini ncamashi neKharikemishi? +
IHamati + alifani yini ne-Aripadi? +
ISamariya + alifani yini neDamaseku? +
10 Isandla sami sibambe imibuso yonkulunkulu abangasizi ngalutho,Imifanekiso yabo ebaziwe eyayiminingi kuneyaseJerusalema naseSamariya! +
11 Ngeke yini ngenze okufanayo kulo iJerusalema nasezithixweni zaloNjengoba nje ngenze kulo iSamariya nakonkulunkulu balo abangasizi ngalutho?’ +
12 “Lapho uJehova eqeda wonke umsebenzi wakhe eNtabeni iZiyoni naseJerusalema, uyojezisa* inkosi yase-Asiriya ngenxa yenhliziyo yayo edelelayo nangenxa yamehlo ayo aqhoshayo naziphakamisayo. +
13 Ngoba ithi,‘Ngizokwenza lokhu ngesandla sami esinamandlaNangokuhlakanipha kwami, ngoba ngihlakaniphile.
Ngizoyisusa imingcele yezizwe +Ngiphange ingcebo yazo, +Ngizozinqoba izakhamuzi njengonamandla. +
14 Isandla sami siyothatha umnotho walezi zizwe,Njengomuntu efaka isandla esidlekeni;Ngiyowubutha wonke umhlaba,Njengomuntu eqoqa amaqanda ashiywe wodwa!
Akukho muntu ozobhakuzisa amaphiko akhe noma ozovula umlomo noma atshiyoze.’ ”
15 Ingabe imbazo ingaziphakamisa ngaphezu kwalowo ocanda ngayo?
Isaha lingaziphakamisa yini ngaphezu kwalowo osaha ngalo?
Udondolo + lungamphakamisa yini lowo oluphethe?
Noma induku ingamphakamisa yini lowo ongelona ukhuni?
16 Ngakho-ke iNkosi yeqiniso, uJehova wamabutho,Iyobenza bazace abakhuluphele bayo, +Ngaphansi kwenkazimulo yayo iyokokhela umlilo ovutha amalangabi. +
17 UkuKhanya kuka-Israyeli + kuzoba ngumlilo, +ONgcwele wakhe abe yilangabi;Kuzovutha kushise ukhula lwakhe nezihlahla zakhe zameva ngosuku olulodwa.
18 Uzoyiqeda ngokuphelele inkazimulo yehlathi lakhe neyengadi yakhe yezithelo;Kuyoba njengalapho umuntu ogulayo ezaca ephela. +
19 Zonke ezinye izihlahla zehlathi lakheZiyoba mbalwa kakhulu kangangokuthi umfana omncane angazibala.
20 Ngalolo suku abasele bakwa-IsrayeliNabasindile bendlu kaJakobeNgeke besancika kulowo obahlaselayo; +Kodwa bayoncika kuJehova,ONgcwele ka-Israyeli, ngokwethembeka.
21 Yinsali kuphela eyobuya,Yinsali kaJakobe eyobuyela kuNkulunkulu Onamandla. +
22 Ngoba nakuba abantu bakho Israyeli,Bengangesihlabathi solwandle,Yinsali kuphela phakathi kwabo eyobuya. +
UNkulunkulu unqume ukubaqothula, +Bazobhekana nobulungisa. *+
23 Yebo, isinqumo seNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho sokubaqothula,Sizokwenziwa kulo lonke izwe. +
24 Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho, ekushoyo: “Ningesabi bantu bami abahlala eZiyoni, ngenxa yomAsiriya, owayenishaya ngenduku + nowayeniphakamisela udondolo lwakhe njengoba kwakwenza iGibhithe. +
25 Ngoba maduzane ukunilahla kuzophela; intukuthelo yami izongenza ngimbhubhise. +
26 UJehova wamabutho uzomphakamisela isiswebhu + njengalapho enqoba uMidiyani ngasedwaleni i-Orebi. + Udondolo lwakhe luyoba phezu kolwandle, uyoluphakamisa njengoba enza ngeGibhithe. +
27 “Ngalolo suku umthwalo wakhe uyosuka ehlombe lakho, +Nejoka lakhe entanyeni yakho, +Ijoka liyophuka + ngenxa yamafutha.”*
28 Ufikile e-Ayati; +Wadlula eMigironi;Wabeka imithwalo yakhe eMikimashi. +
29 Uwele ezibukweni;Wachitha ubusuku eGeba; +IRama liyathuthumela, iGibheya + likaSawule libalekile. +
30 Khala umemeze, ndodakazi yaseGalimi!
O Layisha, lalela.
Awu, Anathoti bandla! +
31 IMadimena libalekile.
Izakhamuzi zaseGebhimi zibalekele endaweni yokukhosela.
32 Ngalo kanye lolu suku uyoma eNobi. +
Uyisikaza ngenqindi intaba yendodakazi yaseZiyoni,Igquma laseJerusalema.
33 Bheka! INkosi yeqiniso, uJehova wamabutho,Inquma amagatsha, afohloke ngendlela eyesabekayo; +Izihlahla ezinde kakhulu ziyagawulwa,Eziphakeme ziyathotshiswa.
34 Ugawula ihlathi ngethuluzi lensimbi,*ILebhanoni liyowiswa ngonamandla.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “inkazimulo.”
^ Noma, “uNkulunkulu akayekanga.”
^ NgesiHebheru, “ngiyojezisa.”
^ Noma, “Bazojeziswa.”
^ Kungenzeka ukuthi kushiwo amafutha ayesetshenziselwa ukubasa, noma okwakugcotshwa ngawo amakhosi.
^ Noma, “ngembazo.”