UHoseya 12:1-14
12 “U-Efrayimi udla umoya.
Uxoshana nomoya wasempumalanga usuku lonke.
Wandisa amanga nobudlova.
Benza isivumelwano ne-Asiriya, + bayise amafutha eGibhithe. +
2 Kunecala uJehova okumelwe aliqulise uJuda; +Uyokwenza uJakobe alandise ngokwezindlela zakhe,Uyombuyisela ngokwezenzo zakhe. +
3 Esesibelethweni wabamba umfowabo ngesithende, +Walwa noNkulunkulu ngamandla akhe amakhulu. +
4 Waqhubeka elwa nengelosi wanqoba.
Wakhala, wanxusa umusa wayo.” +
UNkulunkulu wamthola eBhethele, wakhuluma nathi lapho. +
5 UJehova uNkulunkulu wamabutho, +Elithi Jehova yigama akhunjulwa ngalo. +
6 “Ngakho buyela kuNkulunkulu wakho, +Londa uthando oluqotho nobulungisa, +Thembela kuNkulunkulu wakho njalo.
7 Kodwa esandleni somhwebi* kukhona isikali senkohliso;Uyathanda ukuphamba abantu. +
8 U-Efrayimi uqhubeka ethi, ‘Impela, ngicebile; +Ngithole ingcebo. +
Kukho konke ukukhandleka kwami, ngeke bathole lutho olungalungile noma oluyisono.’
9 Kodwa mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kusukela ezweni laseGibhithe. +
Ngiyophinde ngikuhlalise ematendeniNjengasezinsukwini zesikhathi* esimisiwe.
10 Ngakhuluma nabaprofethi, +Ngayandisa imibono ababeyibona,Ngasho nemizekeliso ngisebenzisa abaprofethi.
11 Kube khona inkohliso* nokungelona iqiniso ngeGileyadi. +
Benze umhlatshelo ngezinkunzi eGiligali, +Ama-altare abo anjengezinqwaba zamatshe emiseleni yensimu. +
12 UJakobe wabalekela endaweni* yase-Aramu; *+U-Israyeli + wasebenza lapho ukuze athole umfazi, +Walusa izimvu ukuze athole umfazi. +
13 UJehova wamkhuphula u-Israyeli wamkhipha eGibhithe ngomprofethi, +Futhi wamqapha ngomprofethi. +
14 U-Efrayimi wamcasula kakhulu uNkulunkulu; +Icala lakhe legazi lisele naye;INkosi yakhe iyophindisela ngenxa yesihlamba sakhe.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “somthengisi.”
^ Noma kungaba, “zomkhosi.”
^ Noma, “izinto ezingaqondakali.”
^ NgesiHebheru, “ensimini.”
^ Noma, “yaseSiriya.”