Genesise 50:1-26

  • UJosefa ungcwaba uJakobe eKhanani (1-14)

  • UJosefa uqinisekisa abafowabo ngokuthi ubaxolele (15-21)

  • Izinsuku zokugcina zikaJosefa nokufa kwakhe (22-26)

    • Iziyalezo zikaJosefa ngamathambo akhe (25)

50  UJosefa wabe eseziphonsa kuyise + wamkhalela, wamqabula.  Ngemva kwalokho uJosefa wayala izinceku zakhe, odokotela, ukuba bagcobe* + uyise. Ngakho odokotela bamgcoba u-Israyeli,  bathatha izinsuku ezingu-40 ezigcwele, ngoba yilesi sikhathi esasidingeka ukuze kugcotshwe isidumbu futhi amaGibhithe aqhubeka emkhalela izinsuku ezingu-70.  Lapho sezidlulile izinsuku zokumlilela, uJosefa wakhuluma nezikhulu zikaFaro,* wathi: “Uma ngithole umusa kini, ngidluliseleni lo myalezo kuFaro:  ‘Ubaba wangifungisa, + wathi: “Bheka! Sengiyafa. + Kumelwe ungingcwabe endaweni yami + engazilungisela yona ezweni laseKhanani.” + Ngicela ungivumele ngikhuphuke ngiyongcwaba ubaba, ngemva kwalokho ngizobuya.’”  UFaro waphendula: “Hamba uyongcwaba uyihlo njengoba nje akufungisa.” +  Ngakho uJosefa wakhuphuka wayongcwaba uyise, zonke izinceku zikaFaro zahamba naye, amadoda amadala + endlu yakhe nawo wonke amadoda amadala asezweni laseGibhithe  nabo bonke abomndeni kaJosefa nabafowabo nomndeni kayise. + Bashiya abantwana babo abancane nemihlambi yabo kuphela ezweni laseGosheni.  Kwakhuphuka kanye naye izinqola + nabagibeli bamahhashi, iqembu lalilikhulu kakhulu. 10  Bafika esibuyeni* sase-Athadi, esisesifundeni saseJordani, bafike balila kakhulu ngendlela edabukisayo, uJosefa waqhubeka elilela uyise izinsuku eziyisikhombisa. 11  Abantu bakulelo zwe, amaKhanani, bababona belila esibuyeni sase-Athadi, bababaza bathi: “Yisililo esikhulu samaGibhithe!” Yingakho saqanjwa ngokuthi i-Abela-mizirayimi,* esesifundeni saseJordani. 12  Ngakho amadodana akhe enza njengoba nje ayewayalile. + 13  Amadodana akhe amthwala amyisa ezweni laseKhanani amngcwaba emhumeni wensimu yaseMakaphela, insimu ephambi kwaseMamre u-Abrahama ayeyithenge ku-Efroni umHeti njengendawo yokungcwaba. + 14  Ngemva kokungcwaba uyise, uJosefa wabuyela eGibhithe nabafowabo nabo bonke ababehambe naye beyongcwaba uyise. 15  Lapho abafowabo bakaJosefa bebona ukuthi uyise wayesefile, bathi: “Kungenzeka ukuthi uJosefa ufukamele inzondo ngathi futhi uzoziphindiselela kithi ngakho konke okubi esikwenze kuye.” + 16  Ngakho bathumela umyalezo kuJosefa: “Uyihlo wakhipha lo myalo ngaphambi kokuba afe: 17  ‘Yilokhu eniyokusho kuJosefa: “Ngiyakuncenga, siza uxolele isiphambeko sabafowenu nesono abasenza ngokwenza okubi kuwe.”’ Manje sicela uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala lapho bekhuluma naye. 18  Ngemva kwalokho abafowabo beza bawa phambi kwakhe bathi: “Bheka, sifana nezigqila kuwe!” + 19  UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Ingabe ngisesikhundleni sikaNkulunkulu? 20  Nakuba nina nanifuna ukungilimaza, + uNkulunkulu wayehlose ukukushintsha lokho asindise abantu abaningi, njengoba enza namuhla. + 21  Ngakho manje ningesabi. Mina ngizoqhubeka ngininika ukudla nina nabantwana benu abancane.” + Wabaduduza wabaqinisekisa. 22  UJosefa waqhubeka ehlala eGibhithe, yena nomndeni kayise, futhi waphila iminyaka engu-110. 23  Wabona isizukulwane sesithathu samadodana ka-Efrayimi, + namadodana kaMakiri, + indodana kaManase. KuJosefa ayefana nezingane zakhe.* 24  Ekugcineni uJosefa wathi kubafowabo: “Sengiyafa, kodwa ngokuqinisekile uNkulunkulu uyoninaka, + nakanjani uyonikhuphula anikhiphe kuleli zwe aniyise ezweni afunga ngalo ku-Abrahama, ku-Isaka nakuJakobe.” + 25  Ngakho uJosefa wafungisa amadodana ka-Israyeli, wathi: “Nakanjani uNkulunkulu uyoninaka. Kumelwe nithathe amathambo ami niwakhuphule niwakhiphe lapha.” + 26  UJosefa wafa eneminyaka engu-110, bamgcoba + ukuze angaboli, wayesefakwa ebhokisini lokungcwaba eGibhithe.

Imibhalo yaphansi

Lena inqubo yokugcoba isidumbu ngezinto ezifana namafutha anuka kamnandi ukuze singaboli.
Noma, “nendlu kaFaro.”
Indawo okubhulelwa kuyo ukudla okusanhlamvu.
Incazelo: “Ukulila KwamaGibhithe.”
NgesiHebheru, “Azalelwa emadolweni kaJosefa.” Okuwukuthi, aphathwa njengamadodana akhe aboniswa umusa okhethekile.