Genesise 49:1-33

  • Isiprofetho esashiwo uJakobe esezofa (1-28)

    • UShilo wayeyovela kuJuda (10)

  • Iziyalezo zokungcwatshwa kukaJakobe (29-32)

  • Ukufa kukaJakobe (33)

49  UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Hlanganani ndawonye ukuze nginitshele okuzokwenzeka kini ezikhathini zokugcina.  Hlanganani nilalele, nina madodana kaJakobe, yebo, lalelani u-Israyeli uyihlo.  “Rubeni, + wena uyizibulo lami, + ubungqabavu bami nokuqala kwamandla ami okuzala, ukuvelela kwesithunzi nokuvelela kwamandla.  Kodwa ngeke uvelele, ngoba ngenxa yokuhluleka ukuzilawula njengamanzi ezikhukhula, ugibele embhedeni kayihlo. + Ngaleso sikhathi wangcolisa* umbhede wami. URubeni wagibela ngempela kuwo!  “USimeyoni noLevi bayizelamani. + Izikhali zabo ezobudlova. +  O mphefumulo* wami, ungazihlanganisi nabo. Ungangeni eqenjini labo, O nhliziyo* yami, ngoba ngenxa yentukuthelo yabo babulala amadoda, + nangenxa yenjabulo yabo banquma imisipha yezinkunzi.  Mayiqalekiswe intukuthelo yabo, ngoba inesihluku, nokufutheka kwabo, ngoba kunokhahlo. + Mangibahlukanise endaweni kaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli. +  “Wena Juda, + abafowenu bayokudumisa. + Isandla sakho siyoba sentanyeni yezitha zakho. + Amadodana kayihlo ayokhothama phambi kwakho. +  UJuda uyiwundlu lebhubesi.* + Ndodana yami uyodla inyamazane usukume. Yena uqoshame wazelula njengebhubesi* futhi njengebhubesi,* ubani ongalokotha amvuse? 10  Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, + nenduku yomyali phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike uShilo,* + uyolalelwa izizwe zonke. + 11  Ebophela imbongolo yakhe esihlahleni samagilebhisi nethole lembongolo esihlahleni samagilebhisi sekhethelo, uyowasha ingubo yakhe ewayinini nasegazini lamagilebhisi. 12  Amehlo akhe abomvu ngokumnyama ngenxa yewayini, namazinyo akhe amhlophe ngenxa yobisi. 13  “UZebhuloni + uyohlala ngasogwini lolwandle, ngasogwini lapho imikhumbi ihlala ibanjwe khona ngamahhuku,* + kuthi umngcele wakhe okude ube ngaseSidoni. + 14  “U-Isakare + uyimbongolo enamathambo aqinile, elala phansi phakathi kwezikhwama ezimbili zesihlalo sayo. 15  Uyobona ukuthi indawo yokuphumula yinhle nokuthi izwe lihle. Uyokwehlisa ihlombe lakhe ukuze athwale umthwalo enze nomsebenzi oyimpoqo. 16  “UDani + uyokwahlulela abantu bakubo njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli. + 17  UDani makabe yinyoka eceleni komgwaqo, inyoka enezimpondo ngasendleleni, eluma izithende zehhashi umgibeli walo aketuke. + 18  Ngiyolindela insindiso evela kuwe, Jehova. 19  “UGadi + yena, iviyo labaphangi liyomhlasela, kodwa yena uyolihlasela ezithendeni. + 20  “Isinkwa sika-Asheri + siyoba siningi* kakhulu,* uyonikeza inkosi ukudla okuyifanele. + 21  “UNafetali + uyinyamazane yensikazi eyilambalidlile. Ukhuluma amazwi obugagu. + 22  “UJosefa + uyigatsha lesihlahla esithelayo, esingasemthonjeni, esinamagatsha akhula adlule udonga. 23  Kodwa abacibi baqhubeka bemkhathaza futhi bemciba, baqhubeka bemfukamelele inzondo. + 24  Nokho umnsalo wakhe wawulokhu usendaweni yawo, + izandla zakhe zaziqinile futhi zishesha. + Lokhu kwenzeka ngenxa yalowo onamandla owasiza uJakobe. Ungumalusi, itshe lika-Israyeli. 25  Uvela* kuNkulunkulu kayihlo futhi uyokusiza, ukanye noMninimandla Onke, uyokubusisa ngezibusiso zamazulu aphezulu, ngezibusiso zaphansi ekujuleni, + ngezibusiso zezingane eziningi kanye nemfuyo. 26  Izibusiso zikayihlo ziyoba zinkulu kunezibusiso zezintaba ezimi phakade, kunezinto ezifiselekayo zamagquma ami njalo. + Ziyoqhubeka ziphezu kwekhanda likaJosefa, phezu kokhakhayi lwekhanda lalowo okhethwe kubafowabo. + 27  “UBhenjamini + uyoqhubeka edwengula njengempisi. + Ekuseni uyodla isilwane esizingelwayo, ebusuku ahlukanise impahla ephangiwe.” + 28  Zonke lezi yizizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli, yilokho uyise akusho emadodaneni akhe lapho ewabusisa. Wanikeza ngayinye isibusiso esiyifanele. + 29  Ngemva kwalokho wawayala wathi kuwo: “Mina sengizofa.* + Ningingcwabe kanye nobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti, + 30  umhume osensimini yaseMakaphela phambi kwaseMamre ezweni laseKhanani, insimu u-Abrahama ayithenga ku-Efroni umHeti ukuba ibe indawo yokungcwaba. 31  Bamngcwaba lapho u-Abrahama nomkakhe uSara. + Bamngcwaba lapho u-Isaka + nomkakhe uRebheka, ngamngcwaba lapho noLeya. 32  Leyo nsimu nomhume okuyo kwathengwa emadodaneni kaHeti.” + 33  UJakobe waqeda ukunika amadodana akhe lezi ziyalezo. Ngemva kwalokho wagibeza izinyawo zakhe phezu kombhede waphefumula okokugcina, bamngcwaba njengoba bangcwaba abantu bakubo.* +

Imibhalo yaphansi

Noma, “awuwuhloniphanga.”
Noma kungaba, “O ngqondo.”
Noma, “njengengonyama.”
Noma, “njengengonyama.”
Noma, “lengonyama.”
Incazelo: “Lowo Okungokwakhe; Lowo Ongumnikazi Wako.”
Noma, “ngamahange.”
Noma, “Ukudla kuka-Asheri kuyoba kuningi.”
NgesiHebheru, “siyokhuluphala.”
Okuwukuthi, uJosefa.
NgesiHebheru, “sengizobuthelwa kubantu bakithi.” Lena inkulumo esankondlo emayelana nokufa.
NgesiHebheru, “wabuthelwa kubantu bakubo.” Lena inkulumo esankondlo emayelana nokufa.