Genesise 44:1-34
44 Kamuva wayala indoda eyayiphethe indlu yakhe, wathi: “Gcwalisa amasaka ala madoda ngokudla okuningi azokwazi ukukuthwala, bese ufaka imali yendoda ngayinye esakeni layo. +
2 Kodwa kumelwe ufake inkomishi yami, inkomishi yesiliva, esakeni lomncane kanye nemali yokudla kwakhe okusanhlamvu.” Ngakho yenza njengoba uJosefa ayeyiyalile.
3 Ekuseni lapho sekukhanya, la madoda ahanjiswa nezimbongolo zawo.
4 Ayengakabi kude nedolobha lapho uJosefa ethi kule ndoda eyayiphethe indlu yakhe: “Suka! Jaha la madoda! Lapho uwafica, uthi kuwo, ‘Kungani nibuyisele okuhle ngokubi?
5 Akuyona yini le into inkosi yami ephuza ngayo nefunda ngayo amabika ngobuchwepheshe? Nenze into embi.’”
6 Yawafica yakhuluma la mazwi kuwo.
7 Kodwa wona athi kuyo: “Kungani inkosi yethu ikhuluma into enjalo? Bezingenakulokotha nje izinceku zakho zenze into enjengale.
8 Ingani imali esayithola emasakeni ethu siyibuyisele kuwe sivela ezweni laseKhanani. + Besingaleba kanjani-ke isiliva noma igolide endlini yenkosi yakho?
9 Uma itholakala komunye wezigqila zakho, makafe, thina sonke abanye sizoba izigqila zenkosi yakho.”*
10 Ngakho yathi: “Makube njengokusho kwenu: Lowo ezotholakala kuye uzoba isigqila sami, kodwa nonke nina abanye nizoba msulwa.”
11 Indoda ngayinye yabe seyehlisa masinyane isaka layo, yalivula.
12 Indoda eyayiphethe indlu kaJosefa yacinga ngokucophelela, yaqala ngomdala yagcina ngomncane. Ekugcineni inkomishi yatholakala esakeni likaBhenjamini. +
13 Ngemva kwalokho aklebhula izingubo zawo, indoda ngayinye yaqukula umthwalo wayo yawubuyisela embongolweni yayo, abuyela edolobheni.
14 Lapho uJuda + nabafowabo bengena endlini kaJosefa, wayeselapho; babe sebewela phansi phambi kwakhe. +
15 UJosefa wathi kubo: “Yini le eniyenzile? Beningazi yini ukuthi umuntu onjengami angakwazi ukufunda amabika ngobuchwepheshe?” +
16 UJuda waphendula: “Singathini enkosini yami? Singakhuluma sithini? Singakubonisa kanjani ukuthi silungile? UNkulunkulu weqiniso usitholile isono sezigqila zakho. + Manje sesiyizigqila zenkosi yami, thina nalowo inkomishi etholakale kuye!”
17 Nokho, wathi: “Anginakulokotha ngenze lokhu! Umuntu etholakale kuye inkomishi nguye ozoba isigqila sami. + Nonke nina abanye, khuphukelani kuyihlo ngokuthula.”
18 UJuda wasondela kuye wathi: “Ngiyakuncenga, nkosi yami, ngicela uvumele inceku yakho ukuba ikhulume nenkosi yayo, ungasithukutheleli isigqila sakho ngoba wena uyafana noFaro. +
19 Inkosi yami yabuza izigqila zayo, yathi, ‘Ninaye uyihlo noma umfowenu?’
20 Sathi enkosini yami, ‘Sinaye ubaba osemdala nomntwana amzala esemdala, omncane kunathi sonke. + Kodwa umfowabo wafa, + ngakho kusele yena yedwa kunina, + futhi uyise uyamthanda.’
21 Ngemva kwalokho wathi ezigqileni zakho, ‘Mehliseleni lapha kimi ukuze ngimbone.’ +
22 Kodwa sathi enkosini yami, ‘Umfana akakwazi ukushiya uyise. Uma emshiya, uyise angafa nakanjani.’ +
23 Wabe usuthi ezigqileni zakho, ‘Ngaphandle kokuba umfowenu omncane ehle kanye nani, ngeke niphinde nibubone ubuso bami.’ +
24 “Ngakho sakhuphukela encekwini yakho ubaba samtshela amazwi enkosi yami.
25 Kamuva ubaba wathi, ‘Buyelani nisithengele ukudla.’ +
26 Kodwa sathi, ‘Asikwazi ukwehla. Uma umfowethu omncane ekanye nathi sizokwehla, ngoba ngeke sibubone ubuso balowaya muntu uma umfowethu omncane engekho.’ +
27 Inceku yakho, ubaba, yabe isithi kithi, ‘Nazi kahle ukuthi umkami wangizalela amadodana amabili kuphela. +
28 Kodwa eyodwa yawo yangishiya ngase ngithi: “Kumelwe ukuba nakanjani isiyizicucu!” + futhi angizange ngiyibone kuze kube manje.
29 Uma ningathatha nale niyisuse emehlweni ami bese yehlelwa ingozi ife, nakanjani niyokwehlisela izinwele zami ezimpunga eThuneni* + ngosizi.’ +
30 “Manje, uma ngibuyela encekwini yakho, ubaba, umfana engekho kanye nathi, njengoba ukuphila kwakhe kuncike ekuphileni komfana,
31 kuzothi lapho nje ebona ukuthi umfana akekho, avele afe, izigqila zakho ngempela ziyokwehlisela izinwele zenceku yakho, ubaba, eThuneni* ngosizi.
32 Isigqila sakho saqinisekisa ubaba ngomfana, sathi, ‘Uma ngihluleka ukumbuyisela kuwe, ngizobe ngone phakade kubaba.’ +
33 Ngakho manje, ngicela uvumele isigqila sakho sisale esikhundleni somfana sibe isigqila senkosi yami, ukuze umfana abuyele emuva nabafowabo.
34 Ngingabuyela kanjani kubaba umfana engekho? Ngeke ngikwazi ukubukela lapho ubaba ehlelwa yilolu sizi!”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “zenkosi yami.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.