Genesise 35:1-29
35 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi kuJakobe: “Sukuma ukhuphukele eBhethele + uhlale khona, umakhele lapho i-altare uNkulunkulu weqiniso, owabonakala kuwe ngesikhathi ubalekela u-Esawu umfowenu.” +
2 UJakobe wabe esethi kwabomndeni wakhe nakubo bonke ababenaye: “Lahlani onkulunkulu bezizwe abaphakathi kwenu + nizihlanze nishintshe izingubo zenu,
3 futhi masisuke sikhuphukele eBhethele. Ngizomakhela lapho i-altare uNkulunkulu weqiniso, owangiphendula ngosuku lokucindezeleka kwami nobelokhu enami nomaphi lapho bengiya khona.”* +
4 Ngakho banika uJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo namacici ayesezindlebeni zabo, uJakobe wabagqiba* ngaphansi kwesihlahla esikhulu esasiseduze kwaseShekemi.
5 Lapho sebesendleleni, uNkulunkulu wabangela ukwesaba okukhulu emadolobheni ayebazungezile, ngakho abazange bawajahe amadodana kaJakobe.
6 Ekugcineni uJakobe wafika eLuze, + okungukuthi iBhethele, ezweni laseKhanani, yena nabo bonke abantu ababenaye.
7 Walakha lapho i-altare wabiza leyo ndawo ngokuthi i-Eli-bhethele,* ngoba yilapho uNkulunkulu weqiniso ayezibonakalise khona kuye ngesikhathi ebalekela umfowabo. +
8 Kamuva uDebora + umzanyana* kaRebheka wafa, wangcwatshwa eduze kweBhethele ngaphansi kwesihlahla esikhulu.* Ngakho wasiqamba ngokuthi i-Aloni-bakhuti.*
9 UNkulunkulu waphinda wabonakala kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani-aramu, wambusisa.
10 UNkulunkulu wathi kuye: “Igama lakho unguJakobe. + Igama lakho ngeke kusaba uJakobe, kodwa uzoba u-Israyeli.” Wayeseqala ukumbiza ngokuthi u-Israyeli. +
11 UNkulunkulu waqhubeka wathi kuye: “NginguNkulunkulu uMninimandla Onke. + Zala wande. Kuyophuma kuwe izizwe namaqembu ezizwe, + kuphume namakhosi kuwe.* +
12 Ngokuqondene nezwe engilinike u-Abrahama no-Isaka, ngizolinika wena, ngiyolinika nenzalo* yakho.” +
13 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wasuka kuye endaweni ayekhulume naye kuyo.
14 Ngakho uJakobe wamisa insika endaweni ayekhulume naye kuyo, insika yetshe, wathela kuyo umnikelo ophuzwayo, wathela namafutha kuyo. +
15 UJakobe wabiza indawo uNkulunkulu ayekhulume naye kuyo ngokuthi iBhethele. +
16 Babe sebesuka eBhethele. Ngesikhathi kusasele ibanga elithile ngaphambi kokuba bafike e-Efrathi, uRaheli waqala ukubeletha, kwakunzima kakhulu kuye ukubeletha.
17 Kodwa ngesikhathi eshikashikeka ukuze abelethe umntwana, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngoba uzoba nayo nale ndodana.” +
18 Ngemizuzu yokugcina yokuphila kwakhe—ngoba wayesefa—wayiqamba ngokuthi uBheni-oni,* kodwa uyise wayiqamba ngokuthi uBhenjamini.* +
19 Ngakho uRaheli wafa wangcwatshwa endleleni eya e-Efrathi, okungukuthi, eBhetlehema. +
20 UJakobe wamisa insika phezu kwethuna lakhe; iyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.
21 Ngemva kwalokho u-Israyeli wasuka lapho wagxumeka itende lakhe ngale kombhoshongo wase-Edere.
22 Kwathi ngesinye isikhathi u-Israyeli ehlala kulelo zwe, uRubeni wahamba walala noBhiliha isancinza sikayise, u-Israyeli wezwa ngakho. +
Amadodana kaJakobe ayengu-12.
23 Amadodana azalwa uLeya kwakuyizibulo likaJakobe uRubeni, + bese kuba uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakare noZebhuloni.
24 Amadodana azalwa uRaheli kwakunguJosefa noBhenjamini.
25 Amadodana azalwa uBhiliha, incekukazi kaRaheli, kwakunguDani noNafetali.
26 Amadodana azalwa uZilipha, incekukazi kaLeya, kwakunguGadi no-Asheri. Lawa amadodana kaJakobe, azalelwa wona ePhadani-aramu.
27 Ekugcineni uJakobe wafika lapho kwakukhona khona uyise u-Isaka eMamre, + eKiriyati-ariba, okungukuthi, eHebroni, lapho u-Abrahama no-Isaka babehlala khona njengezifiki. +
28 U-Isaka waphila waze waba neminyaka engu-180 ubudala. +
29 Ngemva kwalokho u-Isaka waphefumula okokugcina wafa, ngemva kokuphila isikhathi eside ukuphila okwanelisayo,* bamngcwaba njengoba bangcwaba abantu bakubo;* amadodana akhe u-Esawu noJakobe amngcwaba. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “endleleni engiyihambile.”
^ Noma, “wabangcwaba.”
^ Incazelo: “UNkulunkulu WaseBhethele.”
^ Intombazane egada umntwana.
^ Noma, “kwe-oki.”
^ Incazelo: “I-oki Yokulila.”
^ NgesiHebheru, “ezinkalweni zakho.”
^ NgesiHebheru, “nembewu.”
^ Incazelo: “Indodana Yesandla Sokudla.”
^ Incazelo: “Indodana Yosizi Lwami.”
^ NgesiHebheru, “esemdala futhi anelisiwe izinsuku.”
^ Lena inkulumo esankondlo emayelana nokufa.