Genesise 23:1-20

  • Ukufa kukaSara nendawo angcwatshwa kuyo (1-20)

23  USara waphila iminyaka engu-127; leyo kwakuyiminyaka eyaphilwa uSara. +  USara wafela eKiriyati-ariba, + okungukuthi, eHebroni, + ezweni laseKhanani, + u-Abrahama waqala ukumlilela nokumkhalela uSara.  U-Abrahama wabe esesukuma phambi komkakhe oshonile wayesethi emadodaneni kaHeti: +  “Ngingowakwelinye izwe futhi ngiyisifiki phakathi kwenu. + Nginikeni indawo ezoba indawo yokungcwaba phakathi kwenu ukuze ngingcwabe umkami.”  Amadodana kaHeti amphendula u-Abrahama:  “Silalele, nkosi yami. Uyisikhulu sikaNkulunkulu* phakathi kwethu. + Ungamngcwaba umkakho endaweni ekhetheke kunazo zonke izindawo zethu zokungcwaba. Akekho noyedwa kithi ozokugodlela indawo yakhe yokungcwaba, akuvimbele ukuba ungcwabe umkakho.”  Ngakho u-Abrahama wasukuma waguqa wayesekhothama kubantu bakulelo zwe, emadodaneni kaHeti, +  wathi kubo: “Uma ningivumela ukuba ngithathe umkami ngiyomngcwaba, ngilaleleni nincenge u-Efroni indodana kaZohari  ukuba angidayisele umhume wakhe waseMakaphela; usemaphethelweni ensimu yakhe. Makangidayisele wona nikhona ngenani eliphelele lesiliva + ukuze ngibe nendawo yokungcwaba.” + 10  Manje u-Efroni wayehlezi namadodana kaHeti. Ngakho u-Efroni umHeti waphendula u-Abrahama kuzwa amadodana kaHeti naphambi kwabo bonke abangena esangweni ledolobha, + wathi: 11  “Cha, nkosi yami! Ngilalele. Ngikunika kokubili insimu nomhume okuyo. Ngikunika kona kukhona amadodana abantu bakithi. Ngcwaba umkakho.” 12  U-Abrahama waguqa wayesekhothama phambi kwabantu bakulelo zwe 13  wakhuluma no-Efroni kuzwa abantu, wathi: “Ngicela ungilalele. Ngizokunika inani eliphelele lesiliva wena unginike insimu. Lithathe, ukuze ngingcwabe umkami kuyo.” 14  Ngemva kwalokho u-Efroni wamphendula u-Abrahama: 15  “Nkosi yami, ngilalele. Le ndawo ibiza amashekeli* esiliva angu-400, kodwa lokho akubalulekile kangako. Ngakho ngcwaba umkakho.” 16  U-Abrahama wamlalela u-Efroni, u-Abrahama wakalela u-Efroni inani lesiliva ayelishilo kuzwa amadodana kaHeti, amashekeli* esiliva angu-400 ngokwesisindo esasamukelwa abathengisi. + 17  Ngakho insimu ka-Efroni eseMakaphela, eyayiphambi kwaseMamre—insimu nomhume okuyo nazo zonke izihlahla ezingaphakathi komngcele wensimu—kwaqinisekiswa 18  njengendawo ka-Abrahama ayithenge kukhona amadodana kaHeti, phambi kwabo bonke ababengena ngesango ledolobha. 19  Ngemva kwalokho u-Abrahama wamngcwaba umkakhe uSara emhumeni wensimu yaseMakaphela phambi kwaseMamre, okungukuthi, eHebroni, ezweni laseKhanani. 20  Ngakho insimu nomhume owawukuyo, amadodana kaHeti akudlulisela ku-Abrahama njengendawo yokungcwaba. +

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “Uyisikhulu esikhulu.”
Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.
Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.