Genesise 13:1-18

  • U-Abrama ubuyela eKhanani (1-4)

  • U-Abrama noLoti bayahlukana (5-13)

  • Isithembiso sikaNkulunkulu ku-Abrama siyaphindwa (14-18)

13  Ngemva kwalokho u-Abrama wakhuphuka waphuma eGibhithe waya eNegebhi, + yena nomkakhe nakho konke ayenakho, kanye noLoti.  U-Abrama wayenemfuyo, isiliva negolide okuningi kakhulu. +  Wayelokhu ethutha esuka kwenye indawo aye kwenye njengoba ayeshiya iNegebhi eya eBhethele, kwaze kwaba yilapho efika endaweni okwakukhona kuyo itende lakhe phakathi kweBhethele ne-Ayi, +  endaweni ayakhe kuyo i-altare. U-Abrama walimemezela lapho igama likaJehova.  ULoti, owayehamba no-Abrama, naye wayenezimvu, izinkomo namatende.  Ngakho indawo ayibavumelanga ukuba bahlale bonke ndawonye; impahla yabo yayisiningi kakhulu kangangokuba babengasakwazi ukuhlala ndawonye.  Ngenxa yalokho, abelusi bemfuyo ka-Abrama nabelusi bemfuyo kaLoti baxabana. (Ngaleso sikhathi kwakuhlala amaKhanani namaPherizi ezweni.) +  U-Abrama wathi kuLoti: + “Ngiyacela, makungabikho kuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho ngoba wena ungumfowethu.  Ungakhetha noma iyiphi indawo ofuna ukuhlala kuyo kuleli zwe. Ngiyacela, masihlukane. Uma uya kwesobunxele, mina ngizoya kwesokudla; kodwa uma uya kwesokudla, mina ngizoya kwesobunxele.” 10  ULoti waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi sonke isifunda saseJordani + sasiyisifunda esinamanzi anele (uJehova engakalibhubhisi iSodoma neGomora), sasinjengensimu kaJehova, + sinjengezwe laseGibhithe kuze kufike eZowari. + 11  Ngemva kwalokho uLoti wazikhethela sonke isifunda saseJordani, wathuthela empumalanga. Ngakho bahlukana. 12  U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani, kodwa uLoti wahlala phakathi kwamadolobha esifunda. + Ekugcineni uLoti wamisa itende lakhe eduze kwaseSodoma. 13  Amadoda aseSodoma ayekhohlakele, eyizoni ezinkulu kuJehova. + 14  Ngemva kokuba uLoti esehlukene no-Abrama, uJehova wathi ku-Abrama: “Ngicela uphakamise amehlo akho ukuleyo ndawo okuyo, ubheke enyakatho naseningizimu, empumalanga nasentshonalanga, 15  ngoba lonke leli zwe olibonayo, ngiyolinika wena nenzalo* yakho libe ngelenu unomphela. + 16  Ngiyokwenza inzalo* yakho ibe ningi njengesihlabathi somhlaba: uma noma ubani engabala isihlabathi somhlaba, nenzalo* yakho iyokwazi ukubalwa. + 17  Suka, hambahamba ezweni ubone ubude nobubanzi balo, ngoba ngiyolinika wena.” 18  Ngakho u-Abrama waqhubeka ehlala ematendeni. Kamuva wahamba wayohlala phakathi kwezihlahla ezinkulu zikaMamre, + eziseHebroni, + wamakhela lapho uJehova i-altare. +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “nembewu.”
NgesiHebheru, “imbewu.”
NgesiHebheru, “nembewu.”