Genesise 12:1-20
12 UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho nasendlini kayihlo uye ezweni engizokutshengisa lona. +
2 Ngizokwenza ube isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, futhi uzoba isibusiso. +
3 Ngiyobabusisa labo abakubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo, + yonke imindeni yomhlaba nakanjani iyobusiswa* ngawe.” +
4 Ngakho u-Abrama wahamba njengoba nje uJehova ayemtshelile, uLoti wahamba naye. U-Abrama wayeneminyaka engu-75 ubudala lapho ehamba eHarana. +
5 U-Abrama wathatha umkakhe uSarayi + noLoti indodana yomfowabo + nayo yonke impahla ababeyiqongelele + nabantu ababebathole eHarana, bangena indlela baya ezweni laseKhanani. + Lapho befika ezweni laseKhanani,
6 u-Abrama wanqamula izwe waze wafika endaweni yaseShekemi, + eduze kwezihlahla ezinkulu zikaMore. + Ngaleso sikhathi kwakukhona amaKhanani ezweni.
7 Ngemva kwalokho uJehova wabonakala ku-Abrama wathi: “Leli zwe + ngizolinika inzalo* + yakho.” Ngakho wamakhela lapho i-altare uJehova, owayebonakale kuye.
8 Kamuva wasuka lapho waya esifundeni esinezintaba empumalanga yeBhethele + wagxumeka itende lakhe, iBhethele lisentshonalanga, i-Ayi + lisempumalanga. Wamakhela lapho uJehova + i-altare, waqala ukumemezela igama likaJehova. +
9 Ngemva kwalokho u-Abrama wasuka waya ngaseNegebhi, + elokhu ethutha esuka kwenye indawo aye kwenye.
10 Kwase kuba khona indlala ezweni, u-Abrama wehla waya eGibhithe ukuze ayohlala khona isikhashana,* + ngoba indlala yayinkulu ezweni. +
11 Lapho nje esezongena eGibhithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Ngicela ulalele! Ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle kangakanani. +
12 Lapho amaGibhithe ekubona, nakanjani azothi, ‘Lo umkakhe.’ Bese eyangibulala, kodwa wena akuyeke angakubulali.
13 Ngicela uthi ungudadewethu, ukuze kungihambele kahle ngenxa yakho, usindise ukuphila* kwami.” +
14 Lapho nje u-Abrama engena eGibhithe, amaGibhithe aphawula ukuthi owesifazane wayemuhle kakhulu.
15 Izikhulu zikaFaro nazo zambona, zaqala ukumbabaza kuFaro, kangangokuthi lona wesifazane wathathwa wayiswa endlini kaFaro.
16 UFaro wamphatha kahle u-Abrama ngenxa yakhe, waba nezimvu, izinkomo, izimbongolo zeduna nezensikazi, izinceku nezincekukazi namakamela. +
17 Ngemva kwalokho uJehova washaya uFaro nomndeni wakhe ngezifo* ezinkulu ngenxa kaSarayi, umka-Abrama. +
18 Ngakho uFaro wabiza u-Abrama wathi: “Yini le ongenze yona? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho?
19 Kungani uthe, ‘Ungudadewethu,’ + ngize ngicishe ngimthathe abe umkami? Nangu umkakho. Mthathe uhambe!”
20 Ngakho uFaro wanika amadoda iziyalezo ngokuphathelene naye, amphelezela yena nomkakhe nakho konke ayenakho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “iyozitholela izibusiso.”
^ NgesiHebheru, “imbewu.”
^ Noma, “ayohlala khona njengesifiki.”
^ Noma, “umphefumulo.”
^ Noma, “ngezinhlekelele.”