Genesise 12:1-20

  • U-Abrama ushiya iHarana uya eKhanani (1-9)

    • Isithembiso sikaNkulunkulu ku-Abrama (7)

  • U-Abrama noSarayi eGibhithe (10-20)

12  UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho nasendlini kayihlo uye ezweni engizokutshengisa lona. +  Ngizokwenza ube isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, futhi uzoba isibusiso. +  Ngiyobabusisa labo abakubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo, + yonke imindeni yomhlaba nakanjani iyobusiswa* ngawe.” +  Ngakho u-Abrama wahamba njengoba nje uJehova ayemtshelile, uLoti wahamba naye. U-Abrama wayeneminyaka engu-75 ubudala lapho ehamba eHarana. +  U-Abrama wathatha umkakhe uSarayi + noLoti indodana yomfowabo + nayo yonke impahla ababeyiqongelele + nabantu ababebathole eHarana, bangena indlela baya ezweni laseKhanani. + Lapho befika ezweni laseKhanani,  u-Abrama wanqamula izwe waze wafika endaweni yaseShekemi, + eduze kwezihlahla ezinkulu zikaMore. + Ngaleso sikhathi kwakukhona amaKhanani ezweni.  Ngemva kwalokho uJehova wabonakala ku-Abrama wathi: “Leli zwe + ngizolinika inzalo* + yakho.” Ngakho wamakhela lapho i-altare uJehova, owayebonakale kuye.  Kamuva wasuka lapho waya esifundeni esinezintaba empumalanga yeBhethele + wagxumeka itende lakhe, iBhethele lisentshonalanga, i-Ayi + lisempumalanga. Wamakhela lapho uJehova + i-altare, waqala ukumemezela igama likaJehova. +  Ngemva kwalokho u-Abrama wasuka waya ngaseNegebhi, + elokhu ethutha esuka kwenye indawo aye kwenye. 10  Kwase kuba khona indlala ezweni, u-Abrama wehla waya eGibhithe ukuze ayohlala khona isikhashana,* + ngoba indlala yayinkulu ezweni. + 11  Lapho nje esezongena eGibhithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Ngicela ulalele! Ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle kangakanani. + 12  Lapho amaGibhithe ekubona, nakanjani azothi, ‘Lo umkakhe.’ Bese eyangibulala, kodwa wena akuyeke angakubulali. 13  Ngicela uthi ungudadewethu, ukuze kungihambele kahle ngenxa yakho, usindise ukuphila* kwami.” + 14  Lapho nje u-Abrama engena eGibhithe, amaGibhithe aphawula ukuthi owesifazane wayemuhle kakhulu. 15  Izikhulu zikaFaro nazo zambona, zaqala ukumbabaza kuFaro, kangangokuthi lona wesifazane wathathwa wayiswa endlini kaFaro. 16  UFaro wamphatha kahle u-Abrama ngenxa yakhe, waba nezimvu, izinkomo, izimbongolo zeduna nezensikazi, izinceku nezincekukazi namakamela. + 17  Ngemva kwalokho uJehova washaya uFaro nomndeni wakhe ngezifo* ezinkulu ngenxa kaSarayi, umka-Abrama. + 18  Ngakho uFaro wabiza u-Abrama wathi: “Yini le ongenze yona? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho? 19  Kungani uthe, ‘Ungudadewethu,’ + ngize ngicishe ngimthathe abe umkami? Nangu umkakho. Mthathe uhambe!” 20  Ngakho uFaro wanika amadoda iziyalezo ngokuphathelene naye, amphelezela yena nomkakhe nakho konke ayenakho. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “iyozitholela izibusiso.”
NgesiHebheru, “imbewu.”
Noma, “ayohlala khona njengesifiki.”
Noma, “umphefumulo.”
Noma, “ngezinhlekelele.”