Genesise 11:1-32

  • Umbhoshongo waseBhabhele (1-4)

  • UJehova uphithanisa ulimi (5-9)

  • Kusukela kuShemi kuya ku-Abrama (10-32)

    • Umndeni kaThera (27)

    • U-Abrama ushiya i-Uri (31)

11  Bonke abantu emhlabeni babekhuluma ulimi olulodwa, beneqoqo elilodwa lamagama.*  Njengoba beya ngasempumalanga, bathola ithafa ezweni laseShinari, + bahlala khona.  Ngemva kwalokho bathi omunye komunye: “Wozani! Masenze izitini sizibhake ngomlilo.” Ngakho basebenzisa izitini esikhundleni setshe, netiyela laba udaka lwabo.  Base bethi: “Wozani! Masizakhele idolobha nombhoshongo onesiqongo esisemazulwini, sizenzele igama, ukuze singahlakazeki kuwo wonke umhlaba.” +  UJehova wabe esehla ukuze abone idolobha nombhoshongo abantu ababewakhile.  Ngemva kwalokho uJehova wathi: “Bayisizwe esisodwa esikhuluma ulimi olulodwa + futhi yilokhu asebeqale ukukwenza. Manje akukho lutho abangase bacabange ukulwenza oluyobehlula.  Masehle + siphithanise ulimi lwabo ukuze bangaluqondi ulimi lomunye nomunye.”  Ngakho ukusuka lapho uJehova wabahlakazela kuwo wonke umhlaba, + kancane kancane bayeka ukwakha lelo dolobha.  Yingakho laqanjwa ngokuthi yiBhabhele,* + ngenxa yokuthi uJehova waluphithanisa khona ulimi lomhlaba wonke, futhi uJehova wabahlakaza basuka lapho baya kuwo wonke umhlaba. 10  Lona umlando kaShemi. + UShemi wayeneminyaka engu-100 ubudala lapho ezala u-Arpakishade + eminyakeni emibili ngemva kukaZamcolo. 11  Ngemva kokuzala u-Arpakishade, uShemi waphila iminyaka engu-500. Wazala amadodana namadodakazi. + 12  U-Arpakishade waphila iminyaka engu-35, wayesezala uShela. + 13  Ngemva kokuzala uShela, u-Arpakishade waphila iminyaka engu-403. Wazala amadodana namadodakazi. 14  UShela waphila iminyaka engu-30, wayesezala u-Ebhere. + 15  Ngemva kokuzala u-Ebhere, uShela waphila iminyaka engu-403. Wazala amadodana namadodakazi. 16  U-Ebhere waphila iminyaka engu-34, wayesezala uPhelege. + 17  Ngemva kokuzala uPhelege, u-Ebhere waphila iminyaka engu-430. Wazala amadodana namadodakazi. 18  UPhelege waphila iminyaka engu-30, wayesezala uRehu. + 19  Ngemva kokuzala uRehu, uPhelege waphila iminyaka engu-209. Wazala amadodana namadodakazi. 20  URehu waphila iminyaka engu-32, wayesezala uSerugi. 21  Ngemva kokuzala uSerugi, uRehu waphila iminyaka engu-207. Wazala amadodana namadodakazi. 22  USerugi waphila iminyaka engu-30, wayesezala uNahori. 23  Ngemva kokuzala uNahori, uSerugi waphila iminyaka engu-200. Wazala amadodana namadodakazi. 24  UNahori waphila iminyaka engu-29, wayesezala uThera. + 25  Ngemva kokuzala uThera, uNahori waphila iminyaka engu-119. Wazala amadodana namadodakazi. 26  UThera waphila iminyaka engu-70, okwathi ngemva kwayo wazala u-Abrama, + uNahori + noHarana. 27  Lona umlando kaThera. UThera wazala u-Abrama, uNahori noHarana; uHarana wazala uLoti. + 28  Ngesikhathi uyise kaThera esaphila, uHarana wafela ezweni azalelwa kulo, e-Uri + lamaKhaledi. + 29  U-Abrama noNahori bazithathela abafazi. Igama lomka-Abrama kwakunguSarayi, + igama lomkaNahori kunguMilka, + indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noJiska. 30  USarayi wayeyinyumba, + engenamntwana. 31  Ngemva kwalokho uThera wathatha u-Abrama indodana yakhe noLoti umzukulu wakhe, + indodana kaHarana, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, baphuma naye e-Uri lamaKhaledi baya ezweni laseKhanani. + Ngemva kwesikhathi bafika eHarana + bahlala khona. 32  Izinsuku zikaThera zaba yiminyaka engu-205. Ngemva kwalokho uThera wafela eHarana.

Imibhalo yaphansi

Noma, “benenqolobane eyodwa yamagama.”
Incazelo: “Ukuphithana.”