Eksodusi 29:1-46

  • Ukumiswa kwabapristi (1-37)

  • Umnikelo wansuku zonke (38-46)

29  “Yilokhu okufanele ukwenze ukuze ubangcwelise ukuba babe abapristi kimi: Thatha ithole leduna, izinqama ezimbili eziphile kahle, +  isinkwa esingenamvubelo, olofu bezinkwa abamise okwesongo abanamafutha, nezingcezwana ezingenamvubelo ezigcotshwe ngamafutha. + Kufanele ukwenze ngofulawa ocolekile kakolweni  ukufake kubhasikidi ukulethe phambi kwami ngobhasikidi + kanye nenkunzi nezinqama ezimbili.  “Uzoletha u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, + ubageze ngamanzi. +  Ngemva kwalokho kufanele uthathe izingubo + ugqokise u-Aroni ingubo enezikwele, ijazi elingenamikhono le-efodi, i-efodi nesiqephu sesifuba futhi kufanele ibhande elilukiwe* le-efodi ulibophe uliqinise okhalweni lwakhe. +  Kufanele umthwese iduku lokushuqula futhi ubeke uphawu olungcwele lokuzinikezela* edukwini lokushuqula; +  uthathe amafutha okugcoba + uwathele ekhanda lakhe umgcobe. +  “Ngemva kwalokho usondeze amadodana akhe uwagqokise izingubo, +  ubabophe ngamabhande endwangu, u-Aroni kanye namadodana akhe, ubashuqulise emakhanda; ubupristi buzoba ngobabo njengomthetho waphakade. + Yile ndlela okufanele umise ngayo u-Aroni namadodana akhe ukuba babe abapristi. + 10  “Kufanele ulethe inkunzi phambi kwetende lokuhlangana, u-Aroni namadodana akhe bazobeka izandla zabo phezu kwenhloko yenkunzi. + 11  Uhlabe inkunzi phambi kukaJehova, emnyango wetende lokuhlangana. + 12  Uthathe ngomunwe elinye igazi lenkunzi uligcobe ezimpondweni ze-altare, + lonke elinye igazi ulithulule phansi e-altare. + 13  Uthathe wonke umhlwehlwe + omboze amathumbu, amafutha asesibindini, nezinso ezimbili namafutha akuzo, ukushise ukuze kushunqe phezu kwe-altare. + 14  Kodwa inyama yenkunzi nesikhumba sayo nomswani wayo, uzokushisa ngomlilo kude nalapho nihlala khona. Kungumnikelo wesono. 15  “Uzothatha inqama eyodwa, u-Aroni namadodana akhe kumelwe babeke izandla zabo enhloko yale nqama. + 16  Yihlabe le nqama uthathe igazi layo ulifafaze kuzo zonke izinhlangothi ze-altare. + 17  Yihlinze inqama ibe izingxenye, ugeze amathumbu + namanqina ayo, bese uhlela izingxenye zayo kanye nenhloko yayo. 18  Kumelwe uyishise yonke inqama, uyishunqise phezu kwe-altare. Ingumnikelo oshiswayo oya kuJehova, iphunga elimnandi. *+ Ingumnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova. 19  “Ngemva kwalokho kufanele uthathe le enye inqama, u-Aroni namadodana akhe kufanele babeke izandla zabo phezu kwenhloko yayo. + 20  Uhlabe inqama futhi uthathe elinye igazi layo uligcobe endlebeni yesokudla ka-Aroni nasezindlebeni zesokudla zamadodana akhe nasezithupheni zabo nakobhozo bezinyawo zabo zesokudla, ufafaze igazi kuzo zonke izinhlangothi ze-altare. 21  Uthathe elinye igazi elise-altare namafutha okugcoba, + ukufafaze ku-Aroni nasezingutsheni zakhe nasemadodaneni akhe nasezingutsheni zawo, ukuze yena nezingubo zakhe namadodana akhe nezingubo zawo babe ngcwele. + 22  “Uthathe enqameni amafutha, umsila ononile, umhlwehlwe omboze amathumbu, amafutha asesibindini, izinso ezimbili namafutha akuzo + nomlenze wesokudla, ngoba iyinqama yokumisa u-Aroni njengompristi. + 23  Uthathe nesinkwa esiyindilinga, nolofu wesinkwa omise okwesongo onamafutha, nocezwana lwesinkwa kubhasikidi wesinkwa esingenamvubelo ophambi kukaJehova. 24  Kumelwe ukubeke konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzulise njengomnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova. 25  Uzokuthatha ezandleni zabo ukushise e-altare, phezu komnikelo oshiswayo, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova. Kungumnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova. 26  “Ngemva kwalokho uthathe isifuba senqama yokumisa umpristi, + enikelelwa u-Aroni, usizulise njengomnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova, sizoba isabelo sakho. 27  Kufanele ungcwelise isifuba somnikelo ozuliswayo nomlenze wesabelo esingcwele okuzulisiwe futhi okuthathwe enqameni yokumisa umpristi, + kulokho obekunikelelwa u-Aroni namadodana akhe. 28  Kufanele kube okuka-Aroni namadodana akhe ngomthetho waphakade okufanele ugcinwe ama-Israyeli, ngoba kuyisabelo esingcwele futhi kuyoba isabelo esingcwele okufanele sinikelwe ama-Israyeli. + Kuyisabelo sawo esingcwele asinika uJehova esivela emihlatshelweni yawo ehlanganyelwayo. + 29  “Izingubo ezingcwele + zika-Aroni ziyosetshenziswa amadodana akhe + ngemva kwakhe lapho egcotshwa futhi emiswa njengabapristi. 30  Umpristi ozongena esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe futhi ongena etendeni lokuhlangana ukuba akhonze endaweni engcwele uyozigqoka izinsuku eziyisikhombisa. + 31  “Uzothatha inqama yokumisa umpristi ubilise inyama yayo endaweni engcwele. + 32  U-Aroni namadodana akhe bazodla + leyo nyama yenqama kanye nesinkwa esikubhasikidi emnyango wetende lokuhlangana. 33  Kufanele badle izinto ezazinikelwe njengesihlawulelo ukuze bamiswe njengabapristi nokuba bangcweliswe. Kodwa umuntu ongagunyaziwe* akufanele azidle ngoba ziyizinto ezingcwele. + 34  Uma kukhona inyama yomhlatshelo wokumisa umpristi nesinkwa okusale kwaze kwaba sekuseni, kumelwe nikushise ngomlilo. + Akumelwe kudliwe ngoba kuyinto engcwele. 35  “Kufanele wenze ngale ndlela ku-Aroni namadodana akhe, ngokuvumelana nakho konke engikuyale ngakho. Uzothatha izinsuku eziyisikhombisa ukubamisa njengabapristi. + 36  Uzonikela inkunzi yomnikelo wesono nsuku zonke ngenjongo yokuhlawulelwa, uhlanze i-altare esonweni ngokulenzela isihlawulelo, kumelwe uligcobe ukuze ulingcwelise. + 37  Uzothatha izinsuku eziyisikhombisa ukwenzela i-altare isihlawulelo, kumelwe ulingcwelise ukuze libe i-altare elingcwelengcwele. + Noma ubani othinta i-altare kumelwe abe ngcwele. 38  “Yilokhu ozokunikela e-altare: amawundlu amabili eduna anonyaka owodwa, usuku nosuku. + 39  Elilodwa uzolinikela ekuseni, elinye ulinikele uma sekuhwalele. *+ 40  Ingxenye yeshumi ye-efa* likafulawa ocolekile ohlanganiswe nengxenye yesine yehini* lamafutha omnqumo, nomnikelo ophuzwayo wengxenye yesine yehini lewayini, kuzohambisana newundlu leduna lokuqala. 41  Elesibili uzolinikela uma sekuhwalele,* kanye nomnikelo ofanayo wokudla okusanhlamvu nophuzwayo onjengowasekuseni. Uzokunikela kube iphunga elimnandi,* umnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova. 42  Kufanele kube umnikelo oshiswa njalo kuzo zonke izizukulwane zenu emnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova, lapho ngizozibonakalisa khona kini ukuze ngikhulume nawe lapho. + 43  “Ngizozibonakalisa lapho kuma-Israyeli futhi lizongcweliswa ngenkazimulo yami. + 44  Ngizongcwelisa itende lokuhlangana ne-altare futhi ngizongcwelisa u-Aroni namadodana akhe + ukuze babe abapristi kimi. 45  Ngizohlala* phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, ngibe uNkulunkulu wabo. + 46  Nakanjani bazokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibhithe ukuze ngihlale phakathi kwabo. + NginguJehova uNkulunkulu wabo.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ibhande lasokhalweni.”
Noma, “umqhele ongcwele.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
NgesiHebheru, “isihambi,” okuwukuthi, umuntu ongeyena owomndeni ka-Aroni.
NgesiHebheru, “phakathi kokuhlwa okubili.”
I-efa lalilingana no-22 L. Bheka iSithasiselo B14.
Ihini lalilingana no-3,67 L. Bheka iSithasiselo B14.
NgesiHebheru, “phakathi kokuhlwa okubili.”
Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”
Noma, “Ngizohlala etabernakele.”