Eksodusi 27:1-21

  • I-altare lomnikelo oshiswayo (1-8)

  • Igceke (9-19)

  • Amafutha othi lwesibani (20, 21)

27  “Nizokwenza i-altare lokhuni lomtholo; + lizoba izingalo* ezinhlanu ubude nezingalo ezinhlanu ububanzi. Leli altare kufanele libe nezinhlangothi ezine ezilinganayo, ukuphakama kwalo kube izingalo ezintathu. +  Nizokwenza izimpondo + emakhoneni alo amane; izimpondo zizoba ingxenye ye-altare futhi nizolinameka ngethusi. +  Nizokwenza amabhakede okususa umlotha* kulo, kanye namahalavu, izitsha, izimfologo, nemicengezi yomlilo futhi zonke izinto zalo nizozenza ngethusi. +  Kumelwe nilenzele isisefo, inethi lethusi, phezu kwenethi nenze amasongo amane ethusi emakhoneni alo amane.  Nizolifaka ngaphansi konqenqema oluphezulu lwe-altare, inethi libe maphakathi nendawo ne-altare.  Nizokwenzela i-altare izinduku zokhuni lomtholo, nizinameke ngethusi.  Izinduku zalo zizofakwa emasongweni ukuze zibe sezinhlangothini ezimbili ze-altare lapho lithwalwa. +  Nizolenza libe njengebhokisi lamapulangwe elingenalutho. Kufanele lenziwe njengoba nje uNkulunkulu enibonisile entabeni. +  “Nizokwenza igceke + letabernakele. Ohlangothini oluseningizimu, igceke lizoba namakhethini alengayo elineni elisezingeni eliphezulu elisontiwe, ubude balolu hlangothi buyizingalo ezingu-100. + 10  Lizoba nezinsika ezingu-20 ezinezisekelo zethusi ezingu-20 ezinezimbobo. Amahhuku ezinsika nezinto zawo zokubopha okwesiliva.* 11  Amakhethini alengayo asohlangothini olusenyakatho nawo azoba izingalo ezingu-100 ubude, kanye nezinsika zawo ezingu-20 nezisekelo zawo zethusi ezingu-20 ezinezimbobo, namahhuku esiliva ezinsika nezinto zokubopha* zesiliva zezinsika. 12  Amakhethini alengayo asohlangothini olusentshonalanga lwegceke kufanele abe izingalo ezingu-50 ububanzi, kube nezinsika eziyishumi nezisekelo eziyishumi ezinezimbobo. 13  Ububanzi begceke ohlangothini olusempumalanga buyizingalo ezingu-50. 14  Kolunye uhlangothi kuzolenga amakhethini ayizingalo ezingu-15, kube nezinsika ezintathu nezisekelo ezintathu ezinezimbobo. + 15  Kolunye uhlangothi kuzolenga amakhethini ayizingalo ezingu-15, kube nezinsika ezintathu nezisekelo ezintathu ezinezimbobo. 16  “Esangweni legceke kufanele kube khona ikhethini* eliyizingalo ezingu-20 ubude elenziwe ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, uboya obuphephuli, indwangu ebomvu nelineni elisezingeni eliphezulu elisontiwe okwelukwe kwahlanganiswa ndawonye, + kube nezinsika ezine nezisekelo zazo ezine ezinezimbobo. + 17  Zonke izinsika ezizungeze igceke zizoba nezinto zokubopha zesiliva namahhuku esiliva, kodwa izisekelo zazo ezinezimbobo zizoba ezethusi. + 18  Igceke kufanele libe izingalo ezingu-100 ubude, + ububanzi bube izingalo ezingu-50 nokuphakama kube izingalo ezinhlanu, lenziwe ngelineni elisezingeni eliphezulu elisontiwe, kufanele libe nezisekelo zethusi ezinezimbobo. 19  Zonke izinto ezisetshenziswa enkonzweni yetabernakele, nazo zonke izikhonkwane zalo zetende, nazo zonke izikhonkwane zegceke kufanele kube okwethusi. + 20  “Wena, kufanele uyale ama-Israyeli ukuba alethe amafutha omnqumo ahlanzekile okuzokhanyiswa ngawo, ukuze ugcine izibani zikhanya njalo. + 21  Etendeni lokuhlangana, ngaphandle kwekhethini eliseduze kobuFakazi, + u-Aroni namadodana akhe bazohlela ukuba kugcinwe izibani zikhanya kusukela kusihlwa kuze kuse phambi kukaJehova. + Kuwumthetho zonke izizukulwane zama-Israyeli okufanele ziwugcine. +

Imibhalo yaphansi

Ingalo yayilingana no-44,5 cm. Bheka iSithasiselo B14.
Noma, “umlotha onamafutha,” okuwukuthi, umlotha onamafutha emihlatshelo.
Noma, “namasongo azo okubopha esiliva.”
Noma, “amasongo okubopha.”
Noma, “isihenqo.”