Eksodusi 2:1-25
2 Cishe ngaleso sikhathi, umuntu othile wendlu kaLevi washada indodakazi kaLevi. +
2 Lowo wesifazane wakhulelwa wazala indodana. Lapho ebona indlela eyayiyinhle ngayo, wayifihla izinyanga ezintathu. +
3 Lapho engasakwazi ukuyifihla, + wathatha ubhasikidi* womhlanga* wawuhuqa ngetiyela* wamfaka kuwo umntwana, wawubeka phakathi komhlanga ngasosebeni loMfula iNayile.
4 Kodwa udadewabo + womntwana wama buqamama ukuze abone ukuthi kwakuzokwenzekani kuye.
5 Lapho indodakazi kaFaro yehla iyogeza eMfuleni iNayile, izincekukazi zayo zazihamba eceleni kweNayile. Yabona ubhasikidi emhlangeni. Ngokushesha yathumela intombazane eyisigqila sayo ukuba iwulande. +
6 Lapho iwuvula, yabona umntwana womfana ekhala. Yamzwela, kodwa yathi: “Lo ungomunye wabantwana bamaHebheru.”
7 Udadewabo womntwana wathi endodakazini kaFaro: “Ngihambe yini ngiyobiza owesifazane oncelisayo kumaHebheru ukuze akuncelisele umntwana?”
8 Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba!” Intombazane yahamba ngaso leso sikhathi yabiza unina womntwana. +
9 Indodakazi kaFaro yabe seyithi kuye: “Thatha lo mntwana ungincelisele yena, ngizokukhokhela.” Ngakho owesifazane wamthatha umntwana wamncelisa.
10 Lapho esekhulile, wamletha endodakazini kaFaro, waba indodana yayo. + Yamqamba ngokuthi uMose* yathi: “Kungenxa yokuthi ngimkhiphe emanzini.” +
11 Kwathi ngalezo zinsuku, lapho uMose esemdala,* waphuma waya kubafowabo wabona indlela ababegqilazwa ngayo, + wabona nomGibhithe othile eshaya umHebheru, omunye wabafowabo.
12 Ngakho waqalaza ngapha nangapha, wangabona muntu, wayesebulala owaseGibhithe wamfihla esihlabathini. +
13 Waphuma ngosuku olulandelayo futhi kwakunamadoda amabili angamaHebheru ayelwa. Wathi kweyayinephutha: “Umshayelani umuntu wakini?” +
14 Yathi: “Ubani okwenze isikhulu nomahluleli phezu kwethu? Ingabe uhlose ukungibulala njengoba ubulale owaseGibhithe?” + UMose wethuka wathi: “Nakanjani le ndaba isiyaziwa!”
15 Ngemva kwalokho uFaro wezwa ngale ndaba, wazama ukubulala uMose; kodwa uMose wambalekela uFaro wayohlala ezweni lakwaMidiyani, + wafike wahlala phansi ngasemthonjeni.
16 Umpristi wakwaMidiyani + wayenamadodakazi ayisikhombisa, eza ezokha amanzi ukuze agcwalise imikhombe ukuze kuzophuza umhlambi kayise.
17 Njengokujwayelekile, abelusi bafika bawaxosha. UMose wasukuma wasiza* laba besifazane waphuzisa nomhlambi wabo.
18 Lapho befika ekhaya kuyise uRehuweli, *+ wababaza wathi: “Kwenzeke kanjani ukuba nibuye masinyane kangaka namhlanje?”
19 Athi: “Umuntu othile waseGibhithe + usikhululile kubelusi, uze wasikhelela namanzi waphuzisa umhlambi.”
20 Wathi emadodakazini akhe: “Pho uphi? Nimshiyeleni? Mbizeni azodla nathi.”
21 Ngemva kwalokho uMose wavuma ukuhlala nalo muntu, uRehuweli wamganisela uZiphora + indodakazi yakhe.
22 Kamuva wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uGereshomu, *+ ngoba wathi: “Ngibe isifiki kwelinye izwe.” +
23 Ngemva kwesikhathi eside,* inkosi yaseGibhithe yafa, + kodwa ama-Israyeli aqhubeka ebubula ngenxa yokugqilazwa, ekhala ekhononda, futhi ukukhalela kwawo usizo ngenxa yokugqilazwa kwaqhubeka kwenyukela kuNkulunkulu weqiniso. +
24 Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu wakuzwa ukububula kwawo, + wakhumbula isivumelwano sakhe asenza no-Abrahama, u-Isaka noJakobe. +
25 Ngakho uNkulunkulu wawabheka ama-Israyeli; wasibona isimo sawo.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “umkhumbi; ibhokisi.”
^ Noma, “wephaphirasi.”
^ NgesiHebheru, “ngebitume.”
^ Incazelo: “Ukukhishwa,” okuwukuthi, ukusindiswa emanzini.
^ Noma, “njengoba uMose ayeba namandla.”
^ Noma, “walwela.”
^ Okuwukuthi, uJetiro.
^ Incazelo: “Isihambi Lapho.”
^ NgesiHebheru, “kwezinsuku eziningi.”