Duteronomi 29:1-29
29 Lawa amazwi esivumelwano uJehova ayala uMose ukuba asenze nesizwe sakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza naso eHorebe. +
2 UMose wabe esebiza u-Israyeli wonke wathi kuye: “Ukubone konke lokho uJehova akwenza phambi kwakho ezweni laseGibhithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe, +
3 izahlulelo* ezinkulu amehlo akho azibona, izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso. +
4 Kuze kube namuhla, uJehova akakunikanga amandla okuqonda* namehlo okubona nezindlebe zokuzwa. +
5 ‘Lapho ngikuhola iminyaka engu-40 ehlane, + izingubo zakho azizange ziguge, nezimbadada zakho azizange zigugele ezinyaweni zakho. +
6 Awudlanga sinkwa, awuphuzanga wayini nanoma yini ewuphuzo oludakayo, ukuze wazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wakho.’
7 Ekugcineni wafika kule ndawo, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni + no-Ogi inkosi yaseBhashani + baphuma bezolwa nathi, kodwa sabahlula. +
8 Ngemva kwalokho sathatha izwe labo salinika abakwaRubeni, abakwaGadi nohhafu wesizwe sakwaManase laba yifa. +
9 Ngakho gcina amazwi alesi sivumelwano, uwalalele, ukuze konke okwenzayo kuphumelele. +
10 “Namuhla nonke nimi phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, izinhloko zezizwe zenu, amadoda amadala akini, izikhulu zenu, wonke umuntu wakwa-Israyeli,
11 izingane zenu, omkenu, + nesifiki + esingaphakathi kwekamu lenu, kusukela kumuntu onithezela izinkuni kuya konikhelela amanzi.
12 Nilapha ukuze ningene esivumelwaneni sikaJehova uNkulunkulu wenu nasesifungweni sakhe, uJehova uNkulunkulu wenu asenza nani namuhla +
13 ukuze animise njengesizwe sakhe namuhla + futhi abe uNkulunkulu wenu, + njengoba nje enithembisile nanjengoba afunga kokhokho benu u-Abrahama, + u-Isaka + noJakobe. +
14 “Angisenzi nawe kuphela lesi sivumelwano nalesi sifungo,
15 kodwa ngiphinde ngisenze nalabo abami nathi lapha namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu kanye nalabo abangekho lapha nathi namuhla.
16 (Ngoba nazi kahle ukuthi sasiphila kanjani ezweni laseGibhithe nokuthi sadabula kanjani phakathi kwezizwe ezihlukahlukene ohambweni lwethu. +
17 Nanivame ukuzibona izinto zazo ezinengekayo nezithixo zazo ezinyanyekayo *+ zokhuni nezetshe, isiliva negolide, ezaziphakathi kwazo.)
18 Qaphelani ukuze namuhla kungabi khona kini indoda noma owesifazane, umndeni noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uJehova uNkulunkulu wethu iyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, + ukuze ingabi bikho impande ethela isithelo esinobuthi nomhlonyane phakathi kwenu. +
19 “Kodwa uma umuntu ezwa amazwi alesi sifungo bese eqhosha enhliziyweni yakhe, athi, ‘Ayikho into embi ezokwenzeka kimi, yize ngiphikelela nokwenza izinto ezithandwa inhliziyo yami,’ kodwa bese konakala konke okusendleleni yakhe,
20 uJehova ngeke amthethelele. + Kunalokho, uJehova uyomthukuthelela kakhulu lowo muntu, sonke isiqalekiso esilotshwe kule ncwadi nakanjani siyokwehlela phezu kwakhe, + impela uJehova uyolisula igama lakhe phansi kwamazulu.
21 UJehova uyobe esehlukanisa lo muntu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli amenze ehlelwe inhlekelele, ngokuvumelana naso sonke isiqalekiso sesivumelwano esilotshwe kule ncwadi yoMthetho.
22 “Lapho isizukulwane esizayo sabantwana benu nesifiki esivela ezweni elikude bebona izinhlupho zalelo zwe, izifo uJehova azilethe phezu kwalo—
23 isibabule nosawoti nokusha okubangelwa umlilo, kangangokuba lonke izwe lalo ngeke lihlwanyelwe noma kube khona okuhlumayo kulo, futhi ngeke kumile lutho kulo, njengaseSodoma naseGomora, + e-Adima naseZebhoyimi, + okwabhujiswa uJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe—
24 bona nazo zonke izizwe bayothi, ‘Kungani uJehova enze lokhu kuleli zwe? + Yabangelwa yini le ntukuthelo enkulu kangaka?’
25 Bayothi, ‘Kungenxa yokuthi basishiya isivumelwano sikaJehova, + uNkulunkulu wokhokho babo, asenza nabo lapho ebakhipha ezweni laseGibhithe. +
26 Bahamba bayokhonza abanye onkulunkulu babakhothamela, onkulunkulu ababengabazi nayengazange abavumele ukuba babakhonze. *+
27 Ngenxa yalokho uJehova walithukuthelela kakhulu lelo zwe, waletha sonke isiqalekiso esilotshwe encwadini phezu kwalo. +
28 Ngakho uJehova wabasiphula ezweni labo ngentukuthelo + nangokufutheka nangokucasuka okukhulu wabadingisela kwelinye izwe, lapho bekhona namuhla.’ +
29 “Izinto ezifihliwe zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, + kodwa izinto ezembuliwe zingezethu nenzalo yethu kuze kube phakade, ukuze siwafeze wonke amazwi alo Mthetho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “izilingo.”
^ NgesiHebheru, “inhliziyo yokuthi wazi.”
^ Lena yinkulumo yesiHebheru okungenzeka ihlobene negama elisho “ubulongwe,” isetshenziswa njengenkulumo yokwedelela.
^ NgesiHebheru, “nayengazange ababele bona.”