Duteronomi 10:1-22
10 “Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi, ‘Zenzele amatshe amabili ayizicaba anjengawokuqala, + uze kimi entabeni; kumelwe uzenzele nomphongolo* wokhuni.
2 Mina ngizobhala kuwo amazwi abesematsheni okuqala owaphihlizile futhi kufanele uwabeke emphongolweni.’
3 Ngakho ngawenza umphongolo wokhuni lomtholo, ngenza namatshe amabili aba izicaba njengawokuqala, ngenyukela entabeni ngiphethe amatshe amabili ayizicaba. +
4 Wabe eseloba ematsheni ayizicaba amazwi ayewabhale ngaphambili, + iMiyalo Eyishumi, *+ uJehova ayeyikhulume kini entabeni esemlilweni + ngosuku lomhlangano; *+ uJehova wanginika wona.
5 Ngaphenduka ngehla entabeni + ngabeka amatshe ayizicaba emphongolweni engangiwenzile, lapho ekhona, njengoba nje uJehova ayengiyalile.
6 “Ama-Israyeli asuka eBeyeroti Bhene-jahakani aya eMosera. U-Aroni wafela khona, wangcwatshwa khona, + indodana yakhe u-Eleyazare yaba umpristi esikhundleni sakhe. +
7 Asuka lapho aya eGudigoda, asuka eGudigoda aya eJotibatha, + izwe elinemifudlana* yamanzi agelezayo.
8 “Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi + ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, + sime phambi kukaJehova ukuze simkhonze futhi sibusise abantu egameni lakhe + njengoba senza kuze kube namuhla.
9 Yingakho uLevi engenaso isabelo noma ifa kanye nabafowabo. UJehova uyifa lakhe, njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho eshilo kuye. +
10 Mina ngahlala entabeni njengasekuqaleni, izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40, + nangaleso sikhathi uJehova wangilalela. + UJehova wayengafuni ukuniqothula.
11 UJehova wabe esethi kimi, ‘Hamba phambi kwalaba bantu, nilungele ukusuka ukuze bangene badle izwe engifunge kokhokho babo ukubanika lona.’ +
12 “Manje Israyeli, yini uJehova uNkulunkulu wakho ayicela kuwe? + Yilokhu kuphela: ukuba wesabe uJehova uNkulunkulu wakho, + uhambe kuzo zonke izindlela zakhe, + umthande, ukhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo* wakho, +
13 nokuba ugcine imiyalo kaJehova nemithetho yakhe engikuyala ngayo namuhla, ukuze kukuhambele kahle. +
14 Bheka, amazulu angakaJehova uNkulunkulu wakho, ngisho namazulu aphakeme kakhulu,* nomhlaba nakho konke okukuwo. +
15 Kodwa uJehova wasondelana nokhokho bakho kuphela, wabathanda, waze wakhetha wena, inzalo yabo, + kuzo zonke izizwe, njengoba kunjalo namuhla.
16 Manje kumelwe nihlanze izinhliziyo zenu + niyeke nokuba nenkani kangaka. *+
17 Ngoba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu + neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, ongakhethi muntu + nongamukeli sifumbathiso.
18 Wenzela intandane* nomfelokazi ubulungisa + futhi uyasithanda isifiki, + usinika ukudla nokokugqoka.
19 Nani kumelwe nisithande isifiki ngoba naba izifiki ezweni laseGibhithe. +
20 “Kufanele wesabe uJehova uNkulunkulu wakho, nguye okufanele umkhonze, + nguye okufanele unamathele kuye, futhi yigama lakhe okufanele ufunge ngalo.
21 Nguye okufanele umdumise. + UnguNkulunkulu wakho, okwenzele zonke lezi zinto ezinkulu nezimangalisayo amehlo akho azibonile. +
22 Okhokho bakho behlela eGibhithe nabantu abangu-70, + manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenze waba mningi ngangezinkanyezi zamazulu. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “nebhokisi.”
^ NgesiHebheru, “aMazwi Ayishumi.”
^ Noma, “lwebandla.”
^ Noma, “elinemihosha.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “namazulu amazulu.”
^ NgesiHebheru, “ningabe nisazenza lukhuni izintamo zenu.”
^ Noma, “ingane engenababa.”