U-Amose 9:1-15

  • Izahlulelo zikaNkulunkulu azinakubalekelwa (1-10)

  • Kuyovuswa idokodo likaDavide (11-15)

9  Ngabona uJehova + emi ngaphezu kwe-altare, wathi: “Shaya isihloko sezinsika ukuze zizamazame phansi. Zinqume esihlokweni, mina ngiyobulala abasele ngenkemba. Akekho obalekayo oyophunyuka, akekho nozama ukubaleka oyophumelela. +   Uma bemba bashone phansi eThuneni,*Isandla sami siyobakhipha lapho;Uma benyukela emazulwini,Ngiyobehlisa lapho.   Uma bezifihla esiqongweni seKarmeli,Ngiyobafuna lapho ngibakhiphe. + Uma bezifihla phambi kwamehlo ami ekujuleni kolwandle,Ngiyoyala inyoka khona lapho ukuba ibalume.   Uma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo,Ngiyoyala inkemba lapho ibabulale; +Ngiyogxilisa amehlo ami kubo ngenjongo yokubalethela okubi, hhayi okuhle. +   Ngoba iNkosi EnguMbusi uJehova wamabutho, nguYe othinta izwe*Ukuze lincibilike, + bonke abahlala kulo bayolila; +Lonke liyophakama njengeNayile,Libohle njengeNayile yaseGibhithe. +   ‘Lowo owakha izitebhisi zakhe emazulwini,Amise isakhiwo* sakhe emhlabeni;Lowo obiza amanzi olwandleUkuze awathululele emhlabeni +—NguJehova igama lakhe.’ +   ‘Anifani yini nabantwana bamaKushe kimi, bantu bakwa-Israyeli?’ kusho uJehova. ‘Angizange yini ngimkhuphule u-Israyeli ngimkhiphe ezweni laseGibhithe, +NamaFilisti ngiwakhiphe eKrethe, + neSiriya eKhiri?’ +   ‘Bhekani! Amehlo eNkosi EnguMbusi uJehova aphezu kombuso onesono,Iyowubhuqa ezweni. + Kodwa ngeke ngiyibhuqe ngokuphelele indlu kaJakobe,’ + kusho uJehova.   ‘Ngoba bheka! Ngikhipha umyalo,Ngiyonyakazisa indlu ka-Israyeli phakathi kwazo zonke izizwe, +Njengalapho nje umuntu enyakazisa isisefoKungabi bikho nelilodwa itshe eliwela phansi. 10  Zonke izoni zabantu bami ziyofa ngenkemba,Lezo ezithi: “Inhlekelele ngeke isondele kithi, futhi ngeke isifice.” ’ 11  ‘Ngalolo suku ngiyovusa idokodo* likaDavide + eliwile,Ngiyolungisa izindawo* ezibhodlokile,Ngiyovusa amanxiwa alo;Ngiyolakha kabusha njengasezinsukwini zakudala + 12  Ukuze badle ifa lalokho okusele kuka-Edomi +Nelazo zonke izizwe eziye zabizwa ngegama lami,’ kusho uJehova, owenza lokhu. 13  ‘Bhekani! Kuza izinsuku,’ kusho uJehova,‘Lapho umlimi eyofica umvuni,Nomnyatheli wamagilebhisi afice ophethe imbewu; +Izintaba ziyoconsa iwayini elimnandi, +Nawo wonke amagquma ayogeleza iwayini. *+ 14  Ngiyoqoqa izithunjwa zabantu bami u-Israyeli ngizibuyise, +Ziyokwakha kabusha amadolobha enziwe incithakalo zihlale kuwo; +Ziyotshala amasimu amagilebhisi ziphuze iwayini lawo, +Zenze izingadi zidle izithelo zazo.’ + 15  ‘Ngiyozitshala ezweni lazo,Ngeke ziphinde zisishulweEzweni engizinike lona,’ + kusho uJehova uNkulunkulu wenu.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “umhlaba.”
Noma, “isakhiwo esinophahla oluyindilinga.”
Noma, “itende.”
Noma, “izindawo zabo.”
NgesiHebheru, “ayoncibilika.”