AbaHluleli 1:1-36
1 Ngemva kokufa kukaJoshuwa + ama-Israyeli* abuza kuJehova, + athi: “Ngubani kithi ozokhuphuka kuqala ayokulwa namaKhanani?”
2 UJehova waphendula wathi: “NguJuda ozokhuphuka. + Ngilinikela* esandleni sakhe izwe.”
3 UJuda wathi kuSimeyoni umfowabo: “Khuphuka nami siye esabelweni + sami siyolwa namaKhanani, nami ngizohamba nawe ukuya esabelweni sakho.” Ngakho uSimeyoni wahamba naye.
4 Lapho abakwaJuda bekhuphuka, uJehova wanikela amaKhanani namaPherizi ezandleni zabo, + banqoba amadoda angu-10 000 eBhezeki.
5 Bathola u-Adoni-bhezeki eBhezeki, balwa naye lapho bawanqoba amaKhanani + namaPherizi. +
6 Lapho u-Adoni-bhezeki ebaleka, bamjaha bambamba, bamnquma izithupha nobhozo.
7 U-Adoni-bhezeki wathi: “Kunamakhosi angu-70 engawanquma izithupha nobhozo acosha ukudla ngaphansi kwetafula lami. Ngakho uNkulunkulu ungibuyisele ngayo kanye indlela engenze ngayo.” Ngemva kwalokho bamletha eJerusalema + lapho afela khona.
8 Ngaphezu kwalokho, amadoda akwaJuda alwa neJerusalema + alinqoba; aligalela ngenkemba, abe eselishisa ngomlilo.
9 Ngemva kwalokho, amadoda akwaJuda ehla ayokulwa namaKhanani ayehlala ezintabeni, eNegebhi naseShefela. +
10 UJuda wahamba wayokulwa namaKhanani ayehlala eHebroni (igama leHebroni ngaphambi kwalokho kwakuyiKiriyati-ariba), babulala uSheshayi, u-Ahimani noTalimayi. +
11 Ukusuka lapho baqhubeka bayokulwa nabaseDebhiri. + (IDebhiri lalikade libizwa ngokuthi iKiriyati-seferi.) +
12 UKalebi + wabe esethi: “Indoda ezohlasela iKiriyati-seferi ilinqobe, ngizoyinika indodakazi yami u-Akisa ibe umkayo.” +
13 U-Otheniyeli + indodana kaKhenazi + ongumfowabo kaKalebi omncane, walinqoba. Ngakho wamnika u-Akisa indodakazi yakhe waba umkakhe.
14 Lapho u-Akisa eseya emzini wakhe, wancenga umyeni wakhe ukuba acele insimu kuyise. U-Akisa wabe esehla embongolweni.* UKalebi wathi kuye: “Ufunani?”
15 Wathi: “Ngicela ungiphe isipho esiyisibusiso, ngoba unginike isiqephu sezwe esomile kuphela esiseningizimu;* nginike neGulothi-mayimi.”* Ngakho uKalebi wamnika iGulothi Elingenhla neGulothi Elingezansi.
16 Inzalo yomKheni, + umukhwe kaMose, + yakhuphuka isuka edolobheni lezihlahla zesundu + kanye nabantu bakwaJuda yaya ehlane lakwaJuda, eningizimu ye-Aradi. + Yahamba yaya lapho yafike yahlala nabantu bendawo. +
17 Kodwa uJuda waqhubekela phambili noSimeyoni umfowabo, bahlasela amaKhanani ahlala eZefati bawashaya bawabhuqa. + Ngakho baqamba lelo dolobha ngokuthi iHorma. *+
18 Ngemva kwalokho uJuda wanqoba iGaza + nendawo engaphansi kwalo, i-Ashikeloni + nendawo engaphansi kwalo ne-Ekroni + nendawo engaphansi kwalo.
19 UJehova wayemsekela uJuda futhi wadla indawo esezintabeni, kodwa akakwazanga ukuxosha abantu ababehlala ethafeni,* ngoba babenezinqola zempi ezinamasikela amakhulu ensimbi. *+
20 Banika uKalebi iHebroni, njengoba nje uMose ayethembisile, + wafike waxosha amadodana amathathu ka-Anaki. +
21 Kodwa abakwaBhenjamini abazange bawaxoshe amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho amaJebusi asahlala nabakwaBhenjamini eJerusalema kuze kube namuhla. +
22 Phakathi naleso sikhathi indlu kaJosefa + yakhuphuka yayokulwa neBhethele, uJehova wayenayo. +
23 Inzalo kaJosefa yathumela izinhloli eBhethele (ngaphambi kwalokho igama lalelo dolobha kwakuyiLuze), +
24 izinhloli zabona indoda iphuma kulelo dolobha. Ngakho zathi kuyo: “Sicela usikhombise indlela yokungena kuleli dolobha, ngeke sikubulale.”*
25 Ngakho le ndoda yazibonisa indlela yokungena kulelo dolobha; inzalo kaJosefa yabe isilihlasela ngenkemba, kodwa ayiyibulalanga leyo ndoda nawo wonke umndeni wayo. +
26 Leyo ndoda yahamba yaya ezweni lamaHeti yakha idolobha yaliqamba ngokuthi iLuze, okuyigama lalo kuze kube namuhla.
27 UManase akazange alidle iBheti-sheyani namadolobhana angaphansi* kwalo, iThahanaki + namadolobhana angaphansi kwalo, iDori namadolobhana angaphansi kwalo, iJibhileyamu namadolobhana angaphansi kwalo neMegido namadolobhana angaphansi kwayo. + AmaKhanani aphikelela nokuhlala kuleli zwe.
28 Lapho ama-Israyeli eba namandla, enzisa amaKhanani umsebenzi wobugqila, + kodwa awawaxoshanga wonke. +
29 U-Efrayimi naye akawaxoshanga amaKhanani ayehlala eGezeri. + AmaKhanani aqhubeka ehlala nabo eGezeri.
30 UZebhuloni akabaxoshanga abaseKitroni nabaseNahaloli. + AmaKhanani aqhubeka ehlala nabo, enziswa umsebenzi wobugqila. +
31 U-Asheri akabaxoshanga abase-Ako, abaseSidoni, + abase-Ahilabi, abase-Akizibi, + abaseHelba, abase-Afiki + nabaseRehobe. +
32 Ngakho abakwa-Asheri baqhubeka behlala namaKhanani ayehlala kulelo zwe, ngoba abazange bawaxoshe.
33 UNafetali akabaxoshanga abaseBheti-shemeshi nabaseBheti-anati, + kodwa baqhubeka behlala namaKhanani ayehlala kulelo zwe. + AbaseBheti-shemeshi nabaseBheti-anati baba izigqila zakhe.
34 Ama-Amori abavalela ezintabeni abakwaDani, engabavumeli ukuba behlele emathafeni. *+
35 Ngakho ama-Amori aphikelela nokuhlala eNtabeni iHeresi, e-Ajaloni + naseShahalibhimi. + Kodwa lapho indlu kaJosefa iba namandla,* enziswa umsebenzi wobugqila.
36 Indawo yama-Amori yayiqala emqanseni wase-Akarabimi, + kusukela eSela kwenyuke.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “amadodana ka-Israyeli.”
^ Noma, “ngilinikele.”
^ Noma kungaba, “washaya izandla esembongolweni.”
^ Noma, “esiseNegebhi.”
^ Incazelo: “Izitsha Zamanzi.”
^ Incazelo: “Ukubhubhisa.”
^ Noma, “ethafeni eliphansi.”
^ NgesiHebheru, “babenezinqola zensimbi.”
^ NgesiHebheru, “sizokubonisa uthando oluqotho.”
^ Noma, “aseduze.”
^ Noma, “ethafeni eliphansi.”
^ NgesiHebheru, “nesandla esisindayo.”

