Eyokuqala KaJohane 1:1-10

  • Izwi lokuphila (1-4)

  • Ukuhamba ekukhanyeni (5-7)

  • Isidingo sokuvuma izono (8-10)

1  Lokho okwakukhona kusukela ekuqaleni, esikuzwile, esikubonile ngamehlo ethu, esikuqaphelile nezandla zethu ezikuthintile, okuphathelene nezwi lokuphila, +  (yebo, ukuphila kwenziwa kwabonakala, sibonile futhi siyafakaza + futhi sinibikela ngokuphila okuphakade + okwakunoYise futhi kwabonakaliswa kithi),  lokho esikubonile nesikuzwile sinibikela kona nani, + ukuze nani nibe nesabelo* kanye nathi. Ngaphezu kwalokho, lesi sabelo sethu sikuBaba neNdodana yakhe uJesu Kristu. +  Ngakho sibhala lezi zinto ukuze injabulo yethu igcwale.  Yilo umyalezo esawuzwa kuye futhi esinazisa wona: uNkulunkulu ungukukhanya + futhi abukho nhlobo ubumnyama kuye.*  Uma sithi, “Sinesabelo kanye naye,” kodwa sibe siqhubeka sihamba ebumnyameni, siqamba amanga asiphili ngeqiniso. +  Nokho, uma sihamba ekukhanyeni njengoba naye ngokwakhe esekukhanyeni, sinaso isabelo esisihlanganyelayo futhi igazi likaJesu, iNdodana yakhe, lisihlanza kuso sonke isono. +  Uma sithi, “Asinaso isono,” siyazikhohlisa + neqiniso alikho kithi.  Uma sizivuma izono zethu, yena uthembekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu, asihlanze kukho konke ukungalungi. + 10  Uma sithi, “Asonanga,” simenza umqambimanga, futhi izwi lakhe alikho kithi.

Imibhalo yaphansi

Noma, “nobuhlobo.”
Noma, “obuhlangene naye.”