UmShumayeli 7:1-29

7  Igama lingcono kunamafutha amahle,+ nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa komuntu.+  Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili,+ ngoba lokho kuwukuphela kwaso sonke isintu; futhi ophilayo kufanele akufake enhliziyweni.  Kungcono ukukhathazeka kunokuhleka,+ ngoba ngokuhlunama kobuso inhliziyo iba ngcono.+  Inhliziyo yabahlakaniphile isendlini yokulila,+ kodwa inhliziyo yeziphukuphuku isendlini yokujabula.+  Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphile+ kunokuba ube ngumuntu ozwa ingoma yeziphukuphuku.+  Ngoba njengomsindo wameva ngaphansi kwembiza, kunjalo ukuhleka kwesiphukuphuku;+ lokhu nakho kuyize.  Ngoba ukucindezelwa kukodwa kungenza ohlakaniphileyo enze ngendlela yokusangana,+ nesipho+ singayibhubhisa inhliziyo.+  Kungcono ukuphela kwendaba kamuva kunokuqala kwayo.+ Ungcono obekezelayo kunomuntu onomoya ozidlayo.+  Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho,+ ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.+ 10  Ungasho ukuthi: “Kungani izinsuku zangaphambili ziye zaba ngcono kunalezi?”+ ngoba awukubuzi ngokuhlakanipha+ lokhu. 11  Ukuhlakanipha kanye nefa kuhle futhi kunenzuzo kulabo ababona ilanga.+ 12  Ngoba ukuhlakanipha kuyisivikelo+ njengoba nje nemali iyisivikelo;+ kodwa inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha kona kuyabalonda abaninikho.+ 13  Bona umsebenzi+ kaNkulunkulu weqiniso, ngoba ubani okwaziyo ukuqondisa lokho akwenze kwagwegwa?+ 14  Ngosuku oluhle zibonakalise usebuhleni,+ nangosuku lwenhlekelele bona ukuthi uNkulunkulu weqiniso ulwenzile lolu ngokufana ncamashí nalolo,+ ngenhloso yokuba abantu bangatholi lutho olungemva kwabo.+ 15  Ngikuboné konke ngezinsuku zami eziyize.+ Kukhona olungile oshabalala ekulungeni kwakhe,+ futhi kukhona omubi oqhubeka isikhathi eside ebubini bakhe.+ 16  Ungabi olunge ngokwedlulele,+ noma uzibonise uhlakaniphe ngokweqile.+ Kungani kufanele uzibangele incithakalo?+ 17  Ungabi mubi ngokwedlulele,+ noma ube yisiwula.+ Kungani kufanele ufe kungakabi yisikhathi sakho?+ 18  Kungcono ukuba ubambe okunye, kodwa ungasihoxisi isandla sakho nakokunye futhi;+ ngoba owesaba uNkulunkulu uyophuma kukho konke.+ 19  Ukuhlakanipha kukodwa kunamandla kohlakaniphileyo kunamadoda ayishumi asesikhundleni sokuphatha asemzini.+ 20  Ngoba akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.+ 21  Futhi, unganikeli inhliziyo yakho kuwo wonke amazwi abantu abangase bawakhulume,+ ukuze ungezwa inceku yakho ikuqalekisa.+ 22  Ngoba inhliziyo yakho yazi kahle ukuthi ezikhathini eziningi nawe, yebo nawe, uye wabaqalekisa abanye.+ 23  Konke lokhu ngiye ngakuvivinya ngokuhlakanipha. Ngathi: “Ngizohlakanipha.” Kodwa kwakukude nami.+ 24  Lokho okuye kwaba khona kukude kakhulu futhi kujule ngokwedlulele. Ubani ongakuthola?+ 25  Mina ngokwami ngaphenduka, ngisho nenhliziyo yami yenza kanjalo,+ ukuba ngazi ngihlole futhi ngifune ukuhlakanipha+ nesizathu sezinto,+ nokuba ngazi ngobubi bobuphukuphuku nobuwula bobuhlanya;+ 26  futhi nakhu engangikuthola: Okumunyu kunokufa+ ngathola ukuthi ngowesifazane ongamanetha okuzingela futhi onhliziyo yakhe ingamanetha ahudulwayo nozandla zakhe ziyizibopho.+ Muhle phambi kukaNkulunkulu weqiniso umuntu uma ephunyuka kuye, kodwa umuntu uyona uma ethunjwa nguye.+ 27  “Bheka! Ngikutholile lokhu,” kusho umhlanganisi,+ “into ihlanganiswa nenye, ukuze kutholakale ingqikithi,+ 28  umphefumulo wami obulokhu uyifuna ngokuqhubekayo, kodwa engingakayitholi. Indoda eyodwa kwayinkulungwane ngiyitholile,+ kodwa owesifazane phakathi kwabo bonke laba angikamtholi.+ 29  Bheka! Yilokhu kuphela engikutholile, ukuthi uNkulunkulu weqiniso wabenza abantu beqotho,+ kodwa bona ngokwabo baye bafuna amacebo amaningi.”+

Imibhalo yaphansi