UmShumayeli 5:1-20
5 Qapha izinyawo zakho+ noma nini lapho uya endlini kaNkulunkulu weqiniso; sondela ukuba uyozwa,+ kunokuba uyonikela ngomhlatshelo njengoba kwenza iziphukuphuku,+ ngoba zingaqapheli ukuthi zenza okubi.+
2 Ungasheshi ngokuqondene nomlomo wakho; nenhliziyo yakho+ mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu weqiniso.+ Ngoba uNkulunkulu weqiniso usemazulwini+ kodwa wena usemhlabeni. Yingakho amazwi akho kufanele abe mbalwa.+
3 Ngoba iphupho ngokuqinisekile liba khona ngenxa yobuningi bomsebenzi,+ nezwi loyisiphukuphuku ngenxa yobuningi bamazwi.+
4 Noma nini lapho wenza isithembiso kuNkulunkulu, unganqikazi ukusigcwalisa,+ ngoba akukho ukujabula kwabayiziphukuphuku.+ Gcwalisa isithembiso sakho.+
5 Kungcono ukuba ungasenzi isifungo+ kunokuba wenze isifungo kodwa ungasigcwalisi.+
6 Ungavumeli umlomo wakho ubangele inyama yakho ukuba yone,+ futhi ungasho phambi kwengelosi+ ukuthi kwakuyiphutha.+ Kungani uNkulunkulu weqiniso kufanele athukutheliswe yizwi lakho bese kudingeka ukuba aphihlize umsebenzi wezandla zakho?+
7 Ngoba ngenxa yobuningi bomsebenzi kuba khona amaphupho,+ futhi kuba khona izinto eziyize namazwi achichimayo. Kodwa yesaba uNkulunkulu weqiniso ngokwakhe.+
8 Uma ubona noma yikuphi ukucindezelwa komuntu onokuncane nokususwa ngobudlova kokwahlulela+ nokokulunga esifundeni sombuso, ungamangali ngale ndaba,+ ngoba ophakeme kunalowo ophakeme+ ubhekile,+ futhi bakhona abaphakeme ngaphezu kwabo.
9 Futhi, imbuyiselo yomhlaba iphakathi kwabo bonke;+ inkosi iye yakhonzwa ngenxa yensimu.+
10 Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.+ Nalokhu kuyize.+
11 Lapho izinto ezinhle ziba ziningi, ngokuqinisekile baba baningi nabazidlayo.+ Futhi iyini inzuzo kumnikazi wazo omkhulu, ngaphandle kokuzibuka ngamehlo?+
12 Bumnandi ubuthongo+ balowo okhonzayo, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kuningi akudlayo; kodwa inala yocebileyo ayimvumeli ukuba alale.
13 Kukhona inhlekelele engathi sína engiyibonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umnikazi wayo omkhulu kube yinhlekelele kuye.+
14 Leyo ngcebo iye yashabalala+ ngenxa yomsebenzi obangela inhlekelele, futhi uye wazala indodana lapho kungekho lutho nhlobo esandleni sakhe.+
15 Njengoba nje umuntu aphuma esiswini sikanina, uyomuka ehamba-ze futhi,+ ngendlela nje umuntu eza ngayo; akukho lutho umuntu angamuka nalo+ ngenxa yomsebenzi wakhe onzima, angase aluthathe ngesandla sakhe ahambe nalo.
16 Lokhu nakho kuyinhlekelele engathi sína: ngokufana ncamashí nendlela ezé ngayo, uyohamba kanjalo futhi; kunanzuzoni-ke kulowo oqhubeka esebenzela umoya kanzima?+
17 Futhi, zonke izinsuku zakhe udlela ebumnyameni ngokukhathazeka okukhulu,+ ngokugula nangembangela yokuthukuthela.
18 Bheka! Into engcono kunakho konke mina ngokwami engiyibonile, enhle, iwukuba umuntu adle aphuze futhi abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima+ awusebenza kanzima phansi kwelanga ngesibalo sezinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu weqiniso amnike sona, ngoba lokho kuyisabelo sakhe.
19 Wonke umuntu uNkulunkulu weqiniso amnike ingcebo nempahla yezinto ezibonakalayo,+ uye futhi wamenza ukuba akwazi ukudla kuyo+ nokuba athathe isabelo sakhe ajabule ngomsebenzi wakhe onzima.+ Lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu.+
20 Ngoba akukaningi eyozikhumbula izinsuku zokuphila kwakhe, ngoba uNkulunkulu weqiniso umgcina ematasa ngokujabula kwenhliziyo yakhe.+