UmShumayeli 4:1-16
4 Ngabuya ukuze ngibone zonke izenzo zokucindezela+ ezenziwa phansi kwelanga, bheka! izinyembezi zabacindezelwayo,+ kodwa babengenamduduzi;+ futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla, kangangokuthi babengenamduduzi.
2 Futhi ngabahalalisela abafileyo asebefile kakade kunalabo abaphilayo ababesaphila.+
3 Ngakho ongcono kunabo bobabili yilowo ongakabi khona,+ ongakawuboni umsebenzi oyinhlekelele owenziwa phansi kwelanga.+
4 Mina ngokwami ngiwubonile wonke umsebenzi onzima nabo bonke ubungoti emsebenzini,+ ukuthi kusho ukubangisana komunye nomunye;+ lokhu nakho kuyize nokulwela ukufica umoya.
5 Isiphukuphuku sigoqa izandla zaso+ futhi sidla inyama yaso.+
6 Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.+
7 Futhi ngabuya ukuze ngibone ize eliphansi kwelanga:
8 Kukhona oyedwa, kodwa akekho owesibili;+ futhi akanayo indodana noma umfowabo,+ kodwa awupheli wonke umsebenzi wakhe onzima. Futhi, amehlo akhe awaneliseki ngengcebo:+ “Ubani engimsebenzela kanzima futhi engibangela umphefumulo wami ukuba untule izinto ezinhle ngenxa yakhe?”+ Nalokhu kuyize, futhi kuwumsebenzi obangela inhlekelele.+
9 Ababili bangcono kunoyedwa,+ ngoba banomvuzo omuhle ngomsebenzi wabo onzima.+
10 Ngoba uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe.+ Kodwa kuyoba njani ngalowo oyedwa nje owayo lapho kungekho omunye wokumvusa?+
11 Ngaphezu kwalokho, uma ababili belala ndawonye, ngokuqinisekile bayofudumala; kodwa oyedwa nje angahlala kanjani efudumele?+
12 Futhi uma othile engase akwazi ukuhlula umuntu oyedwa kuphela, ababili ndawonye bangase bakwazi ukumelana naye.+ Nentambo emicu mithathu ayinakugqashulwa ngokushesha.
13 Ungcono umntwana oswele kodwa ohlakaniphile+ kunenkosi endala kodwa eyisiphukuphuku,+ engasenalo ulwazi olwanele ukuba ixwayiseke.+
14 Ngoba uphume khona kanye etilongweni ukuba ayoba inkosi,+ nakuba ebukhosini bakhe ayezalwe engumuntu onokuncane.+
15 Ngibabonile bonke abaphilayo abahambahamba phansi kwelanga, ukuthi kumhambela kanjani lo mntwana, ongowesibili, oma endaweni yalowo omunye.+
16 Abantu abaqedwa, bonke labo aye waba phambi kwabo;+ nakamuva abantu ngeke bajabule ngaye,+ ngoba nalokhu kuyize nokulwela ukufica umoya.+