UmShumayeli 3:1-22
3 Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into,+ yebo isikhathi sazo zonke izindaba phansi kwamazulu:
2 isikhathi sokuzalwa+ nesikhathi sokufa;+ isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliwe;+
3 isikhathi sokubulala+ nesikhathi sokuphulukisa;+ isikhathi sokubhidliza nesikhathi sokwakha;+
4 isikhathi sokukhala+ nesikhathi sokuhleka;+ isikhathi sokubangalasa+ nesikhathi sokutshakadula;+
5 isikhathi sokuntshinga amatshe+ nesikhathi sokuqoqela amatshe ndawonye;+ isikhathi sokugona+ nesikhathi sokudeda ekugoneni;+
6 isikhathi sokufuna+ nesikhathi sokudela okufunwayo njengokulahlekile; isikhathi sokulondoloza nesikhathi sokuntshinga;+
7 isikhathi sokuklebhula+ nesikhathi sokuthunga;+ isikhathi sokuthula+ nesikhathi sokukhuluma;+
8 isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda;+ isikhathi sempi+ nesikhathi sokuthula.+
9 Umenzi wento uthola nzuzoni kulokho akusebenza kanzima?+
10 Ngiwubonile umsebenzi uNkulunkulu awuniké amadodana abantu ukuba abe matasa kuwo.+
11 Wenzé konke kwaba kuhle ngesikhathi sako.+ Ufake ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zawo,+ ukuze abantu bangawutholi nanini umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.+
12 Sengiyazi ukuthi akukho lutho olungcono ngabo kunokuba umuntu ajabule futhi enze okuhle phakathi nokuphila kwakhe;+
13 nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima.+ Kuyisipho sikaNkulunkulu.+
14 Sengiyazi ukuthi konke uNkulunkulu weqiniso akwenzayo, kuyoba khona kuze kube nini nanini.+ Akukho lutho ongalunezela kukho futhi akukho lutho ongalususa kukho;+ kodwa uNkulunkulu weqiniso ngokwakhe ukwenzile,+ ukuze abantu bamesabe.+
15 Lokho okubé khona, kwakukhona kakade, nalokho okusazoba khona kuye kwaba khona kakade;+ futhi uNkulunkulu weqiniso+ uqhubeka efuna lokho okuphishekelwayo.+
16 Ngaphezu kwalokho ngiyibonile phansi kwelanga indawo yobulungisa okwakukhona kuyo ukukhohlakala nendawo yokulunga okwakukhona kuyo ukukhohlakala.+
17 Mina ngithé enhliziyweni yami:+ “UNkulunkulu weqiniso uyokwahlulela olungileyo nomubi,+ ngoba sikhona isikhathi sazo zonke izindaba nangokuqondene nawo wonke umsebenzi.”+
18 Mina, yebo mina, ngishilo enhliziyweni yami ngokuqondene namadodana abantu uNkulunkulu weqiniso ayowakhetha, ukuze abone ukuthi nawo ngokwawo ayizilwane.+
19 Ngoba kukhona isiphetho ngokuqondene namadodana abantu nesiphetho ngokuqondene nesilwane, futhi kunesiphetho esifanayo.+ Ngendlela okufa ngayo okunye, kufa kanjalo nokunye;+ futhi konke kunomoya owodwa,+ kangangokuthi umuntu akaphakeme ngalutho ngaphezu kwesilwane, ngoba konke kuyize.
20 Konke kuya endaweni yinye.+ Konke kuye kwaba khona kuvela othulini,+ futhi konke kubuyela othulini.+
21 Ngubani owazi umoya wamadodana abantu, ukuthi unyukela phezulu yini noma cha; nomoya wesilwane, ukuthi wehlela phansi emhlabeni yini noma cha?+
22 Ngibonile ukuthi akukho lutho olungcono ngaphezu kokuba umuntu ajabule ngemisebenzi yakhe,+ ngoba lokho kuyisabelo sakhe; ngoba ngubani oyomletha ukuba abone lokho okuyoba khona ngemva kwakhe?+