UmShumayeli 11:1-10

11  Thumela isinkwa sakho+ ebusweni bamanzi,+ ngoba uyophinde futhi usithole ngokuhamba kwezinsuku eziningi.+  Nika isabelo kwabayisikhombisa, noma ngisho kwabayisishiyagalombili,+ ngoba awazi ukuthi iyiphi inhlekelele eyokwenzeka emhlabeni.+  Uma amafu egcwele amanzi, athulula imvula phezu komhlaba;+ futhi uma umuthi uwela ngaseningizimu noma uwela ngasenyakatho, endaweni lapho umuthi+ uwela khona yilapho uyoba khona.  Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu; nalowo obheka amafu ngeke avune.+  Njengoba nje ungazi ukuthi iyini indlela yomoya emathanjeni esiswini sokhulelweyo,+ ngendlela efanayo awuwazi umsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, owenza zonke izinto.+  Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule;+ ngoba awazi ukuthi yikuphi lapho le iyophumelela khona,+ kungaba lapha noma laphaya, noma ukuthi zombili ziyoba zinhle ngokufanayo.  Kumnandi futhi nokukhanya, futhi kuhle ukuba amehlo abone ilanga,+  ngoba uma umuntu engase aphile ngisho neminyaka eminingi, makajabule+ kuyo yonke. Futhi makakhumbule izinsuku zobumnyama,+ nakuba zingase zibe ziningi; usuku ngalunye oluye lwaba khona luyize.+  Jabula,+ nsizwa, ebusheni bakho, futhi inhliziyo yakho mayikwenzele okuhle ezinsukwini zobunsizwa bakho, futhi uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nasezintweni ezibonwa amehlo akho.+ Kodwa yazi ukuthi ngenxa yazo zonke lezi zinto uNkulunkulu weqiniso uyokuletha ekwahlulelweni.+ 10  Ngakho khipha ukukhathazeka enhliziyweni yakho, uphebeze inhlekelele enyameni yakho;+ ngoba ubusha nobungqabavu bokuphila kuyize.+

Imibhalo yaphansi