UmShumayeli 10:1-20
10 Yizimpukane ezifile ezibangela ukuba amafutha omenzi wamafutha okugcoba+ anuke kabi, aphuphume. Benza kanjalo nobuwula obuncane koyigugu ngokuhlakanipha nodumo.+
2 Inhliziyo yohlakaniphileyo ingakwesokunene sakhe,+ kodwa inhliziyo yesiphukuphuku ingakwesobunxele saso.+
3 Futhi kunoma iyiphi indlela isiwula esihamba ngayo,+ inhliziyo yaso iyantula, futhi ngokuqinisekile sitshela wonke umuntu ukuthi siyisiwula.+
4 Uma kwenzeka umoya wombusi ukuvukela, ungayishiyi indawo yakho,+ ngoba ukuzola kudambisa izono ezinkulu.+
5 Kukhona into eyinhlekelele engiyibonile phansi kwelanga, njengalapho kukhona iphutha+ eliphuma ngenxa yomuntu osesikhundleni sokuphatha:+
6 Ubuwula buye babekwa ezikhundleni eziningi eziphakeme,+ kodwa abacebile baqhubeka behleli esimweni esiphansi nje.
7 Ngiboné izinceku zigibele amahhashi kodwa izikhulu zihamba phansi emhlabathini njengezinceku.+
8 Omba umgodi uyowela khona kanye kuwo;+ nobhodloza udonga lwamatshe, uyolunywa yinyoka.+
9 Oqhephula amatshe uyozilimaza ngawo. Ocanda izingodo kuyofanele aziqaphele.+
10 Uma ithuluzi lensimbi selibe buthuntu futhi umuntu engazange alilole,+ khona-ke uyokhama amandla akhe. Ngakho ukusebenzisa ukuhlakanipha ukuze uphumelele kusho inzuzo.+
11 Uma inyoka iluma lapho ingakathwebuleki,+ khona-ke ayikho inzuzo kulowo osebenzisa ulimi.
12 Amazwi omlomo wohlakaniphileyo asho umusa,+ kodwa izindebe zesiphukuphuku ziyasigwinya.+
13 Ukuqala kwamazwi omlomo waso kuwubuwula,+ futhi ukuphela komlomo waso kamuva kuwubuhlanya obubangela inhlekelele.
14 Isiwula sikhuluma amazwi amaningi.+
Umuntu akakwazi okuyoba khona; nalokho okuyoba khona ngemva kwakhe, ubani ongamtshela kona?+
15 Umsebenzi onzima weziphukuphuku uzenza zikhathale,+ ngoba asikho nesisodwa esaziyo ukuthi kuyiwa kanjani emzini.+
16 O lizwe, kuyokuhambela kanjani lapho inkosi yakho ingumfana,+ nezikhulu zakho zilokhu zidlana nokudla ngisho nasekuseni?
17 O lizwe, uyajabula uma inkosi yakho iyindodana yabayizicukuthwane nezikhulu zakho zidla ngesikhathi esifanele ukuze zizuze amandla, hhayi ngenjongo yokuphuza nje kuphela.+
18 Ngobuvila obukhulu imishayo iyabhodloka, nangokwehlisa izandla indlu iyavuza.+
19 Isinkwa ngesokwenza izisebenzi zihleke, newayini lenza ukuphila kujabule;+ kodwa imali yiyo ebangela ukusabela kuzo zonke izinto.+
20 Ngisho nasekamelweni lakho lokulala ungayiqalekisi inkosi,+ nasemakamelweni akho angaphakathi lapho ulala khona ungamqalekisi noma ubani ocebile;+ ngoba isidalwa esindizayo samazulu siyowuthutha umsindo nento enamaphiko iyoyilandisa indaba.+