Thithu 2:1-15
2 Nokho, wena qhubeka ukhuluma izinto ezifanele imfundiso ephilayo.+
2 Amadoda asekhulile+ mawabe alinganiselayo, athatha izinto ngokungathi sína,+ ahluzekile engqondweni, aphilile okholweni,+ othandweni, ekukhuthazeleni.+
3 Ngokufanayo abesifazane asebekhulile+ mabaziphathe ngenhlonipho, bangabi abanyundelayo,+ futhi bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle;
4 ukuze basangulukise abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo,+ bathande abantwana babo,+
5 babe abahluzekile engqondweni, abamsulwa,+ abasebenzayo ekhaya, abahle, abazithobayo+ kubayeni babo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.+
6 Ngokufanayo, qhubeka ukhuthaza izinsizwa ukuba zibe ezihluzekile engqondweni,+
7 kuzo zonke izinto uzibonakalisa uyisibonelo semisebenzi emihle;+ ubonisa ukungabi nakonakala+ ekufundiseni+ kwakho, ukuthatha izinto ngokungathi sína,
8 inkulumo enhle engenakugxekwa;+ ukuze umuntu ophikisayo abe namahloni, engenalutho olubi angalusho ngathi.+
9 Izinceku+ mazizithobe kubaninizo ezintweni zonke,+ zibajabulise, zingaqagulisani nabo,+
10 zingebi,+ kodwa zibonise ukwethembeka okuhle ngokugcwele,+ ukuze zihlobise imfundiso yoMsindisi wethu,+ uNkulunkulu, ezintweni zonke.
11 Ngoba umusa kaNkulunkulu ongafanelwe+ oletha insindiso+ kuzo zonke izinhlobo zabantu+ ubonakalisiwe,+
12 usiyala ukuba silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu+ nezifiso zezwe+ nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu+ phakathi nalesi simiso samanje sezinto,+
13 kuyilapho silindele ithemba+ elijabulisayo nokubonakaliswa okukhazimulayo+ kukaNkulunkulu omkhulu nokoMsindisi wethu, uKristu Jesu,
14 owazinikela+ ngenxa yethu ukuze asikhulule+ kuyo yonke inhlobo yokweqa umthetho futhi azihlanzele+ isizwe okungesakhe kuphela,+ esishisekela imisebenzi emihle.+
15 Qhubeka ukhuluma ngalezi zinto, ukhuthaza futhi usola ngegunya eligcwele lokuyala.+ Makungabikho muntu okudelelayo+ nanini.