Roma 16:1-27
16 Ngiyamtusa kini uFibhi udadewethu, oyisikhonzi+ sebandla eliseKenikreya,+
2 ukuba nimamukele+ eNkosini ngendlela efanele abangcwele, nokuba nimsize kunoma iyiphi indaba angase anidinge kuyo,+ ngoba waba umvikeli wabaningi, yebo, nowami ngokwami.
3 Ngikhonzeleni kuPriska no-Akhwila+ izisebenzi ezikanye nami+ kuKristu Jesu,
4 abaye bafaka ukuphila kwabo engozini+ ngenxa yomphefumulo wami, engibabonga+ kungemina kuphela kodwa nawo wonke amabandla ezizwe;
5 nikhonze futhi ebandleni elisendlini yabo.+ Khonzani ku-Ephenetu wami othandekayo, olulibo+ lukaKristu lwase-Asiya.
6 Khonzani kuMariya, onenzele imisebenzi eminingi.
7 Khonzani ku-Anidroniku noJuniya izihlobo zami+ nezithunjwa ezikanye nami,+ abangamadoda adumile phakathi kwabaphostoli futhi abaye baba nobunye+ noKristu isikhathi eside kunami.
8 Ngikhonzeleni+ ku-Ampiliyatu, othandekayo wami eNkosini.
9 Khonzani ku-Urbhanu isisebenzi esikanye nathi kuKristu, nakuStaku wami othandekayo.
10 Khonzani+ ku-Aphele, owamukelekayo kuKristu. Khonzani kulabo abasendlini ka-Arisitobulu.
11 Khonzani kuHerodiyone isihlobo sami.+ Khonzani kulabo abasendlini kaNarkisu abaseNkosini.+
12 Khonzani kuTrifina noTrifosa, abesifazane abasebenza kanzima eNkosini. Khonzani kuPersisi, othandekayo wethu, ngoba wenza imisebenzi eminingi eNkosini.
13 Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini, nakunina ongumama nakimi.
14 Khonzani ku-Asinkiritu, kuFilegu, kuHerme, kuPhatroba, kuHerma, nakubazalwane abanabo.
15 Khonzani kuFilologu, noJuliya, kuNerewu nodadewabo, naku-Olimpa, nakubo bonke abangcwele abanabo.+
16 Bingelelanani ngokwanga okungcwele.+ Wonke amabandla kaKristu ayakhonza kini.
17 Manje ngiyanikhuthaza bazalwane, ukuba niqaphele labo ababangela ukuhlukana+ nezimo ezingabangela ukukhubeka ngokuphambene nemfundiso+ eniyifundile, futhi nibagweme.+
18 Ngoba amadoda alolo hlobo ayizigqila, hhayi zeNkosi yethu uKristu, kodwa zezisu zawo siqu;+ futhi ngenkulumo ebushelelezi+ nangenkulumo yokuthopha+ ayenga izinhliziyo zabaqotho.
19 Ngoba ukulalela kwenu kuye kwaqashelwa yibo bonke.+ Ngakho-ke ngiyajabula ngani. Kodwa ngifuna ukuba nihlakaniphe+ ngokuqondene nokuhle, kodwa nibe msulwa+ ngokuqondene nokubi.+
20 UNkulunkulu onika ukuthula,+ yena uzomchoboza ngokushesha uSathane+ ngaphansi kwezinyawo zenu. Kwangathi umusa ongafanelwe weNkosi yethu uJesu ungaba nani.+
21 UThimothewu isisebenzi esikanye nami uyakhonza kini, kanjalo noLukiyu noJasoni noSosiphatru izihlobo zami.+
22 Mina, Tertiyu, olobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini.
23 UGayu,+ ongamukele nowamukele lonke ibandla, uyakhonza kini. U-Erastu umphathi womuzi+ uyakhonza kini, kanjalo noKwartu umfowabo.
24 ——
25 Manje kuye+ okwazi ukuniqinisa ngokuvumelana nezindaba ezinhle engizimemezelayo nokushumayela ngoJesu Kristu, ngokokwambulwa kwemfihlo engcwele+ ebigciniwe kungakhulunywa lutho ngayo izikhathi zaphakade
26 kodwa manje esibonakalisiwe,+ futhi manje esiyenziwe yaziwa ngemibhalo eyisiprofetho phakathi kwazo zonke izizwe ngokuvumelana nomyalo kaNkulunkulu ophakade wokuba kukhuthazwe ukulalela ngokholo;+
27 kuNkulunkulu, okunguye yedwa ohlakaniphileyo,+ makube yinkazimulo+ ngoJesu Kristu+, kuze kube phakade. Amen.