Roma 11:1-36
11 Khona-ke, ngiyabuza, uNkulunkulu akazange asale isizwe sakhe, akunjalo?+ Kwangathi kungelokothe kube njalo! Ngoba nami ngingumIsrayeli,+ wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBhenjamini.+
2 UNkulunkulu akasalanga isizwe sakhe, asiqaphela kuqala.+ Kanti, anazi ukuthi umBhalo uthini mayelana no-Eliya, njengoba encenga uNkulunkulu ngokumelene no-Israyeli?+
3 “Jehova, bababulele abaprofethi bakho, bambile ama-altare akho, kusele mina ngedwa, futhi bafuna umphefumulo wami.”+
4 Nokho, lithini izwi+ laphezulu kuye? “Ngizishiyelé amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa, amadoda angazange aguqe kuBhali.”+
5 Ngakho-ke, ngale ndlela, kuye kwavela nakule nkathi yamanje insali+ ngokukhetha+ okungenxa yomusa ongafanelwe.
6 Manje uma kungomusa ongafanelwe,+ akusengenxa yemisebenzi;+ ngaphandle kwalokho, umusa ongafanelwe awube usaba umusa ongafanelwe.+
7 Khona-ke, kuthiwani? Yona kanye into u-Israyeli ayifuna ngobuqotho akayitholanga,+ kodwa labo abakhethiwe+ bayithola. Bonke abanye bathuntubezeka imizwa;+
8 njengoba nje kulotshiwe: “UNkulunkulu ubaniké umoya wobuthongo obukhulu,+ ubaniké amehlo ukuze bangaboni nezindlebe ukuze bangezwa, kuze kube yilo kanye lolu suku.”+
9 Futhi, uDavide uthi: “Itafula labo malibe ugibe kubo nesicupho nesikhubekiso nempindiselo;+
10 amehlo abo mawabe mnyama ukuze angaboni, bagobe umhlane ngaso sonke isikhathi.”+
11 Ngakho-ke ngiyabuza, Ingabe bakhubeka bawa+ ngokuphelele? Kwangathi kungelokothe kube njalo! Kodwa ngesinyathelo sabo esicezile+ kukhona insindiso kubantu bezizwe,+ ukuze bavuselwe isikhwele.+
12 Manje uma isinyathelo sabo esicezile siba yingcebo ezweni, nokuncipha kwabo kuba yingcebo kubantu bezizwe,+ yeka ukuthi isibalo sabo esigcwele+ siyoba enkulu kangakanani!
13 Manje ngikhuluma nani eningabantu bezizwe. Njengoba, eqinisweni, ngingumphostoli+ ezizweni,+ ngikhazimulisa+ inkonzo yami,+
14 uma ngandlela-thile ngingabavusela isikhwele labo abayinyama yami futhi ngisindise+ abanye kubo.+
15 Ngoba uma ukulahlwa kwabo+ kusho ukubuyisana+ ezweni, ukwamukelwa kwabo kuyoshoni uma kungeyikusho ukuvuka kwelabafileyo?
16 Ngaphezu kwalokho, uma ingxenye ethathwa njengolibo+ ingcwele, kunjalo konke; futhi uma impande ingcwele+ anjalo namagatsha.
17 Nokho, uma amanye amagatsha aphulwa, kodwa wena, nakuba ungumnqumo wasendle, waxhunyelelwa phakathi kwawo+ futhi wahlanganyela empandeni ekhuluphele+ yomnqumo,+
18 ungethabi ngamagatsha. Nokho, uma wethaba ngawo,+ akuwena othwele impande,+ kodwa yimpande ethwele wena.+
19 Khona-ke uzothi: “Kwaphulwa amagatsha+ ukuze kuxhunyelelwe mina.”+
20 Kulungile! Ngenxa yokuntula kwawo ukholo+ aphulwa, kodwa wena umi ngokholo.+ Yeka ukuba nemibono ephakeme,+ kunalokho yesaba.+
21 Ngoba uma uNkulunkulu engawayekanga amagatsha emvelo, nawe ngeke akuyeke.+
22 Ngakho-ke, bona umusa+ nesandla esiqinile sikaNkulunkulu.+ Unesandla esiqinile kulabo abawa,+ kodwa kuwe kukhona umusa kaNkulunkulu, uma kodwa uhlala+ emseni wakhe; ngaphandle kwalokho, nawe uyonqunywa.+
23 Nabo futhi, uma bengahlali ekuntuleni kwabo ukholo, bayoxhunyelelwa;+ ngoba uNkulunkulu uyakwazi ukuphinde abaxhumelele.
24 Ngoba uma wena wanqunywa emnqumweni wasendle ngokwemvelo waxhunyelelwa+ emnqumweni otshaliwe, okuyinto ephambene nemvelo, yeka ukuthi laba abangabemvelo bayoxhunyelelwa kangakanani-ke emnqumweni wabo siqu!+
25 Ngoba angifuni, bafowethu, ukuba ningabi nalwazi ngale mfihlo engcwele,+ ukuze ningabi ngabaqondayo emehlweni enu: ukuthi ngokwengxenye kubé nokuthuntubezeka kwemizwa+ ku-Israyeli kwaze kwaba yilapho sekungene isibalo esigcwele+ sabantu bezizwe,+
26 futhi ngale ndlela wonke u-Israyeli+ uyosindiswa. Njengoba nje kulotshiwe: “Umkhululi uyovela eZiyoni,+ asuse kuJakobe imikhuba yokungamhloniphi uNkulunkulu.+
27 Futhi yilesi isivumelwano sami nabo,+ lapho ngisusa izono zabo.”+
28 Yiqiniso, ngokubhekiselwe ezindabeni ezinhle bayizitha ngenxa yenu,+ kodwa ngokubhekiselwe ekukhetheni [kukaNkulunkulu] bangabathandekayo ngenxa yokhokho babo.+
29 Ngoba izipho nokubiza kukaNkulunkulu akuzona izinto ayozisola ngazo.+
30 Ngoba njengoba nje nanikade ningamlaleli+ uNkulunkulu kodwa manje niboniswé isihe+ ngenxa yokungalaleli kwabo,+
31 kanjalo manje nalaba baye bangalalela umphumela waba isihe kini,+ ukuze nabo ngokwabo manje baboniswe isihe.
32 Ngoba uNkulunkulu ubavalele bonke ndawonye ekungalalelini,+ ukuze ababonise bonke isihe.+
33 O ukujula kwengcebo+ nokuhlakanipha+ nolwazi+ lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo+ zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!
34 Ngoba “ubani owaziyo umqondo kaJehova,+ noma ubani oye waba umeluleki wakhe?”+
35 Noma, “Ngubani oye wamupha kuqala kangangokuba kumelwe abuyiselwe?”+
36 Ngoba zonke izinto zivela kuye, zikhona ngaye futhi zingezakhe.+ Inkazimulo mayibe kuye kuze kube phakade.+ Amen.