Roma 10:1-21
10 Bafowethu, ukuthakazela kwenhliziyo yami nokubanxusela kwami kuNkulunkulu, ngempela, kuwukuba basindiswe.+
2 Ngoba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko+ ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile;+
3 ngoba ngenxa yokungakwazi ukulunga kukaNkulunkulu,+ kodwa befuna ukumisa okwabo siqu,+ abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu.+
4 Ngoba uKristu uyisiphetho soMthetho,+ ukuze wonke umuntu obonisa ukholo abe nokulunga.+
5 Ngoba uMose uloba ukuthi umuntu owenzé ukulunga koMthetho uyophila ngakho.+
6 Kodwa ukulunga okuvela okholweni kukhuluma ngale ndlela: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi,+ ‘Ngubani oyonyukela ezulwini?’+ okungukuthi, ukuze ehlise uKristu;+
7 noma, ukuthi ‘Ngubani oyokwehlela kwalasha?’+ okungukuthi, ukuze anyuse uKristu kwabafileyo.”+
8 Kodwa lithini? “Izwi liseduze kwakho, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho”;+ okungukuthi, “izwi”+ lokholo, esilishumayelayo.+
9 Ngoba uma ulivuma obala lelo zwi ‘elisemlonyeni wakho siqu,’+ ukuthi uJesu uyiNkosi,+ futhi ubonisa ukholo enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo,+ uyosindiswa.+
10 Ngoba ngenhliziyo+ umuntu ubonisa ukholo kube ngukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala+ kube yinsindiso.
11 Ngoba umBhalo uthi: “Akekho oba+ nokholo kulo oyodumazeka.”+
12 Ngoba awukho umahluko phakathi komJuda nomGreki,+ ngoba kukhona iNkosi efanayo phezu kwabo bonke, ecebile+ kubo bonke abayibizayo.
13 Ngoba “wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”+
14 Nokho, bayombiza kanjani lowo abangabanga nokholo kuye?+ Bayoba kanjani nokholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?+
15 Bayoshumayela kanjani ngaphandle kokuba bethunyiwe?+ Njengoba nje kulotshiwe ukuthi: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!”+
16 Noma kunjalo, abazange bazilalele bonke izindaba ezinhle.+ Ngoba u-Isaya uthi: “Jehova, ubani owaba nokholo entweni ezwakale ngathi?”+
17 Ngakho ukholo lulandela into ezwiweyo.+ Nento ezwiweyo iza ngezwi eliphathelene noKristu.+
18 Noma kunjalo ngiyabuza, Akukhona ukuthi abezwanga, akunjalo? Phela, eqinisweni, “izwi labo laphumela kuwo wonke umhlaba,+ namazwi abo emikhawulweni yomhlaba owakhiwe.”+
19 Noma kunjalo ngiyabuza, Akukhona ukuthi u-Israyeli akazanga, akunjalo?+ Okokuqala uMose uthi: “Ngizonivusela isikhwele ngalokho okungesona isizwe; ngizonivusela intukuthelo evuthayo ngesizwe esiyisiwula.”+
20 Kodwa u-Isaya uba nesibindi esikhulu athi: “Ngatholwa yilabo ababengangicingi;+ ngabonakala kulabo ababengangithungathi.”+
21 Kodwa ngokuqondene no-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulelé izandla zami esizweni esingalaleli+ nesiqagulisanayo.”+