Numeri 36:1-13
36 Izinhloko zoyise bemindeni yabantwana bakwaGileyadi indodana kaMakiri+ indodana kaManase wemindeni yabantwana bakwaJosefa zasondela zakhuluma phambi kukaMose nezikhulu, izinhloko zoyise babantwana bakwa-Israyeli,
2 zathi: “UJehova wayala inkosi yami ukuba inike abantwana bakwa-Israyeli izwe njengefa ngenkatho;+ futhi inkosi yami yayalwa uJehova ukuba ifa likaZelofehadi umfowethu ilinike amadodakazi akhe.+
3 Uma kwenzeka ukuba noma ibaphi bamadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa-Israyeli bawathole njengomkabo, ifa lalaba besifazane kumelwe futhi likhishwe efeni lobaba linezelwe efeni laleso sizwe okungenzeka babe ngabaso, kangangokuba liyokhishwa enkathweni yefa lethu.+
4 Manje uma kuba khona iJubili+ kubantwana bakwa-Israyeli, ifa lalaba besifazane kumelwe futhi linezelwe efeni lesizwe okungenzeka babe ngabaso; kangangokuba ifa labo liyokhishwa efeni lesizwe soyise.”
5 Khona-ke uMose wayala abantwana bakwa-Israyeli ngomyalo kaJehova, wathi: “Isizwe sabantwana bakwaJosefa sikhuluma kahle.
6 Nanti izwi uJehova aliyalile ngamadodakazi kaZelofehadi,+ ethi, ‘Angaba ngabafazi banoma obani okungase kube kuhle emehlweni awo ukwenza kanjalo. Kuphela kufanele abe ngabafazi emndenini wesizwe soyise.+
7 Alikho ifa labantwana bakwa-Israyeli okufanele lijikeleziswe kusukela kwesinye isizwe kuya kwesinye, ngoba abantwana bakwa-Israyeli kufanele banamathele yilowo nalowo efeni lesizwe sokhokho bakhe.
8 Yileyo naleyo ndodakazi ethola ifa ezizweni zabantwana bakwa-Israyeli, kufanele ibe ngumfazi wakomunye umndeni wesizwe sikayise,+ ukuze abantwana bakwa-Israyeli badle yilowo nalowo ifa lokhokho bakhe.
9 Alikho ifa okufanele lijikeleziswe kusukela kwesinye isizwe kuya kwesinye, ngoba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli kufanele zinamathele yileso naleso efeni laso siqu.’”
10 Njengoba uJehova ayemyalile uMose, yileyo ndlela amadodakazi kaZelofehadi enza ngayo.+
11 Ngokuvumelana nalokho, uMahila, uTiriza noHogila noMilka noNowa, amadodakazi kaZelofehadi+ baba ngabafazi bamadodana abafowabo bakayise.
12 Baba ngabafazi bakweminye yemindeni yabantwana bakwaManase indodana kaJosefa, ukuze ifa lawo liqhubeke lisesizweni somndeni kayise.
13 Nansi imiyalo+ nezinqumo zokwahlulela uJehova aziyaleza abantwana bakwa-Israyeli ngoMose emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaseJordani eJeriko.+

