Nahume 3:1-19
3 Maye kuwo umuzi wokuchithwa kwegazi!+ Ugcwele inkohliso nokuphanga. Ayisuki inyamazane ebanjiwe!
2 Kukhona umsindo wesiswebhu+ nomsindo wokugedlezela kwesondo, nehhashi eligadulayo nenqola egxumayo.+
3 Inkweli yehhashi egibele, nelangabi lenkemba, nombani womkhonto,+ nababuleweyo abaningi, noquqaba olukhulu lwezidumbu; izidumbu zakhona azipheli. Baqhubeka bekhubeka phakathi kwezidumbu zakubo;
4 ngenxa yobuningi bezenzo zobufebe zesifebe,+ esikhangayo ngokubukeka, ukhukhuva kwezobuthakathi, sona esibamba izizwe ngezenzo zaso zobufebe nemindeni ngobuthakathi baso.+
5 “Bheka! Ngimelene nawe,”+ kusho uJehova wamabutho, “futhi ngiyobeka isembozo semiphetho yezingubo zakho phezu kobuso bakho, ngenze izizwe zibone ubunqunu bakho,+ nemibuso ibone ihlazo lakho.
6 Ngiyophonsa izinengiso phezu kwakho,+ ngikwenze wenyanyeke; ngiyokumisa ube ngumbukwane.+
7 Kuyothi wonke umuntu okubonayo akubalekele+ futhi ngokuqinisekile athi, ‘INineve liphangiwe! Ubani ozozwelana nalo?’ Ngizokufunela kuphi abaduduzi?
8 Ungcono yini kuneNo-Amoni,+ elalingasemiselekazini yeNayile?+ Lalizungezwe amanzi nxazonke, lona elimcebo walo kwakuwulwandle, eliludonga lwalo lwalusukela olwandle.
9 ITopiya lalingamandla alo aphelele, neGibhithe futhi;+ kunjalo nje kube kungenamkhawulo. UPhuthi nabaseLibhiya baba usizo kuwe.+
10 Nalo futhi, lalihloselwe ukudingiswa; laya ekuthunjweni.+ Abantwana balo nabo baphahlazwa ekuqaleni kwazo zonke izitaladi;+ futhi kwenziwa inkatho ngamadoda alo akhazinyulisiwe,+ nabakhulu balo baboshwe bonke ngamaketanga.+
11 “Nawe futhi uzodakwa;+ uzoba yinto efihliwe.+ Nawe uzofuna isiphephelo esitheni.+
12 Zonke izindawo zakho ezinezivikelo eziqinile zinjengemikhiwane enezithelo zokuqala ezivuthiwe, okungathi lapho zinyakaziswa, ngokuqinisekile ziwele emlonyeni wodlayo.+
13 “Bheka! Abantu bakho bangabesifazane phakathi kwakho.+ Amasango ezwe lakho nakanjani ayovulekela izitha zakho. Ngokuqinisekile umlilo uyoshwabadela imigoqo yakho.+
14 Zikhelele amanzi okuvinjezelwa.+ Qinisa izindawo zakho ezinezivikelo eziqinile.+ Ngena odakeni, unyathele ubumba; bamba imfolomu yezitini.
15 Ngisho nalapho umlilo uyokushwabadela. Inkemba iyokunquma.+ Iyokushwabadela njengenkasa.+ Zenze ube yisibalo esikhulu kakhulu njengenkasa; zenze ube yisibalo esikhulu kakhulu njengezinkumbi.
16 Wandisé amadoda akho angabahwebi ngaphezu kwezinkanyezi zamazulu.+
“Ngokuqondene nenkasa, impela ihlubula isikhumba sayo; bese indiza imuke.
17 Abalindi bakho bayafana nenkumbi, nezikhulu zakho zezokubuthwa zifana noswebezane lwezinkumbi. Lukanisa ezibayeni zamatshe ngosuku olubandayo. Ake likhanye nje ilanga, ngokuqinisekile luyabaleka; indawo yalo empeleni ayaziwa ukuthi ikuphi.+
18 “Abelusi bakho bayozela+ nkosi yase-Asiriya; abakhulu ngokubabazekayo abangabakho bahlala ezindaweni zabo zokuhlala.+ Abantu bakho bahlakazekile phezu kwezintaba, futhi akekho obaqoqayo.+
19 Alukho usizo oyoluthola esigemegemeni sakho. Umvimbo wakho usube ngongenakuphulukiswa.+ Bonke abezwa umbiko ngawe ngokuqinisekile bayoshaya ihlombe;+ ngoba ngubani ububi bakho obungazange budlule njalo phezu kwakhe?”+