Nahume 2:1-13
2 Umuntu ohlakazayo ukhuphukele phambi kobuso bakho.+ Makulondwe indawo enezivikelo eziqinile. Linda indlela. Qinisa izinkalo. Qinisa kakhulu amandla.+
2 Ngoba uJehova ngokuqinisekile uyobuyisela inkazimulo kaJakobe,+ njengenkazimulo ka-Israyeli, ngoba abathululayo babathululile;+ futhi amahlumela abo bawachithile.+
3 Isihlangu samadoda akhe anamandla sidaywe saba bomvu; amadoda akhe anamandla agqoke okubomvu klébhu.+ Inqola yempi ngosuku lokuzilungiselela kwakhe inomlilo wezinto zensimbi, futhi imikhonto yomjunipha+ iye yavevezeliswa.
4 Izinqola zempi ziqhubeka zihamba ngendlela yobuhlanya emigwaqweni.+ Zilokhu zehla zenyuka ngesivinini ezigcawini. Ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa. Zilokhu zigijima njengemibani.+
5 Uyobakhumbula abakhe abakhulu ngokubabazekayo.+ Bayokhubeka ekuhambeni kwabo.+ Bayoshesha ukuya odongeni lwakhe, futhi umgoqo kuyodingeka ume uqine.
6 Wona kanye amasango emifula ngokuqinisekile ayovuleka, nesigodlo ngokwaso empeleni siyoncibilika.
7 Futhi kumisiwe; wembuliwe; ngokuqinisekile uyothwalwa,+ futhi izincekukazi zakhe ziyobe zigquma, njengomsindo wamajuba,+ zishaya izinhliziyo zawo ngokuphindaphindiwe.+
8 INineve, kusukela ezinsukwini zokuba khona kwalo,+ lalinjengechibi lamanzi;+ kodwa bayabaleka. “Yimani! Yimani!” Kodwa akekho ophendukayo.+
9 Phangani isiliva; phangani igolide;+ njengoba kungekho mkhawulo wezinto ezihleliwe. Kukhona inani elikhulu lezinto ezifiselekayo zazo zonke izinhlobo.+
10 Ubuze nobubha, nomuzi owenziwe incithakalo!+ Inhliziyo igcwala amanzi,+ kuxege amadolo,+ wonke amanyonga anezinhlungu ezinzima;+ kanti ubuso babo bonke, bunevuso.+
11 Siphi isikhundla sezingonyama, nomhume wamabhongo ezingonyama anomhlwenga, lapho ingonyama ihambe yangena khona,+ lapho kwakukhona khona iwundlu lengonyama, kungekho muntu ozenza zithuthumele?+
12 Ingonyama yayidwengulela amabhongo ayo okwanele, futhi iklinyela izingonyamakazi zayo. Yagcina imigodi yayo igcwele izinyamazane nezindawo zayo zokucasha zinezilwane ezidwenguliwe.+
13 “Bheka! Ngimelene nawe,” kusho uJehova wamabutho,+ “futhi ngiyozishisa emsini izinqola zakhe zempi.+ Inkemba iyoshwabadela amabhongo akho ezingonyama anomhlwenga.+ Ngiyoyiqeda emhlabeni inyamazane yakho, futhi izwi lezithunywa zakho ngeke liphinde lizwakale.”+