Nahume 1:1-15
1 Isimemezelo ngeNineve:+ Incwadi yombono kaNahume umElikoshi:
2 UJehova unguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kuye kuphela+ futhi uyaphindisela; uJehova uyaphindisela+ futhi ukulungele ukuveza ukufutheka.+ UJehova uyaziphindiselela kwabamelene naye,+ futhi uzithukuthelele izitha zakhe.+
3 UJehova uyephuza ukuthukuthela,+ mkhulu ngamandla,+ futhi uJehova akasoze ayeka ukujezisa.+
Indlela yakhe isemoyeni obhubhisayo nasesivunguvungwini, futhi ungqimba lwamafu luyibhuqu lwezinyawo zakhe.+
4 Ukhuza ulwandle,+ uyalomisa; empeleni wenza yonke imifula yome.+
IBhashani neKarmeli kubunile,+ nayo kanye imbali yaseLebhanoni ibunile.
5 Izintaba ziye zazamazama ngenxa yakhe, namagquma azithola encibilika.+
Umhlaba uyofukuka ngenxa yobuso bakhe; nezwe elikhiqizayo futhi, nabo bonke abahlala kulo.+
6 Ngubani ongema abhekane nokulahlwa nguye?+ Ngubani ongasukuma amelane nokuvutha kwentukuthelo yakhe?+
Ukufutheka kwakhe ngokuqinisekile kuyothululwa njengomlilo,+ amadwala ayodilika impela ngenxa yakhe.
7 UJehova muhle,+ uyisiphephelo+ ngosuku lokucindezeleka.+
Futhi uyabazi labo abafuna isiphephelo kuye.+
8 Uyoyiqothula ngokuphelele indawo yalo ngesikhukhula esidlulayo,+ futhi izitha zakhe ziyoxoshwa ngubumnyama.+
9 Yini nina madoda eniyoyisongoza ngoJehova?+ Uqothula kungasali lutho.
Usizi ngeke luvuke okwesibili.+
10 Nakuba bethandelene njengameva+ futhi bedakiwe ngokungathi badakwe utshwala babo bukakolweni,+ ngokuqinisekile bayoshwabadelwa njengezinhlanga ezome ngokuphelele.+
11 Empeleni kuyophuma kuwe umuntu osongoza okubi ngoJehova,+ ohlosa okungenanzuzo.+
12 Yilokhu uJehova akushilo: “Nakuba babephelele futhi bebaningi ababekuleso simo, noma kunjalo bayonqunywa;+ umuntu uyodabula adlule. Ngokuqinisekile ngizokuhlupha, ngingabe ngisakuhlupha futhi.+
13 Manje ngizokwephula ugodo lwakhe lokuthwala ngilususe phezu kwakho,+ ngizigqabule nezibopho eziphezu kwakho.+
14 Ngokuphathelene nawe uJehova uyalile, ‘Ngeke kusahlwanyelwa lutho lwegama lakho.+ Ngizonquma endlini yonkulunkulu bakho umfanekiso nesithombe esincibilikisiwe.+ Ngizokwenzela ingcwaba,+ ngoba uye waba ngongento yalutho.’
15 “Bheka! Phezu kwezintaba izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula.+ O Juda, gubha imikhosi yakho.+ Gcwalisa izifungo zakho;+ ngoba umuntu ongelusizo lwalutho ngeke aphinde adabule kuwe.+ Nakanjani uyonqunywa aphele.”+