Mika 7:1-20
7 Maye kimi,+ ngoba ngiye ngaba njengezithelo zasehlobo ezibuthiwe, njengomkhothozo wamagilebhisi abuthiwe!+ Akukho hlukuzo lamagilebhisi umuntu angalidla, akukho khiwane elivuthwe kuqala umphefumulo wami ongalifisa!+
2 Othembekile ushabalele emhlabeni, naphakathi kwesintu akekho oqotho.+ Bonke baqamekela ukuchitha igazi.+ Bayazingela, yilowo nalowo umfowabo, ngenetha elihudulwayo.+
3 Izandla zabo ziphezu kokubi, ukuba zikwenze kahle;+ isikhulu sicela okuthile, owahlulelayo wahlulela ngomvuzo,+ omkhulu ukhuluma ukunxanela komphefumulo wakhe, owakhe siqu;+ bayakweluka.
4 Ongcono kunabo bonke kubo unjengobobe, oqotho kunabo bonke kubo mubi kunothango lwameva.+ Usuku lwabalindi bakho, lokuhanjelwa kwakho, kumelwe lufike.+ Manje kuzofika ukukhungathekiswa kwabo.+
5 Ungabi nokholo kumngane. Ungabeki ithemba lakho kumngane oyisifuba.+ Qapha ukuvuleka komlomo wakho kuye olala esifubeni sakho.+
6 Ngoba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina;+ umalokazana uvukela uninazala;+ izitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.+
7 Kodwa mina, ngizohlala ngibheke uJehova.+ Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda uNkulunkulu wensindiso yami.+ UNkulunkulu wami uzongizwa.+
8 Ungajabuli ngami wena wesifazane oyisitha sami.+ Nakuba ngiwile, ngokuqinisekile ngizovuka;+ nakuba ngihlala ebumnyameni,+ uJehova uzoba ukukhanya kimi.+
9 Ukufutheka kukaJehova ngizokuthwala—ngoba ngonile kuye+—kuze kube yilapho esingatha icala lami lomthetho futhi empeleni engikhiphela ubulungisa.+ Uyongikhiphela ekukhanyeni; ngiyobona ukulunga kwakhe.+
10 Nesitha sami siyobona, futhi amahloni ayosemboza,+ sona esasithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?”+ Amehlo ami ayosibuka.+ Manje sizoba yindawo yokubhudulwa, njengodaka lwezitaladi.+
11 Ngosuku lokwakha izindonga zakho zamatshe, ngalolo suku isinqumo siyoba kude.+
12 Ngalolo suku bayofika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini yaseGibhithe, naseGibhithe kuze kuyofika eMfuleni;+ nasolwandle kuze kuyofika olwandle, nasentabeni kuze kuyofika entabeni.+
13 Izwe liyoba yihlane eliyincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo, ngenxa yesithelo sezenzo zabo.+
14 Yalusa abantu bakho ngodondolo lwakho,+ umhlambi wefa lakho, owawuhlala wodwa ehlathini—phakathi kwengadi yezithelo.+ Mabaklabe eBhashani naseGileyadi+ njengasezinsukwini zakudala.+
15 “Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibhithe ngizombonisa izinto ezimangalisayo.+
16 Izizwe ziyobona zibe namahloni ngawo wonke amandla azo.+ Ziyobeka isandla sazo emlonyeni wazo;+ izindlebe zazo ngeke zizwe.
17 Ziyokhotha uthuli njengezinyoka;+ ziyophuma ziyaluza ezindongeni zazo zesivikelo njengezilwane ezihuquzelayo zomhlaba.+ Ziyoza kuJehova uNkulunkulu wethu zivevezela, futhi ziyokukwesaba.”+
18 Ubani onguNkulunkulu onjengawe,+ oxolela isiphambeko nosidlulisayo iseqo+ sensali yefa lakhe?+ Ngokuqinisekile ngeke abambelele entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngoba ujabula ngomusa wothando.+
19 Uzophinda futhi asibonise isihe;+ uzozinyathelela phansi iziphambeko zethu.+ Futhi wena uyoziphonsa ekujuleni kolwandle zonke izono zabo.+
20 Uyonika ukuba neqiniso okwanikwa uJakobe, umusa wothando owanikwa u-Abrahama, owawufungela kokhokho bethu kusukela ezinsukwini zakudala.+