Mika 7:1-20

7  Maye kimi,+ ngoba ngiye ngaba njengezithelo zasehlobo ezibuthiwe, njengomkhothozo wamagilebhisi abuthiwe!+ Akukho hlukuzo lamagilebhisi umuntu angalidla, akukho khiwane elivuthwe kuqala umphefumulo wami ongalifisa!+  Othembekile ushabalele emhlabeni, naphakathi kwesintu akekho oqotho.+ Bonke baqamekela ukuchitha igazi.+ Bayazingela, yilowo nalowo umfowabo, ngenetha elihudulwayo.+  Izandla zabo ziphezu kokubi, ukuba zikwenze kahle;+ isikhulu sicela okuthile, owahlulelayo wahlulela ngomvuzo,+ omkhulu ukhuluma ukunxanela komphefumulo wakhe, owakhe siqu;+ bayakweluka.  Ongcono kunabo bonke kubo unjengobobe, oqotho kunabo bonke kubo mubi kunothango lwameva.+ Usuku lwabalindi bakho, lokuhanjelwa kwakho, kumelwe lufike.+ Manje kuzofika ukukhungathekiswa kwabo.+  Ungabi nokholo kumngane. Ungabeki ithemba lakho kumngane oyisifuba.+ Qapha ukuvuleka komlomo wakho kuye olala esifubeni sakho.+  Ngoba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina;+ umalokazana uvukela uninazala;+ izitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.+  Kodwa mina, ngizohlala ngibheke uJehova.+ Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda uNkulunkulu wensindiso yami.+ UNkulunkulu wami uzongizwa.+  Ungajabuli ngami wena wesifazane oyisitha sami.+ Nakuba ngiwile, ngokuqinisekile ngizovuka;+ nakuba ngihlala ebumnyameni,+ uJehova uzoba ukukhanya kimi.+  Ukufutheka kukaJehova ngizokuthwala—ngoba ngonile kuye+—kuze kube yilapho esingatha icala lami lomthetho futhi empeleni engikhiphela ubulungisa.+ Uyongikhiphela ekukhanyeni; ngiyobona ukulunga kwakhe.+ 10  Nesitha sami siyobona, futhi amahloni ayosemboza,+ sona esasithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?”+ Amehlo ami ayosibuka.+ Manje sizoba yindawo yokubhudulwa, njengodaka lwezitaladi.+ 11  Ngosuku lokwakha izindonga zakho zamatshe, ngalolo suku isinqumo siyoba kude.+ 12  Ngalolo suku bayofika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini yaseGibhithe, naseGibhithe kuze kuyofika eMfuleni;+ nasolwandle kuze kuyofika olwandle, nasentabeni kuze kuyofika entabeni.+ 13  Izwe liyoba yihlane eliyincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo, ngenxa yesithelo sezenzo zabo.+ 14  Yalusa abantu bakho ngodondolo lwakho,+ umhlambi wefa lakho, owawuhlala wodwa ehlathini—phakathi kwengadi yezithelo.+ Mabaklabe eBhashani naseGileyadi+ njengasezinsukwini zakudala.+ 15  “Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibhithe ngizombonisa izinto ezimangalisayo.+ 16  Izizwe ziyobona zibe namahloni ngawo wonke amandla azo.+ Ziyobeka isandla sazo emlonyeni wazo;+ izindlebe zazo ngeke zizwe. 17  Ziyokhotha uthuli njengezinyoka;+ ziyophuma ziyaluza ezindongeni zazo zesivikelo njengezilwane ezihuquzelayo zomhlaba.+ Ziyoza kuJehova uNkulunkulu wethu zivevezela, futhi ziyokukwesaba.”+ 18  Ubani onguNkulunkulu onjengawe,+ oxolela isiphambeko nosidlulisayo iseqo+ sensali yefa lakhe?+ Ngokuqinisekile ngeke abambelele entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngoba ujabula ngomusa wothando.+ 19  Uzophinda futhi asibonise isihe;+ uzozinyathelela phansi iziphambeko zethu.+ Futhi wena uyoziphonsa ekujuleni kolwandle zonke izono zabo.+ 20  Uyonika ukuba neqiniso okwanikwa uJakobe, umusa wothando owanikwa u-Abrahama, owawufungela kokhokho bethu kusukela ezinsukwini zakudala.+

Imibhalo yaphansi