Mathewu 28:1-20
28 Ngemva kwesabatha, ekuntweleni kokusa ngosuku lokuqala lwesonto, uMariya Magdalena nomunye uMariya bafika bezobona ithuna.+
2 Bheka! Kwakube nokuzamazama okukhulu komhlaba; ngoba ingelosi kaJehova yayehle ezulwini yasondela yagingqa itshe yalisusa, futhi yayihlezi phezu kwalo.+
3 Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi,+ nezembatho zayo zimhlophe njengeqhwa.+
4 Yebo, ngenxa yokuyesaba abalindi bathuthumela baba njengabantu abafileyo.
5 Kodwa ingelosi+ yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngoba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu+ obebethelwe.
6 Akekho lapha, ngoba uvusiwe,+ njengoba asho. Wozani nibone indawo abelele kuyo.
7 Hambani masinyane nitshele abafundi bakhe ukuthi uvusiwe+ kwabafileyo, futhi, bhekani! uyanandulela uya eGalile;+ nizombona khona. Bhekani! Nginitshelile.”+
8 Ngakho, besuka masinyane ethuneni, besaba futhi bejabule kakhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe.+
9 Futhi, bheka! uJesu wahlangana nabo wathi: “Sanibona!” Basondela babamba izinyawo zakhe bamkhothamela.
10 Khona-ke uJesu wathi kubo: “Ningesabi! Hambani niyobikela abafowethu,+ ukuze bahambe baye eGalile; bazongibona khona.”
11 Besahamba, bheka! abanye kubaqaphi+ bangena emzini babikela abapristi abakhulu konke okwakwenzekile.
12 Ngemva kokuba sebehlangene namadoda amadala futhi sebecebisene, banika amasosha izinhlamvu zesiliva ezanele,+
13 bathi: “Anothi, ‘Abafundi+ bakhe bafike ebusuku bameba sisalele.’
14 Uma kufika ezindlebeni zombusi, thina sizomthonya futhi sinikhulule enkathazweni.”
15 Ngakho azithatha izinhlamvu zesiliva enza njengoba eyaliwe; leli zwi liye lasakazwa kabanzi phakathi kwamaJuda kuze kube yilolu suku.
16 Nokho, abafundi abayishumi nanye baya eGalile+ entabeni lapho uJesu ayebahlelele khona,
17 futhi lapho bembona bakhothama, kodwa abanye bangabaza.+
18 UJesu wasondela wakhuluma nabo, wathi: “Nginikwe lonke igunya+ ezulwini nasemhlabeni.
19 Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe+ babe abafundi,+ nibabhapathize+ egameni likaYise+ neleNdodana+ nelomoya ongcwele,+
20 nibafundise+ ukugcina+ konke enginiyale ngakho.+ Bhekani! Nginani+ izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”+

