Mathewu 28:1-20

28  Ngemva kwesabatha, ekuntweleni kokusa ngosuku lokuqala lwesonto, uMariya Magdalena nomunye uMariya bafika bezobona ithuna.+  Bheka! Kwakube nokuzamazama okukhulu komhlaba; ngoba ingelosi kaJehova yayehle ezulwini yasondela yagingqa itshe yalisusa, futhi yayihlezi phezu kwalo.+  Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi,+ nezembatho zayo zimhlophe njengeqhwa.+  Yebo, ngenxa yokuyesaba abalindi bathuthumela baba njengabantu abafileyo.  Kodwa ingelosi+ yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngoba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu+ obebethelwe.  Akekho lapha, ngoba uvusiwe,+ njengoba asho. Wozani nibone indawo abelele kuyo.  Hambani masinyane nitshele abafundi bakhe ukuthi uvusiwe+ kwabafileyo, futhi, bhekani! uyanandulela uya eGalile;+ nizombona khona. Bhekani! Nginitshelile.”+  Ngakho, besuka masinyane ethuneni, besaba futhi bejabule kakhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe.+  Futhi, bheka! uJesu wahlangana nabo wathi: “Sanibona!” Basondela babamba izinyawo zakhe bamkhothamela. 10  Khona-ke uJesu wathi kubo: “Ningesabi! Hambani niyobikela abafowethu,+ ukuze bahambe baye eGalile; bazongibona khona.” 11  Besahamba, bheka! abanye kubaqaphi+ bangena emzini babikela abapristi abakhulu konke okwakwenzekile. 12  Ngemva kokuba sebehlangene namadoda amadala futhi sebecebisene, banika amasosha izinhlamvu zesiliva ezanele,+ 13  bathi: “Anothi, ‘Abafundi+ bakhe bafike ebusuku bameba sisalele.’ 14  Uma kufika ezindlebeni zombusi, thina sizomthonya futhi sinikhulule enkathazweni.” 15  Ngakho azithatha izinhlamvu zesiliva enza njengoba eyaliwe; leli zwi liye lasakazwa kabanzi phakathi kwamaJuda kuze kube yilolu suku. 16  Nokho, abafundi abayishumi nanye baya eGalile+ entabeni lapho uJesu ayebahlelele khona, 17  futhi lapho bembona bakhothama, kodwa abanye bangabaza.+ 18  UJesu wasondela wakhuluma nabo, wathi: “Nginikwe lonke igunya+ ezulwini nasemhlabeni. 19  Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe+ babe abafundi,+ nibabhapathize+ egameni likaYise+ neleNdodana+ nelomoya ongcwele,+ 20  nibafundise+ ukugcina+ konke enginiyale ngakho.+ Bhekani! Nginani+ izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”+

Imibhalo yaphansi