Marku 8:1-38

8  Ngalezo zinsuku, lapho kuphinda kuba khona isixuku esikhulu futhi singenalutho oludliwayo, wabiza abafundi wathi kubo:+  “Ngiyasihawukela+ isixuku, ngoba kakade sekuyizinsuku ezintathu silokhu sihlezi eduze kwami futhi asinalutho oludliwayo;  uma ngingasiphindisela emakhaya singadlile, sizophelelwa ngamandla endleleni. Ngempela, abanye kuso bavela kude.”  Kodwa abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umuntu angazithathaphi kule ndawo eyihlane izinkwa angakwazi ukwanelisa ngazo laba bantu?”+  Noma kunjalo wababuza: “Ninezinkwa ezingaki?” Bathi: “Eziyisikhombisa.”+  Wayala isixuku ukuba sihlale phansi, wathatha lezo zinkwa eziyisikhombisa, wabonga,+ wazihlephula, wazinika abafundi bakhe ukuze bazabe, base bezabela isixuku.+  Futhi babenezinhlanzi ezincane ezimbalwa; esezibusisile, wathi mabazabe nazo.+  Ngakho sadla sasutha, futhi kwabuthwa izinsalela zezingcezwana, zagcwala+ obhasikidi bomphako abayisikhombisa.  Nokho kwakukhona amadoda acishe abe yizinkulungwane ezine. Ekugcineni wasimukisa.+ 10  Masinyane wagibela esikebheni nabafundi bakhe bafika ezingxenyeni zaseDalmanutha.+ 11  Lapha abaFarisi baphuma baqala ukuphikisana naye, befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, ukuze bamvivinye.+ 12  Ngakho wabubula kanzima+ ngomoya wakhe, wathi: “Kungani lesi sizukulwane sifuna isibonakaliso? Ngiqinisile ngithi, Akukho sibonakaliso esizonikwa lesi sizukulwane.”+ 13  Ngemva kwalokho wabashiya, waphinde wagibela esikebheni, waya ogwini olungaphesheya. 14  Kwenzeka ukuthi babekhohliwe ukuphatha izinkwa, futhi ngaphandle kwesinkwa esisodwa babengenalutho esikebheni.+ 15  Wabayala ngokucacile wathi: “Hlalani nivulé amehlo, xwayani imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”+ 16  Ngakho baphikisana ngokuthi babengenazo izinkwa.+ 17  Ekuqaphela lokhu, wathi kubo: “Kungani niphikisana ngokungabi kwenu nezinkwa na?+ Ingabe anikaqondi futhi anikayitholi incazelo? Ingabe izinhliziyo zenu zibuthuntu ekuqondeni?+ 18  ‘Nakuba ninamehlo, aniboni yini; futhi nakuba ninezindlebe, anizwa yini?’+ Anisakhumbuli yini ukuthi, 19  ngesikhathi ngihlephulela amadoda ayizinkulungwane ezinhlanu izinkwa ezinhlanu,+ nabutha izingcezwana ezagcwala obhasikidi abangaki?” Bathi kuye: “Abayishumi nambili.”+ 20  “Lapho ngihlephulela amadoda ayizinkulungwane ezine izinkwa eziyisikhombisa, nabutha izingcezwana ezagcwala obhasikidi abangaki bomphako?” Bathi kuye: “Abayisikhombisa.”+ 21  Ngemva kwalokho wathi kubo: “Ingabe anikayitholi incazelo namanje?”+ 22  Manje bamisa eBhetsayida. Lapha abantu baletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayithinte.+ 23  Wayibamba le mpumputhe ngesandla, wayikhiphela ngaphandle komzana, esephimisele amathe+ emehlweni ayo, wayibeka izandla wayibuza wathi: “Ingabe kukhona okubonayo?” 24  Lo muntu wabheka phezulu futhi wathi: “Ngibona abantu, ngoba ngibona okusengathi yizihlahla, kodwa kuyahambahamba.” 25  Khona-ke waphinda wabeka izandla zakhe emehlweni alo muntu, lo muntu wabona ngokucacile, waphila, futhi wayebona konke ngokugqamile. 26  Ngakho wamthumela ekhaya, wathi: “Kodwa ungangeni emzaneni.”+ 27  UJesu nabafundi bakhe manje balibangisa emizaneni yaseKhesariya Filipi; endleleni wabuza abafundi bakhe, wathi kubo: “Abantu bathi ngingubani?”+ 28  Bathi kuye: “Bathi unguJohane uMbhapathizi,+ abanye bathi ungu-Eliya,+ kanti abanye bathi ungoMunye wabaprofethi.”+ 29  Wababuza nalo mbuzo: “Nina-ke nithi ngingubani?” UPetru ephendula wathi kuye: “UnguKristu.”+ 30  Khona-ke wabadonsa ngendlebe ukuba bangatsheli muntu ngaye.+ 31  Futhi, waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu kumelwe ihlupheke kakhulu, yaliwe amadoda amadala nabapristi abakhulu nababhali futhi ibulawe,+ bese ivuka ngemva kwezinsuku ezintathu.+ 32  Ngempela lawo mazwi wayewasho ngokungagunci. Kodwa uPetru wambizela eceleni waqala ukumkhuza.+ 33  Waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wakhuza uPetru, wathi: “Yana emva kwami, Sathane, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, ucabanga eyabantu.”+ 34  Manje wabizela isixuku kuye kanye nabafundi bakhe wathi kubo: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.+ 35  Ngoba noma ubani ofuna ukusindisa umphefumulo wakhe uyolahlekelwa yiwo; kodwa noma ubani olahlekelwa ngumphefumulo wakhe ngenxa yami nezindaba ezinhle, uyowusindisa.+ 36  Ngempela, kunanzuzoni ukuba umuntu azuze izwe lonke kodwa alahlekelwe ngumphefumulo wakhe?+ 37  Yini ngempela umuntu angayinikeza ukuze azuze umphefumulo wakhe?+ 38  Ngoba noma ubani oba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesinesono, neNdodana yomuntu iyoba namahloni+ ngaye lapho ifika ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi ezingcwele.”+

Imibhalo yaphansi