Marku 8:1-38
8 Ngalezo zinsuku, lapho kuphinda kuba khona isixuku esikhulu futhi singenalutho oludliwayo, wabiza abafundi wathi kubo:+
2 “Ngiyasihawukela+ isixuku, ngoba kakade sekuyizinsuku ezintathu silokhu sihlezi eduze kwami futhi asinalutho oludliwayo;
3 uma ngingasiphindisela emakhaya singadlile, sizophelelwa ngamandla endleleni. Ngempela, abanye kuso bavela kude.”
4 Kodwa abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umuntu angazithathaphi kule ndawo eyihlane izinkwa angakwazi ukwanelisa ngazo laba bantu?”+
5 Noma kunjalo wababuza: “Ninezinkwa ezingaki?” Bathi: “Eziyisikhombisa.”+
6 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi, wathatha lezo zinkwa eziyisikhombisa, wabonga,+ wazihlephula, wazinika abafundi bakhe ukuze bazabe, base bezabela isixuku.+
7 Futhi babenezinhlanzi ezincane ezimbalwa; esezibusisile, wathi mabazabe nazo.+
8 Ngakho sadla sasutha, futhi kwabuthwa izinsalela zezingcezwana, zagcwala+ obhasikidi bomphako abayisikhombisa.
9 Nokho kwakukhona amadoda acishe abe yizinkulungwane ezine. Ekugcineni wasimukisa.+
10 Masinyane wagibela esikebheni nabafundi bakhe bafika ezingxenyeni zaseDalmanutha.+
11 Lapha abaFarisi baphuma baqala ukuphikisana naye, befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, ukuze bamvivinye.+
12 Ngakho wabubula kanzima+ ngomoya wakhe, wathi: “Kungani lesi sizukulwane sifuna isibonakaliso? Ngiqinisile ngithi, Akukho sibonakaliso esizonikwa lesi sizukulwane.”+
13 Ngemva kwalokho wabashiya, waphinde wagibela esikebheni, waya ogwini olungaphesheya.
14 Kwenzeka ukuthi babekhohliwe ukuphatha izinkwa, futhi ngaphandle kwesinkwa esisodwa babengenalutho esikebheni.+
15 Wabayala ngokucacile wathi: “Hlalani nivulé amehlo, xwayani imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”+
16 Ngakho baphikisana ngokuthi babengenazo izinkwa.+
17 Ekuqaphela lokhu, wathi kubo: “Kungani niphikisana ngokungabi kwenu nezinkwa na?+ Ingabe anikaqondi futhi anikayitholi incazelo? Ingabe izinhliziyo zenu zibuthuntu ekuqondeni?+
18 ‘Nakuba ninamehlo, aniboni yini; futhi nakuba ninezindlebe, anizwa yini?’+ Anisakhumbuli yini ukuthi,
19 ngesikhathi ngihlephulela amadoda ayizinkulungwane ezinhlanu izinkwa ezinhlanu,+ nabutha izingcezwana ezagcwala obhasikidi abangaki?” Bathi kuye: “Abayishumi nambili.”+
20 “Lapho ngihlephulela amadoda ayizinkulungwane ezine izinkwa eziyisikhombisa, nabutha izingcezwana ezagcwala obhasikidi abangaki bomphako?” Bathi kuye: “Abayisikhombisa.”+
21 Ngemva kwalokho wathi kubo: “Ingabe anikayitholi incazelo namanje?”+
22 Manje bamisa eBhetsayida. Lapha abantu baletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayithinte.+
23 Wayibamba le mpumputhe ngesandla, wayikhiphela ngaphandle komzana, esephimisele amathe+ emehlweni ayo, wayibeka izandla wayibuza wathi: “Ingabe kukhona okubonayo?”
24 Lo muntu wabheka phezulu futhi wathi: “Ngibona abantu, ngoba ngibona okusengathi yizihlahla, kodwa kuyahambahamba.”
25 Khona-ke waphinda wabeka izandla zakhe emehlweni alo muntu, lo muntu wabona ngokucacile, waphila, futhi wayebona konke ngokugqamile.
26 Ngakho wamthumela ekhaya, wathi: “Kodwa ungangeni emzaneni.”+
27 UJesu nabafundi bakhe manje balibangisa emizaneni yaseKhesariya Filipi; endleleni wabuza abafundi bakhe, wathi kubo: “Abantu bathi ngingubani?”+
28 Bathi kuye: “Bathi unguJohane uMbhapathizi,+ abanye bathi ungu-Eliya,+ kanti abanye bathi ungoMunye wabaprofethi.”+
29 Wababuza nalo mbuzo: “Nina-ke nithi ngingubani?” UPetru ephendula wathi kuye: “UnguKristu.”+
30 Khona-ke wabadonsa ngendlebe ukuba bangatsheli muntu ngaye.+
31 Futhi, waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu kumelwe ihlupheke kakhulu, yaliwe amadoda amadala nabapristi abakhulu nababhali futhi ibulawe,+ bese ivuka ngemva kwezinsuku ezintathu.+
32 Ngempela lawo mazwi wayewasho ngokungagunci. Kodwa uPetru wambizela eceleni waqala ukumkhuza.+
33 Waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wakhuza uPetru, wathi: “Yana emva kwami, Sathane, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, ucabanga eyabantu.”+
34 Manje wabizela isixuku kuye kanye nabafundi bakhe wathi kubo: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.+
35 Ngoba noma ubani ofuna ukusindisa umphefumulo wakhe uyolahlekelwa yiwo; kodwa noma ubani olahlekelwa ngumphefumulo wakhe ngenxa yami nezindaba ezinhle, uyowusindisa.+
36 Ngempela, kunanzuzoni ukuba umuntu azuze izwe lonke kodwa alahlekelwe ngumphefumulo wakhe?+
37 Yini ngempela umuntu angayinikeza ukuze azuze umphefumulo wakhe?+
38 Ngoba noma ubani oba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesinesono, neNdodana yomuntu iyoba namahloni+ ngaye lapho ifika ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi ezingcwele.”+

