Marku 7:1-37
7 Manje abaFarisi nabanye bababhali ababevela eJerusalema babuthana kuye.+
2 Lapho bebona abanye kubafundi bakhe bedla ukudla kwabo ngezandla ezingcolile, okuwukuthi, ezingageziwe+—
3 ngoba abaFarisi nawo wonke amanye amaJuda abadli bengazigezanga izandla kuze kufike endololwaneni, bebambelela ngokuqinile esikweni lamadoda ezikhathi zangaphambili,
4 futhi, lapho bebuya esigcawini, abadli bengazihlanzanga ngokuzifafaza; futhi kukhona namanye amasiko+ amaningi abawamukele ababambelele ngokuqinile kuwo, ukucwilisa izindebe nezitsha zamanzi nezitsha zethusi;+—
5 ngakho laba baFarisi nababhali bambuza: “Kungani abafundi bakho bengaziphathi ngokwesiko lamadoda ezikhathi zangaphambili, kodwa bedla ngezandla ezingcolile?”+
6 Wathi kubo: “U-Isaya waprofetha ngokufanele ngani bazenzisi, njengoba kulotshiwe ukuthi,+ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa izinhliziyo zaso zikude nami.+
7 Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’+
8 Nibambelela ngokuqinile esikweni labantu, nibe niyeka umyalo kaNkulunkulu.”+
9 Futhi, waqhubeka wathi kubo: “Ngobuhlakani nibekela eceleni umyalo+ kaNkulunkulu ukuze nilondoloze isiko lenu.
10 Ngokwesibonelo, uMose wathi, ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’+ wathi futhi, ‘Othuka uyise noma unina makaphethe ngokufa.’+
11 Kodwa nina nithi, ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: “Noma yini enginayo ongasizakala ngayo iyikorbana,+ (okungukuthi, isipho esinikezelwe+ kuNkulunkulu,)”’—
12 nina madoda anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina ngisho nento eyodwa,+
13 kanjalo nilenza ize izwi likaNkulunkulu+ ngesiko lenu enilidlulisele. Nenza nezinye izinto eziningi+ ezifana nalezi.”
14 Ngakho, ephinda ebizela isixuku kuye, wathi kuso: “Ngilaleleni nonke, futhi nithole incazelo.+
15 Akukho lutho oluvela ngaphandle komuntu ludlulele ngaphakathi kuye olungamngcolisa; kodwa izinto eziphuma kumuntu yizo ezimngcolisayo umuntu.”+
16 ——
17 Manje lapho esengene endlini ethile kude nesixuku, abafundi bakhe bambuza ngokuqondene nalo mfanekiso.+
18 Ngakho wathi kubo: “Ingabe nani aniqondi njengabo?+ Aniqapheli yini ukuthi akukho lutho oluvela ngaphandle oludlulela ngaphakathi kumuntu olungamngcolisa,
19 njengoba lungadluleli enhliziyweni yakhe, kodwa emathunjini akhe, futhi ludlulele ngaphandle endaweni yokuchitha indle?”+ Kanjalo wathi konke ukudla kuhlanzekile.+
20 Ngaphezu kwalokho, wathi: “Lokho okuphuma kumuntu yikho okungcolisa umuntu;+
21 ngoba ngaphakathi, enhliziyweni yabantu,+ kuphuma imicabango emibi: ubufebe,+ ukweba, ukubulala,+
22 ukuphinga, ukukhanuka,+ izenzo zobubi, inkohliso, ukuziphatha okubi,+ iso elinomona, ukuhlambalaza, ukuzidla, ukungabi nangqondo.
23 Zonke lezi zinto ezimbi ziphuma ngaphakathi zimngcolise umuntu.”+
24 Ukusuka lapho wasukuma waya ezifundeni zaseThire naseSidoni.+ Wangena endlini ethile futhi wayengafuni ukuba kwazi muntu. Nokho akakwazanga ukugwema ukuqashelwa;+
25 kodwa masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane yayinomoya ongcolile wezwa ngaye futhi weza wawela ezinyaweni zakhe.+
26 Lona wesifazane wayengowozalo lwamaGreki, engumSirofenike ngobuzwe; wamcela ukuba axoshe idemoni endodakazini yakhe.+
27 Kodwa waqala ngokuthi kuye: “Makwaneliseke abantwana kuqala, ngoba akulungile ukuthatha isinkwa sabantwana+ usiphonse ezinjaneni.”+
28 Nokho, ephendula, wathi kuye: “Yebo, mnumzane, kodwa nokho izinjana ezingaphansi kwetafula zidla izimvuthuluka+ eziwa kubantwanyana.”+
29 Khona-ke wathi kuye: “Ngenxa yokusho lokhu, hamba; idemoni liphumile endodakazini yakho.”+
30 Ngakho wahamba waya ekhaya wathola+ umntwana ebekwe embhedeni, idemoni liphumile.
31 Manje ebuya ephuma ezifundeni zaseThire wadabula eSidoni waya olwandle lwaseGalile wanyuka wadabula ezifundeni zaseDekapholi.+
32 Lapha baletha kuye umuntu oyisithulu futhi enamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwakhe.+
33 Wamsusa esixukwini waya naye ngasese, wafaka iminwe ezindlebeni zalo muntu, kwathi esephimise amathe, wamthinta ulimi.+
34 Ebheka phezulu ezulwini+ wabubula+ kakhulu wathi kuye: “Efufatha,” okuwukuthi, “Vuleka.”
35 Izindlebe zakhe zavuleka,+ nolimi lwakhe lwakhululeka, wakhuluma ngendlela evamile.
36 Ngemva kwalokho wabayala ukuba bangatsheli muntu;+ kodwa lapho ebayala kakhulu, yilapho babekumemezela nakakhulu.+
37 Ngempela, babekhexe+ ngendlela engaphezulu kakhulu kwevamile futhi bathi: “Wenzé zonke izinto kahle. Wenza ngisho nezithulu zizwe nabangakhulumi bakhulume.”+

