Marku 3:1-35
3 Waphinde wangena esinagogeni, lapho kwakukhona umuntu onesandla esishwabene.+
2 Ngakho babembukisisa ukuze babone ukuthi uzomelapha yini lo muntu ngesabatha, ukuze bambeke icala.+
3 Wathi kulo muntu onesandla esishwabene: “Sukuma uze phakathi nendawo.”
4 Ngokulandelayo wathi kubo: “Ingabe kungokomthetho ukwenza isenzo esihle noma ukwenza isenzo esibi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala umphefumulo?”+ Kodwa bathula.
5 Ngemva kokubaqalaza ethukuthele, elusizi impela ngenxa yokungazweli kwezinhliziyo zabo,+ wathi kulo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, isandla sakhe saphila.+
6 Khona-ke abaFarisi baphuma futhi masinyane baqala ukucebisana ngaye namalungu eqembu likaHerode,+ ukuze bambulale.+
7 Kodwa uJesu kanye nabafundi bakhe basuka baya olwandle; futhi uquqaba oluvela eGalile naseJudiya lwamlandela.+
8 Lapho bezwa ukuthi zingakanani izinto ayezenza, kweza kuye ngisho nabavela eJerusalema nase-Idumiya nangaphesheya kweJordani nasemaphethelweni eThire+ neSidoni, uquqaba olukhulu.
9 Watshela abafundi bakhe ukuba bahlale benesikebhe esincane angasisebenzisa ukuze isixuku singamcindezeli.
10 Welapha abaningi, kangangokuba bonke ababenezifo ezimbi babewela phezu kwakhe ukuze bamthinte.+
11 Ngisho nemimoya engcolile,+ noma nini lapho imbona, yayiziwisa phansi phambi kwakhe, ikhamuluke, ithi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”+
12 Kodwa wayeyidonsa ngendlebe ukuba ingamenzi aziwe.+
13 Wanyuka intaba wabiza labo abafunayo,+ baya kuye.+
14 Wakha iqembu labayishumi nambili, aliqamba nangokuthi “abaphostoli,” ukuze baqhubeke benaye futhi abathume ukuba bayoshumayela,+
15 babenanegunya lokuxosha amademoni.+
16 Leli qembu alakha labayishumi nambili kwakunguSimoni, amnika futhi isibongo esithi Petru,+
17 noJakobe indodana kaZebedewu noJohane umfowabo kaJakobe+ (nalaba wabanika isibongo esithi Bowanergesi, okusho ukuthi amaDodana Okuduma),
18 no-Andreya noFiliphu noBartolomewu noMathewu noTomase noJakobe indodana ka-Alfewu noThadewu noSimoni umKhanana
19 noJuda Iskariyothe, lowo kamuva owamkhaphela.+
Wangena endlini ethile.
20 Isixuku saphinde sabuthana, kangangokuthi babengakwazi ngisho nokudla ukudla.+
21 Kodwa lapho izihlobo+ zakhe zizwa ngakho, zaphuma ukuze ziyombamba, ngoba zazithi: “Uyahlanya.”+
22 Ababhali ababehle bevela eJerusalema babethi: “UnoBhelizebhubhe, uxosha amademoni ngombusi wamademoni.”+
23 Ngakho, ngemva kokubabiza, wasebenzisa imifanekiso wathi kubo: “USathane angamxosha kanjani uSathane?
24 Phela, uma umbuso uhlukana wodwa, lowo mbuso awunakuma;+
25 nendlu, uma ihlukana yodwa, leyo ndlu ngeke ikwazi ukuma.+
26 Futhi, uma uSathane ezivukele yena futhi wahlukana, akanakuma, kodwa usezofika ekupheleni.+
27 Eqinisweni, akekho ongena endlini yomuntu onamandla okwaziyo ukuphanga+ izimpahla zakhe ngaphandle kokuba abophe lowo muntu onamandla kuqala, khona-ke uyobe esephanga indlu yakhe.+
28 Ngiqinisile ngithi kini amadodana abantu ayothethelelwa zonke izinto, kungakhathaliseki ukuthi iziphi izono namahlazo awenza ngokuhlambalaza.+
29 Nokho, noma ubani ohlambalaza umoya ongcwele akanayo intethelelo kuze kube phakade, kodwa unecala lesono saphakade.”+
30 Lokhu wakusho ngenxa yokuthi babethi: “Unomoya ongcolile.”+
31 Manje unina nabafowabo+ beza, futhi, njengoba babemi ngaphandle, bathumela ukuba abizwe.+
32 Ngaleso sikhathi, isixuku sasihlezi simngungile, ngakho sathi kuye: “Bheka! Unyoko nabafowenu ngaphandle bayakufuna.”+
33 Kodwa ephendula wathi kubo: “Ubani ongumama nabafowethu na?”+
34 Futhi ngemva kokuqalaza labo ababehlezi bemzungezile, wathi: “Bhekani, umama nabafowethu!+
35 Noma ubani owenza intando kaNkulunkulu, lowo ungumfowethu nodadewethu nomama.”+

