Marku 2:1-28
2 Nokho, ngemva kwezinsuku ezithile waphinde wangena eKapernawume, kwabikwa ukuthi ukhona ekhaya.+
2 Ngenxa yalokho kwabuthana abaningi, kangangokuthi indawo yayingasekho, ngisho nangasemnyango, waqala ukukhuluma izwi+ kubo.
3 Kweza amadoda elethe kuye ofé uhlangothi ethwelwe ngamane.+
4 Kodwa njengoba ayengakwazi ukufika naye kuJesu ngenxa yesixuku, asusa uphahla ngaphezu kwalapho ayekhona, kwathi lapho esembile avula imbobo, alwehlisa uhlaka okwakulele kulo ofé uhlangothi.+
5 Lapho uJesu ebona ukholo+ lwawo wathi kofé uhlangothi: “Mntwana, izono zakho zithethelelwe.”+
6 Kwakukhona abanye bababhali lapho, behlezi bezindla ezinhliziyweni zabo:+
7 “Kungani lo muntu ekhuluma ngale ndlela? Uyahlambalaza. Ubani ongathethelela izono ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu?”+
8 Kodwa uJesu, eseqonde masinyane ngomoya wakhe ukuthi babezindla ngaleyo ndlela ngaphakathi kubo, wathi kubo: “Kungani nizindla ngalezi zinto ezinhliziyweni zenu?+
9 Yikuphi okulula, ukuthi kofé uhlangothi, ‘Izono zakho zithethelelwe,’ noma ukuthi, ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho uhambe’?+
10 Kodwa ukuze nazi nina madoda ukuthi iNdodana yomuntu+ inegunya lokuthethelela izono emhlabeni,”+—wathi kofé uhlangothi:
11 “Ngithi kuwe, Vuka, thatha uhlaka lwakho, ugoduke.”+
12 Nembala wavuka, waluthatha masinyane uhlaka lwakhe waphuma phambi kwabo bonke,+ bonke bamane bathatheka, bakhazimulisa uNkulunkulu, bethi: “Asikaze sikubone okunje.”+
13 Waphinde waphuma waya eceleni kolwandle; sonke isixuku sasilokhu sizile kuye, wasifundisa.
14 Kodwa njengoba edlula, wabona uLevi+ indodana ka-Alfewu ehlezi ehhovisi lentela, wathi kuye: “Yiba umlandeli wami.” Wasukuma, wamlandela.+
15 Kamuva wayehlezi etafuleni endlini yakhe, abathelisi+ abaningi nezoni babehlezi kanye noJesu nabafundi bakhe, ngoba babebaningi futhi baqala ukumlandela.+
16 Kodwa ababhali babaFarisi, lapho bebona ukuthi wayedla nezoni nabathelisi, bathi kubafundi bakhe: “Ingabe udla nabathelisi nezoni?”+
17 Lapho ezwa lokhu uJesu wathi kubo: “Abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa abagulayo bayamdinga. Ngizelé ukuzobiza izoni,+ hhayi abantu abalungileyo.”
18 Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla. Ngakho beza bathi kuye: “Kungani abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bezila ukudla, kodwa abafundi bakho bengakuzili, na?”+
19 UJesu wathi kubo: “Lapho umkhwenyana esenabo, abangane bomkhwenyana abakwazi ukuzila ukudla,+ akunjalo? Uma nje besekanye naye umkhwenyana abakwazi ukuzila ukudla.+
20 Kodwa kuyofika izinsuku lapho umkhwenyana eyosuswa kubo, khona-ke bayokuzila ukudla ngalolo suku.+
21 Akekho umuntu othungela isichibi sendwangu entsha phezu kwengubo yangaphandle endala; uma enza kanjalo, amandla aso agcwele ayasidonsa, esisha sisuke kwendala, ukudabuka kube kubi kakhulu.+
22 Futhi, akekho umuntu ofaka iwayini elisha ezingqalathini zewayini ezindala; uma enza kanjalo, iwayini liyaziqhumisa izingqalathi, alahlekelwe yiwayini kanye nezingqalathi.+ Kodwa abantu bafaka iwayini elisha ezingqalathini zewayini ezintsha.”+
23 Kwathi edabula emasimini ngesabatha, abafundi bakhe babehamba bekha+ izikhwebu.+
24 Ngakho abaFarisi bathi kuye: “Bheka lapha! Kungani benza okungavunyelwe umthetho ngesabatha?”+
25 Kodwa wathi kubo: “Ingabe anikaze nakanye nifunde ngalokho uDavide+ akwenza lapho eswele futhi elambile, yena namadoda ayenaye?+
26 Indlela angena ngayo endlini kaNkulunkulu, endabeni ephathelene no-Abhiyathara+ umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa,+ umthetho+ ongavumeli noma ubani ukuba azidle ngaphandle kwabapristi, futhi ezinye wazinika amadoda ayenaye?”+
27 Ngakho waqhubeka wathi kubo: “Isabatha laba khona ngenxa yomuntu,+ umuntu akabanga khona ngenxa yesabatha;+
28 ngakho iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho neyesabatha.”+

