Marku 15:1-47
15 Masinyane ekuntweleni kokusa abapristi abakhulu kanye namadoda amadala nababhali, nayo yonke iSanhedrini, babonisana,+ bambopha uJesu bamuka naye bamnikela kuPilatu.+
2 Ngakho uPilatu wambuza lo mbuzo: “Ingabe uyiyo inkosi+ yamaJuda?” Emphendula wathi: “Wena ngokwakho uyasho.”+
3 Kodwa abapristi abakhulu bambeka icala ngezinto eziningi.+
4 Manje uPilatu wambuza futhi, ethi: “Ingabe awunayo impendulo?+ Bheka ukuthi maningi kangakanani amacala abakumangalela ngawo.”+
5 Kodwa uJesu akabange esaphendula, uPilatu wamangala.+
6 Umkhosi nomkhosi wayevame ukubakhululela isiboshwa esisodwa, ababesicela.+
7 Ngaleso sikhathi kwakunalowo okwakuthiwa uBharaba eboshwe kanye namavukela-mbuso, okwakuthe ekuvukeleni kwawo umbuso abulala.+
8 Ngakho isixuku sakhuphuka saqala ukunxusa ngokwalokho ayevame ukusenzela kona.
9 UPilatu wasiphendula, wathi: “Ingabe nifuna nginikhululele inkosi yamaJuda?”+
10 Ngoba wayeqaphela ukuthi abapristi abakhulu babemnikele+ ngenxa yomona.+
11 Kodwa abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba kunalokho simenze asikhululele uBharaba.+
12 UPilatu ephendula waphinde wathi kuso: “Khona-ke, ngizokwenzenjani ngalowo enimbiza ngokuthi inkosi+ yamaJuda?”+
13 Saphinda futhi sakhamuluka: “Mbethele!”+
14 Kodwa uPilatu waqhubeka wathi kuso: “Ngasizathu sini, yini embi ayenzile?” Noma kunjalo sakhamuluka kakhulu nangokwengeziwe sithi: “Mbethele!”+
15 Khona-ke uPilatu, efisa ukwanelisa isixuku,+ wasikhululela uBharaba, ngemva kokuyala ukuba uJesu abhaxabulwe, wamnikela ukuba abethelwe.+
16 Amasosha manje amyisa egcekeni, okuwukuthi, esigodlweni sombusi; abizela ndawonye wonke amabutho,+
17 amvunulisa ngokunsomi futhi aluka umqhele wameva amthwesa wona.+
18 Ambingelela ethi: “Sawubona,+ wena Nkosi yamaJuda!”
19 Amshaya ekhanda ngomhlanga, emkhafulela, futhi aguqa ngamadolo, emkhothamela.+
20 Ekugcineni, lapho esehlekise ngaye, amhlubula okunsomi amgqokisa izingubo zakhe zangaphandle. Amyisa ngaphandle ukuba ayombethela.+
21 Acindezela umuntu othile owayedlula, uSimoni othile waseKhurene, owayevela emaphandleni, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba akhonze ngokumthwalela isigxobo sakhe sokuhlushwa.+
22 Ngakho amyisa endaweni okuthiwa i-Golgotha, okusho ukuthi, uma kuhunyushwa, iNdawo Yogebhezi.+
23 Lapha azama ukumnika iwayini elifakwe isidakamizwa semure,+ kodwa akaliphuzanga.+
24 Ambethela futhi aba izingubo zakhe zangaphandle+ ngenkatho ngokuqondene nokuthi ubani othatha ini.+
25 Manje kwase kuyihora lesithathu,+ ambethela.
26 Umbhalo oqoshiwe wecala+ ayebekwe lona wawulotshwe ngenhla uthi, “INkosi YamaJuda.”+
27 Ngaphezu kwalokho, abethela abaphangi ababili kanye naye, omunye ngakwesokunene sakhe omunye ngakwesobunxele sakhe.+
28 ——
29 Abadlulayo babemthuka,+ benikina amakhanda bethi: “Klibhi! Wena owawuzoba umdilizi wethempeli nomakhi walo esikhathini esiyizinsuku ezintathu,+
30 zisindise ngokwehla esigxotsheni sokuhlushwa.”+
31 Ngendlela efanayo nabapristi abakhulu nababhali babehlekisa ngaye phakathi kwabo bethi: “Abanye wabasindisa; yena ngokwakhe akakwazi ukuzisindisa!+
32 UKristu iNkosi yakwa-Israyeli makehle manje esigxotsheni sokuhlushwa, ukuze sibone futhi sikholwe.”+ Ngisho nalabo ababebethelwe kanye naye babemhlambalaza.+
33 Lapho kuba yihora lesithupha, izwe lonke lehlelwa ubumnyama kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.+
34 Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okusho ukuthi, uma kuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”+
35 Abanye kwababemi eduze, lapho bekuzwa, bathi: “Bhekani! Ubiza u-Eliya.”+
36 Kodwa othile wagijima, wamanzisa isiponji ngewayini elimuncu, wasihloma emhlangeni, wamphuzisa,+ ethi: “Myekeni! Make sibone ukuthi u-Eliya uyeza yini ukuzomehlisa.”+
37 Kodwa uJesu wakhamuluka kakhulu wafa.+
38 Isihenqo+ sendlu engcwele sadabuka saba yizingxenye ezimbili kusukela phezulu kuya phansi.+
39 Lapho isikhulu sebutho esasimi lapho sikwazi khona ukumbona sibona ukuthi ufe ngaphansi kwalezi zimo, sathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”+
40 Kwakukhona nabesifazane ababebukele bekude,+ phakathi kwabo kunoMariya Magdalena kanye noMariya unina kaJakobe Omncane noJose, noSalome,+
41 ababevame ukuhambisana naye+ futhi bamkhonze lapho eseGalile, nabanye besifazane abaningi ababekhuphuke kanye naye beza eJerusalema.+
42 Manje njengoba kakade kwase kuntambama kakhulu, futhi njengoba kwakuwukuLungiselela, okuwukuthi, usuku lwangaphambi kwesabatha,
43 kweza uJosefa wase-Arimatheya, ilungu loMkhandlu elinedumela elihle, naye ngokwakhe owayelindele umbuso kaNkulunkulu.+ Waqunga isibindi sokungena phambi kukaPilatu wacela isidumbu+ sikaJesu.
44 Kodwa uPilatu wazibuza ukuthi wayesefile yini, wayesebiza isikhulu sebutho, wasibuza ukuthi wayesefile yini.
45 Ngakho ngemva kokuqinisekisa esikhulwini sebutho, wamnika uJosefa isidumbu.+
46 Wathenga ilineni elicolekileyo wamehlisa, wamsonga ngalelo lineni elicolekileyo wambeka+ ethuneni+ elaliqoshwe edwaleni; futhi wagingqa itshe laze layofika emnyango wethuna.+
47 Kodwa uMariya Magdalena noMariya unina kaJose babelokhu bebheke lapho ayebekwe khona.+

