Marku 14:1-72
14 Manje iphasika+ nomkhosi+ wamaqebelengwane angenamvubelo kwakuzoba khona ngemva kwezinsuku ezimbili.+ Abapristi abakhulu nababhali babefuna iqhinga lokumbamba bambulale;+
2 ngoba babelokhu bethi: “Kungabi ngomkhosi; funa abantu basuse isiyaluyalu.”+
3 Ngesikhathi eseBhethaniya endlini kaSimoni onochoko,+ njengoba ehlezi ekudleni, owesifazane othile weza nomfuma we-alabhaste wamafutha anamakha, abiza kakhulu, inadi loqobo. Evula umfuma we-alabhaste ngokuwuphula wawathela ekhanda lakhe.+
4 Kukhona abanye kubo abathukuthela ngalokhu: “Kungani esaphazwa la mafutha anamakha?+
5 Ngoba la mafutha anamakha ngabe ethengiswe ngodenariyu abangaphezu kwamakhulu amathathu baphiwa abampofu!” Bamcasukela kakhulu.+
6 Kodwa uJesu wathi: “Myekeni. Kungani nizama ukumkhathaza? Wenze isenzo esihle kimi.+
7 Ngoba abampofu+ ninabo ngaso sonke isikhathi, futhi noma nini lapho nifuna ningabenzela okuhle ngaso sonke isikhathi, kodwa mina aninami ngaso sonke isikhathi.+
8 Wenze abengakwenza; uthathe kusengaphambili umsebenzi wokuqhola umzimba wami ngamafutha anamakha ecabangela ukungcwatshwa kwami.+
9 Ngiqinisile ngithi kini, Nomaphi lapho izindaba ezinhle zishunyayelwa khona ezweni lonke,+ lokho lona wesifazane akwenzile nakho kuyokhulunywa ngakho njengesikhumbuzo sakhe.”+
10 UJuda Iskariyothe, omunye kwabayishumi nambili, waya kubapristi abakhulu ukuze amkhaphele kubo.+
11 Lapho bekuzwa lokhu, bajabula bathembisa ukumnika imali yesiliva.+ Ngakho wafuna indlela angamkhaphela ngayo ngethuba elikahle.+
12 Manje ngosuku lokuqala lwamaqebelengwane angenamvubelo,+ lapho benza umhlatshelo wephasika njengokujwayelekile, abafundi bakhe+ bathi kuye: “Ufuna siyokulungiselaphi ukuba udle iphasika?”+
13 Ngemva kwalokho wathuma ababili kubafundi bakhe wathi kubo: “Ngenani emzini; nizohlangana nendoda ethwele imbiza yamanzi.+ Niyilandele,
14 nomaphi lapho ingena khona nithi kumninindlu, ‘UMfundisi uthi: “Liphi ikamelo lezimenywa lapho ngingadlela khona iphasika+ nabafundi bami?”’+
15 Uzonibonisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elilungiswe ngempahla yasendlini; nisilungiselele khona.”+
16 Ngakho abafundi baphuma, bangena emzini futhi bathola kunjengoba nje eshilo kubo; balungiselela iphasika.+
17 Sekuhlwile, weza nabayishumi nambili.+
18 Njengoba behlezi etafuleni bedla, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini, Omunye kini, odla kanye nami,+ uzongikhaphela.”+
19 Baqala ukuba lusizi, bathi kuye ngamunye ngamunye: “Akumina, akunjalo?”+
20 Wathi kubo: “Ngomunye wabayishumi nambili, ogcobhoza esitsheni sinye+ kanye nami.
21 Yiqiniso, iNdodana yomuntu iyahamba, njengoba nje kulotshiwe ngokuphathelene nayo, kodwa maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyoba kuhle kakhulu ngalowo muntu ukube wayengazalwanga.”+
22 Njengoba bedla, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula wabanika sona, wathi: “Thathani, lokhu kusho umzimba wami.”+
23 Ethatha indebe, wabonga wabanika yona, bonke baphuza kuyo.+
24 Futhi wathi kubo: “Lokhu kusho ‘igazi’+ lami ‘lesivumelwano,’+ elizothululwa+ ngenxa yabaningi.+
25 Ngiqinisile ngithi kini, angisoze ngiphinde futhi ngiphuze umkhiqizo womvini kuze kube yilolo suku lapho ngiwuphuza umusha embusweni kaNkulunkulu.”+
26 Ekugcineni, ngemva kokuhlabelela izindumiso,+ baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.+
27 UJesu wathi futhi kubo: “Nonke nizokhubeka, ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘Ngizoshaya umalusi,+ izimvu zihlakazeke.’+
28 Kodwa ngemva kokuba sengivusiwe ngizonandulela ngiye eGalile.”+
29 Kodwa uPetru wathi kuye: “Ngisho noma bonke abanye bekhubeka, nokho mina ngeke.”+
30 Khona-ke uJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe, Wena namuhla, yebo, kulobu busuku, ngaphambi kokuba iqhude likhale kabili, yebo wena uzongiphika kathathu.”+
31 Kodwa waphikelela ethi: “Ngisho noma kungadingeka ngife kanye nawe, angisoze ngakuphika.” Bonke abanye basho into efanayo.+
32 Babe sebefika endaweni okuthiwa iGetsemane, wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha phansi ngesikhathi ngisathandaza.”+
33 Wathatha uPetru noJakobe noJohane+ wahamba nabo, waqala ukushaqeka nokukhathazeka kakhulu.+
34 Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu,+ kuze kube sekufeni. Hlalani lapha nilinde.”+
35 Eya phambili kancane wawela emhlabathini wathandazela ukuba lelo hora lidlule kuye,+ uma kungenzeka.
36 Futhi waqhubeka wathi, “Abha, Baba,+ zonke izinto zingenzeka kuwe; susa le ndebe kimi. Nokho kungabi yilokho okufunwa yimi, kodwa kube yilokho okufunwa nguwe.”+
37 Weza wabathola belele, wathi kuPetru: “Simoni, ulele na? Awubanga nawo yini amandla okuhlala ulindile ihora elilodwa?+
38 Madoda, hlalani nilindile futhi nithandaza,+ ukuze ningangeni esilingweni. Yebo, umoya uzimisele, kodwa inyama ibuthakathaka.”+
39 Waphinda wahamba wathandaza, esho okufanayo.+
40 Waphinda futhi weza wabathola belele, ngoba amehlo abo ayesinda, ngakho abazanga ukuthi bamphendule bathini.+
41 Weza futhi okwesithathu wathi kubo: “Esikhathini esinjengalesi nilele niphumule! Kwanele! Ihora selifikile!+ Bhekani! INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zezoni.+
42 Sukumani, masihambe.+ Bhekani! Ongikhaphelayo usesondele.”+
43 Masinyane, esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, ekanye nesixuku siphethe izinkemba nezagila sivela kubapristi abakhulu nababhali namadoda amadala.+
44 Umkhapheli wakhe wayebanike isibonakaliso ababevumelene ngaso, ethi: “Lowo engimangayo, nguye; mbambeni nimuke naye ngokuphepha.”+
45 Wasondela waqonda ngqo kuye wathi: “Rabi!” wamanga+ ngobumnene obukhulu.
46 Ngakho bambamba.+
47 Nokho, othile kwababemi lapho wahosha inkemba yakhe wagalela encekwini yompristi ophakeme wayisusa indlebe.+
48 Kodwa uJesu esabela kulokho wathi kubo: “Ingabe niphumele ukuzobopha mina niphethe izinkemba nezagila njengokungathi nizobhekana nomphangi?+
49 Usuku nosuku benginani ethempelini ngifundisa,+ kodwa aningibambanga. Noma kunjalo, kungenjongo yokuba kugcwaliseke+ imiBhalo.”+
50 Bonke bamshiya+ babaleka.+
51 Kodwa insizwa ethile eyayembethe ingubo yelineni elicolekileyo emzimbeni wayo onqunu yamlandela; futhi bazama ukuyibamba,+
52 kodwa yashiya ingubo yayo yelineni ngemuva yabaleka inqunu.
53 Manje uJesu bamyisa kumpristi ophakeme, futhi bonke abapristi abakhulu namadoda amadala nababhali bahlangana.+
54 Kodwa uPetru, ekujana impela, wamlandela+ waze wafika egcekeni lompristi ophakeme; futhi wayehlezi nezikhonzi zasendlini otha umlilo omkhulu.
55 Phakathi naleso sikhathi abapristi abakhulu nayo yonke iSanhedrini babefuna ubufakazi obumelene noJesu ukuze bambulale,+ kodwa ababutholanga.+
56 Ngempela abaningi babenikeza ubufakazi obungamanga ngaye,+ kodwa ubufakazi babo babungavumelani.+
57 Abathile babesukuma bafakaze amanga ngaye, bathi:
58 “Samuzwa ethi, ‘Ngizodiliza leli thempeli elenziwa ngezandla futhi ngezinsuku ezintathu ngakhe elinye elingenziwanga ngezandla.’”+
59 Kodwa nangalezi zizathu ubufakazi babo babungavumelani.
60 Ekugcineni umpristi ophakeme wasukuma phakathi kwabo wabuza uJesu, wathi: “Awuphenduli ngalutho na? Kuyini lokhu laba abakufakaza ngawe?”+
61 Kodwa wayelokhu ethule futhi akazange aphendule nhlobo.+ Umpristi ophakeme waphinda futhi wambuza wathi kuye: “Ingabe unguKristu iNdodana yoTusekayo?”+
62 Khona-ke uJesu wathi: “Nginguye; futhi nina bantu nizobona iNdodana yomuntu+ ihlezi ngakwesokunene+ samandla iza namafu ezulu.”+
63 Khona-ke umpristi ophakeme waklebhula izingubo zakhe zangaphansi+ wathi: “Sisabadingelani ofakazi?+
64 Nikuzwile ukuhlambalaza.+ Yini esobala kini?” Bonke bamlahla ngecala bethi ufanelwe ukufa.
65 Abanye baqala ukumkhafulela+ bamboza bonke ubuso bakhe bamshaya nangezibhakela bethi kuye: “Profetha!” Izikhonzi zasenkantolo zamthatha, zimshaya ngezimpama.+
66 Ngesikhathi uPetru engaphansi egcekeni, enye yamantombazane ayizincekukazi zompristi ophakeme yeza,+
67 kwathi ibona uPetru otha, yamgqolozela yathi: “Nawe futhi, ubunalo mNazaretha, lo Jesu.”+
68 Kodwa waphika, wathi: “Angimazi futhi angikuqondi okushoyo,” waphumela ngaphandle egumeni.+
69 Lapho intombazane eyincekukazi imbona, yaqala futhi ukuthi kulabo ababemi lapho: “Lona ngomunye wabo.”+
70 Waphinde waphika. Kwaphinda futhi ngemva kwesikhashana, labo ababemi lapho bathi kuPetru: “Ngokuqinisekile ungomunye wabo, ngoba, eqinisweni, ungowaseGalile.”+
71 Kodwa waqala ukuqalekisa nokufunga ethi:+ “Angimazi lo muntu enikhuluma ngaye.”+
72 Masinyane iqhude lakhala okwesibili;+ uPetru wakhumbula izwi uJesu ayelikhulume kuye lokuthi: “Ngaphambi kokuba iqhude likhale kabili, uzongiphika kathathu.”+ Waqhumuka wakhala.+

