Marku 11:1-33
11 Manje lapho sebesondela eJerusalema, eBhetfage naseBhethaniya+ eNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe+
2 wathi kubo: “Ngenani emzaneni obhekene nani, lapho nje seningene ngaphakathi kuwo nizothola ithole lembongolo likhulekiwe, okungekho muntu osewake wahlala phezu kwalo; nilithukulule nililethe.+
3 Uma kuba khona othi kini, ‘Nikwenzelani lokhu?’ nithi, ‘INkosi iyalidinga, izolibuyisa ngokushesha.’”+
4 Ngakho bahamba futhi balithola ithole lembongolo likhulekiwe emnyango, ngaphandle emgwaqweni oseceleni, balithukulula.+
5 Kodwa abanye kulabo ababemi lapho bathi kubo: “Nenzani nithukulula ithole lembongolo?”+
6 Babaphendula njengoba nje uJesu ayeshilo; babayeka.+
7 Baliletha kuJesu lelo thole lembongolo,+ bendlala izingubo zabo zangaphandle kulo, wahlala phezu kwalo.+
8 Futhi, abaningi bendlala izingubo zabo zangaphandle+ endleleni, kodwa abanye bagawula amahlamvu+ esigangeni.+
9 Ababehamba phambili nalabo ababeza ngemuva babelokhu bememeza bethi: “Siyanxusa, sindisa!+ Ubusisiwe oza egameni likaJehova!+
10 Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide!+ Siyanxusa, sindisa, ezindaweni eziphakeme phezulu!”
11 Wangena eJerusalema, ethempelini; waqalaza zonke izinto, futhi, njengoba isikhathi sase sihambile kakade, waphuma waya eBhethaniya kanye nabayishumi nambili.+
12 Ngosuku olulandelayo, sebephumile eBhethaniya, walamba.+
13 Ekude wabona umkhiwane owawunamaqabunga, wahamba eyobona ukuthi wayengethole yini okuthile kuwo. Kodwa, lapho efika kuwo, akatholanga lutho ngaphandle kwamaqabunga, ngoba kwakungeyona inkathi yamakhiwane.+
14 Ngakho, ngenxa yalokhu, wathi kuwo: “Makungabe kusadla muntu kuwe isithelo kuze kube phakade.”+ Abafundi bakhe babelalele.
15 Manje bafika eJerusalema. Lapho, wangena ethempelini waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, futhi wagumbuqela amatafula abashintshi bemali namabhentshi alabo abathengisa amajuba;+
16 engavumeli muntu ukuba athwale isitsha anqamule naso ethempelini,
17 kodwa waqhubeka efundisa ethi: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo+ yazo zonke izizwe’?+ Kodwa nina niyenzé umhume wabaphangi.”+
18 Abapristi abakhulu nababhali bakuzwa, bafuna indlela yokumbulala;+ phela babemesaba, ngoba sonke isixuku sasikhexa njalo ngokufundisa kwakhe.+
19 Kwathi lapho ilanga selishonile, baphuma emzini.
20 Kodwa lapho bedlula ekuseni kakhulu, babona umkhiwane usubunile kakade kusukela ezimpandeni.+
21 Ngakho uPetru, ewukhumbula, wathi kuye: “Rabi, bheka! umkhiwane owuqalekisile ubunile.”+
22 Ephendula uJesu wathi kubo: “Yibani nokholo kuNkulunkulu.
23 Ngiqinisile ngithi kini noma ubani othi kule ntaba, ‘Qukuleka uphonseke olwandle,’ futhi engangabazi enhliziyweni yakhe kodwa enokholo lokuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, kuyokwenzeka kanjalo kuye.+
24 Kungakho ngithi kini, Zonke izinto enizithandazelayo nenizicelayo yibani nokholo lokuthi senizamukele ngokoqobo, niyozithola.+
25 Futhi lapho nima nithandaza, thethelelani+ noma yini eninayo nganoma ubani; ukuze uYihlo osemazulwini anithethelele nani iziphambeko zenu.”+
26 ——
27 Baphinde bafika eJerusalema. Njengoba ehamba ethempelini, abapristi abakhulu nababhali namadoda amadala beza kuye+
28 bathi kuye: “Uzenza ngagunya lini lezi zinto? noma, ngubani okuniké leli gunya lokwenza lezi zinto?”+
29 UJesu wathi kubo: “Ngizonibuza umbuzo owodwa. Uma ningiphendula, nami ngizonitshela ukuthi ngizenza ngagunya lini lezi zinto.+
30 Ingabe ubhapathizo+ lukaJohane lwaluvela ezulwini noma lwaluvela kubantu? Ngiphenduleni.”+
31 Ngakho babonisana bodwa, bethi: “Uma sithi, ‘Ezulwini,’ uzothi, ‘Ngakho-ke, kungani ningamkholwanga?’+
32 Kodwa singalokotha yini sithi, ‘Kubantu’?”—Babesaba isixuku, ngoba sonke sasikholwa ukuthi uJohane ngempela wayengumprofethi.+
33 Bephendula uJesu bathi: “Asazi.” NoJesu wathi kubo: “Nami ngeke nginitshele ukuthi ngizenza ngagunya lini lezi zinto.”+