Marku 10:1-52
10 Ukusuka lapho wahamba futhi wafika emingceleni yaseJudiya ngaphesheya kweJordani, izixuku zaphinde zabuthana kuye, waphinde wazifundisa njengoba ayejwayele ukwenza.+
2 AbaFarisi manje basondela kuye, futhi ukuze bamvivinye, bambuza ukuthi kwakungokomthetho yini ukuba umuntu ahlukanise nomkakhe.+
3 Ephendula wathi kubo: “UMose waniyala wathini?”
4 Bathi: “UMose wakuvumela ukulotshwa kwencwadi yokumxosha nokuhlukanisa naye.”+
5 Kodwa uJesu wathi kubo: “Ngenxa yokucabangela ukuba lukhuni kwezinhliziyo zenu,+ wanilobela lowo myalo.
6 Nokho, kusukela ekuqaleni kwendalo ‘Wabenza kwaba owesilisa nowesifazane.+
7 Ngenxa yalokhu indoda iyoshiya uyise nonina,
8 futhi laba ababili bayoba nyamanye’;+ ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye.
9 Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akuhlanganisile makungahlukaniswa muntu.”+
10 Lapho sebesendlini futhi,+ abafundi baqala ukumbuza ngokuphathelene nalokhu.
11 Wathi kubo: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe ashade nomunye, uyaphinga,+
12 futhi uma kwenzeka owesifazane, ngemva kokuhlukanisa nomyeni wakhe, eshada nomunye, uyaphinga.”+
13 Manje abantu baletha abantwana kuye ukuze abathinte; kodwa abafundi babakhuza.+
14 Lapho ebona lokhu uJesu wathukuthela wathi kubo: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.+
15 Ngiqinisile ngithi kini, Noma ubani ongawamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana akasoze angena kuwo.”+
16 Wabasingatha abantwana wababusisa, ebabeka izandla.+
17 Njengoba ephuma ehamba, umuntu othile wagijima wawa ngamadolo phambi kwakhe wambuza lo mbuzo: “Mfundisi Omuhle, yini okumelwe ngiyenze ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?”+
18 UJesu wathi kuye: “Kungani ungibiza ngokuthi ngimuhle?+ Akekho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu.+
19 Uyayazi imiyalo ethi, ‘Ungabulali,+ Ungaphingi,+ Ungebi,+ Ungafakazi amanga,+ Ungaphambi,+ Hlonipha uyihlo nonyoko.’”+
20 Lo muntu wathi kuye: “Mfundisi, zonke lezi zinto ngizigcinile kusukela ebusheni bami.”
21 UJesu wambheka futhi wezwa emthanda wathi kuye: “Yinye into esele ngawe: Hamba, uthengise lokho onakho uphe abampofu, khona-ke uyoba nengcebo ezulwini, bese uza ube ngumlandeli wami.”+
22 Kodwa wadabuka ngenxa yalelo zwi futhi wahamba elusizi, ngoba wayenempahla eningi.+
23 Ngemva kokuqalaza, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Yeka ukuthi kuyoba yinto enzima kangakanani ngalabo abanemali+ ukungena embusweni kaNkulunkulu!”+
24 Kodwa la mazwi akhe abamangaza+ abafundi. Esabela kulokhu uJesu waphinde wathi kubo: “Bantwana, yeka ukuthi kuyinto enzima kangakanani ukungena embusweni kaNkulunkulu!
25 Kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.”+
26 Bakhexa nangokwengeziwe bathi kuye: “Eqinisweni, ubani ongasindiswa?”+
27 Ebabheka ngokuthé ngqo uJesu wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka, kodwa akunjalo kuNkulunkulu, ngoba zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.”+
28 UPetru wathi kuye: “Bheka! Sishiyé zonke izinto futhi besilokhu sikulandela.”+
29 UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini, Akekho oshiyé indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle+
30 ongeke athole ngokuphindwe ngekhulu+ manje kule nkathi yesikhathi, izindlu nabafowabo nodadewabo nonina nabantwana namasimu, kanye nokushushiswa,+ futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okuphakade.
31 Nokho, abaningi abangabokuqala bayoba abokugcina, abokugcina babe abokuqala.”+
32 Manje babenyuka ngendlela beya eJerusalema, uJesu ehamba phambi kwabo, futhi bamangala; kodwa labo ababelandela baqala ukwesaba. Waphinda wagudlukela eceleni nabayishumi nambili wabatshela lezi zinto okumelwe zimehlele:+
33 “Bhekani, sinyukela eJerusalema, futhi iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali; bazoyilahlela ekufeni bayinikele kubantu bezizwe,+
34 bahlekise ngayo bayikhafulele, bayibhaxabule futhi bayibulale, kodwa izovuka ngemva kwezinsuku ezintathu.”+
35 UJakobe noJohane, amadodana amabili kaZebedewu,+ beza kuye bathi kuye: “Mfundisi, sifuna ukuba usenzele noma ngabe yini esiyicelayo kuwe.”+
36 Wathi kubo: “Nifuna nginenzeleni?”
37 Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho omunye ngakwesobunxele sakho, enkazimulweni yakho.”+
38 Kodwa uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Niyakwazi yini ukuphuza indebe engiyiphuzayo, noma ukubhapathizwa ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo?”+
39 Bathi kuye: “Siyakwazi.” Khona-ke uJesu wathi kubo: “Indebe engiyiphuzayo niyoyiphuza, futhi niyobhapathizwa ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo.+
40 Nokho, lokhu kuhlala phansi ngakwesokunene sami noma ngakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho,+ kodwa kungokwalabo okulungiselelwe bona.”
41 Nokho, lapho abanye abayishumi bezwa ngakho, baqala ukubathukuthelela oJakobe noJohane.+
42 Kodwa uJesu, ngemva kokubabizela kuye, wathi kubo: “Niyazi ukuthi labo ababonakala bebusa izizwe bazenza izingqongqo phezu kwazo nabakhulu bazo basebenzisa igunya phezu kwazo.+
43 Akunjalo phakathi kwenu; kodwa noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu,+
44 futhi noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumelwe abe yinceku yabo bonke.+
45 Ngoba ngisho neNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa,+ kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo+ sabaningi.”+
46 Bafika eJeriko. Kodwa njengoba yena nabafundi bakhe nesixuku esikhulu bephuma eJeriko, uBartimewu (indodana kaThimewu), isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi eceleni kwendlela.+
47 Lapho ezwa ukuthi kwakunguJesu umNazaretha, waqala ukumemeza ethi: “Ndodana kaDavide,+ Jesu, ngihawukele!”+
48 Khona-ke abaningi bamthethisa bethi makathule; kodwa waqhubeka ememeza nakakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”+
49 Ngakho uJesu wema wathi: “Mbizeni.” Bayibiza le mpumputhe, bethi kuyo: “Yima isibindi, sukuma, uyakubiza.”+
50 Ilahla ingubo yayo yangaphandle, yagxuma yema ngezinyawo yaya kuJesu.
51 UJesu eyiphendula wathi: “Ufuna ngikwenzeleni?”+ Le mpumputhe yathi kuye: “Rabuni, mangiphinde ngibone.”+
52 UJesu wathi kuyo: “Hamba, ukholo lwakho lukuphilisile.”+ Ngokushesha yaphinde yabona,+ yabe isimlandela endleleni.+

