Luka 18:1-43
18 Khona-ke wabatshela umfanekiso ngokuqondene nesidingo sokuba bathandaze ngaso sonke isikhathi bangayeki,+
2 ethi: “Emzini othile kwakukhona umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu futhi engahloniphi muntu.
3 Kodwa kwakukhona umfelokazi kulowo muzi futhi wayelokhu eya+ kuye, ethi, ‘Bona ukuthi ngithola ubulungisa kumuntu ongimangalele.’
4 Nokho, isikhathi esithile wayengathandi, kodwa kamuva wathi ngaphakathi kuye, ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu futhi ngingahloniphi muntu,
5 ngenxa yokuqhubeka kwakhe lo mfelokazi engikhathaza,+ ngizobona ukuthi uyabuthola ubulungisa, ukuze angalokhu eza futhi angikhathaze+ ngize ngiphele.’”
6 Khona-ke iNkosi yathi: “Yizwani lokho umahluleli akusho, nakuba engalungile!
7 Khona-ke, ngokuqinisekile ngeke yini uNkulunkulu abangele ukuba benzelwe ubulungisa+ abantu bakhe abakhethiweyo abakhamuluka kuye imini nobusuku, ngisho noma ebabekezelela?+
8 Ngiyanitshela, Uyobangela ukuba benzelwe ubulungisa ngokushesha.+ Noma kunjalo, lapho iNdodana yomuntu ifika, ingabe ngempela iyoluthola ukholo emhlabeni?”
9 Kodwa yalandisa lo mfanekiso futhi kwabanye ababezithemba ukuthi balungile,+ bebheka bonke abanye njengabangelutho:+
10 “Abantu ababili bakhuphukela ethempelini beyothandaza, omunye engumFarisi omunye engumthelisi.
11 UmFarisi wema+ futhi wathandaza+ ethi ngaphakathi kuye ‘O Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuthi anginjengabo bonke abanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, ngisho nanjengalo mthelisi.+
12 Ngizila ukudla kabili ngesonto, nginikela okweshumi kwakho konke engikuzuzayo.’+
13 Kodwa umthelisi emi kude, engathandi ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ezulwini, wayelokhu eshaya isifuba+ sakhe, ethi, ‘O Nkulunkulu, yiba nomusa kimi mina soni.’+
14 Ngiyanitshela, Lo muntu wehlela kwakhe ebonakaliswe engolungile+ kunalowo muntu; ngoba wonke umuntu oziphakamisayo uyothotshiswa, kodwa lowo ozithobayo uyophakanyiswa.”+
15 Manje abantu bayilethela abantwana babo ukuze babathinte; kodwa lapho bekubona abafundi babakhuza.+
16 Nokho, uJesu wabizela abantwana kuye, ethi: “Bayekeni abantwana beze kimi, ningazami ukubavimba. Ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.+
17 Ngiqinisile ngithi kini, Noma ubani ongawamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana akasoze angena kuwo.”+
18 Umbusi othile wambuza, ethi: “Mfundisi Omuhle, kufanele ngenzeni ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?”+
19 UJesu wathi kuye: “Kungani ungibiza ngokuthi ngimuhle? Akekho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu.+
20 Uyayazi imiyalo+ ethi, ‘Ungaphingi,+ Ungabulali,+ Ungebi,+ Ungafakazi amanga,+ Hlonipha uyihlo nonyoko.’”+
21 Khona-ke wathi: “Yonke lena ngiyigcinile kwasebusheni kuqhubeke.”+
22 Ngemva kokuzwa lokho, uJesu wathi kuye: “Kusekhona into eyodwa entulekayo kuwe: Thengisa zonke izinto onazo wabele abantu abampofu, khona-ke uyoba nengcebo emazulwini; bese uza ube ngumlandeli wami.”+
23 Lapho ezwa lokhu, waba lusizi kakhulu, ngoba wayecebe kakhulu.+
24 UJesu wambheka wathi: “Yeka ukuthi kuyoba nzima kangakanani ngalabo abanemali ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!+
25 Eqinisweni, kulula ukuba ikamela lichushe entunjeni yenaliti yokuthunga kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.”+
26 Labo abezwa lokhu bathi: “Ubani okungenzeka asindiswe?”
27 Wathi: “Izinto ezingenakwenzeka kubantu zingenzeka kuNkulunkulu.”+
28 Kodwa uPetru wathi: “Bheka! Sizishiyile izinto zethu sakulandela.”+
29 Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini, Akekho oshiyé indlu noma umkakhe noma abafowabo noma abazali noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu+
30 ongeke nangayiphi indlela athole okuphindwe kaningi kule nkathi yesikhathi, futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okuphakade.”+
31 Khona-ke wagudlukela eceleni nabayishumi nambili wathi kubo: “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, futhi zonke izinto ezalotshwa ngokuqondene neNdodana yomuntu kusetshenziswa abaprofethi+ zizopheleliswa.+
32 Ngokwesibonelo, izonikelwa kubantu bezizwe futhi kuhlekiswe+ ngayo, yeyiswe+ futhi ikhafulelwe;+
33 ngemva kokuyibhaxabula+ bazoyibulala,+ kodwa izovuka ngosuku lwesithathu.”+
34 Nokho abayitholanga incazelo yanoma iyiphi yalezi zinto; kodwa la mazwi ayefihlekile kubo, futhi babengazazi izinto ezazishiwo.+
35 Njengoba esondela eJeriko impumputhe ethile yayihlezi eceleni kwendlela inxiba.+
36 Ngoba yayizwe isixuku sidlula yaqala ukubuza ukuthi lokhu kungase kube kusho ukuthini.
37 Bayibikela bathi: “Kudlula uJesu umNazaretha!”+
38 Khona-ke yamemeza, yathi: “Jesu, Ndodana kaDavide, yiba nesihe kimi!”+
39 Labo ababehamba phambili bayithethisa bethi mayithule, kodwa yaqhubeka imemeza nakakhulu, ithi: “Ndodana kaDavide, yiba nesihe kimi.”+
40 Khona-ke uJesu wema, wayala ukuba lo muntu aholelwe kuye.+ Ngemva kokuba esesondele, uJesu wambuza:
41 “Ufuna ngikwenzeleni?”+ Wathi: “Nkosi, mangiphinde ngibone.”+
42 Ngakho uJesu wathi kuye: “Phinda ubone; ukholo lwakho lukuphilisile.”+
43 Ngaso leso sikhathi waphinde wabona,+ waqala ukumlandela, ekhazimulisa uNkulunkulu.+ Futhi, bonke abantu, lapho bekubona, badumisa uNkulunkulu.