Jobe 27:1-23
27 UJobe waphinda futhi waphakamisa inkulumo yakhe eyisaga+ waqhubeka wathi:
2 “Kuphila kukaNkulunkulu,+ osuse ukwahlulelwa kwami,+Kuphila koMninimandla onke, owenze umphefumulo wami waba munyu,+
3 Lapho umoya engiwuphefumulayo usaphelele ngaphakathi kimi,Nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,+
4 Izindebe zami ngeke zikhulume ukungalungiNolimi lwami ngeke luvungazele inkohliso!
5 Kuyinto engacabangeki ukuba ngithi nilungile nina madoda!+Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami+ ngize ngiphangalale!
6 Ngibambelelé ekungabini nacala kwami, futhi ngeke ngikudedele;+Inhliziyo yami ngeke ingisole nganoma yiluphi lwezinsuku zami.+
7 Isitha sami masibe umuntu omubi ngazo zonke izindlela,+Nongivukelayo makabe umenzi wobubi ngempela.
8 Ngoba liyini ithemba lesihlubuki uma kwenzeka esinquma,+Uma kwenzeka uNkulunkulu ethatha umphefumulo waso kuso?+
9 Uyokuzwa yini uNkulunkulu ukukhala kwasoUma kwenzeka sehlelwa ukucindezeleka?+
10 Noma siyoyithola yini injabulo enkulu kuMninimandla onke?Siyombiza yini uNkulunkulu ngazo zonke izikhathi?
11 Ngizonifundisa nina madoda ngesandla sikaNkulunkulu;Ngeke ngikufihle lokho okukuMninimandla onke.+
12 Bheka! Nina nonke ngokwenu nibone imibono;Pho kungani nizibonisa niyize ngokuphelele?+
13 Lesi yisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu;+Futhi ifa lomashiqela bayolamukela kuMninimandla onke ngokwakhe.
14 Uma amadodana akhe anda, andela inkemba;+Nenzalo yakhe ngokwayo ngeke ibe nakho ukudla okwanele.
15 Abaseleyo bakhe bayongcwatshwa ngesikhathi sesifo esibulalayo,Nabafelokazi babo ngeke bakhale.+
16 Uma enganqwabelanisa isiliva njengothuli uqobo,Futhi engalungiselela isembatho njengokungathi ubumba,
17 Ubengalungiselela, kodwa olungile nguye obeyozembathisa,+Futhi omsulwa nguye obeyoba nesabelo esiliveni.
18 Wakhile indlu yakhe njengenundu nje,Nanjengedokodo+ elenziwe umlindi.
19 Uyolala ecebile, kodwa akukho lutho oluyobuthwa;Uwavulile amehlo akhe, kodwa ngeke kube nalutho.+
20 Izinto ezesabisayo ezingazelelwe ziyomfica njengamanzi;+Ngokuqinisekile isivunguvungu siyomeba ebusuku.
21 Umoya wasempumalanga uyomthwala+ uhambe naye amuke,Futhi uyombhengula umsuse endaweni yakhe.+
22 Uyozijikijela kuye ungabi nabubele;+Nakanjani uyozama ukubalekela amandla awo.+
23 Othile uyomshayela izandla+Futhi uyomshayela ikhwelo+ esendaweni yakhe.